Lululiwe uhlelo lokwehlisa izikweletu zezakhamuzi zikaMasipala waseThekwini

UKULEKELELA amakhasimende kaMasipala waseThekwini adonsa kanzima ngokwezimali, isigungu esilawula ukusebenza kwalo masipala sigunyaze ukulula uhlelo lokunciphisa izikweletu zezakhamuzi namabhizinisi emhlanganweni wangomhlaka-28 wango-Okthoba.

Izinto esizizuze nge-Operation Vulindlela ezangempela kodwa kuyatotoba ngezinye, kuloba uBusi Mavuso 

UKUTHULWA kombiko wekota yesibili nge-Operation Vulindlela ngesonto elidlule kuyisikhumbuzo somsebenzi obalulekile ewenzayo kodwa futhi nokuthi usengakanani umsebenzi okufanele wenziwe.

Kuqashwe abantu abasha abawu-8 180 embonini yezingcingo 

KULOKOZA inhlansi yethemba ngokudaleka kwemisebenzi eNingizimu Afrika emva kokuthi iBusiness Process Enabling South Africa (iBPESA) iveze ukuthi kudaleke amathuba emisebenzi ewu-8 180 embonini ye-global business services (iGBS). 

Abantu sebezoyikhipha eduze imali yaseStandard Bank 

UKUQINISEKISA ukuthi abantu basemakhaya abangeni ezindlekweni uma bethunyelelwe imali, iStandard Bank isiyenze ukuthi imali ethunyelwa ngohlelo lwayo lwe-instant money ikhipheke nakumaspaza. 

Ukuphuma kwi-grey list yisiqalo – umGcinimafa

UKUPHUMA kweNingizimu Afrika ohlwini iFinancial Action Task Force (iFATF) efaka amazwe athathwa njengangenamithetho eqinile yokulwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izinhlangano zabashokobezi i-grey list yisiqalo somsebenzi wokuqinisa izinhlaka zomthetho eNingizimu Afrika.

Ukuphuma kwi-grey list kunezifundo esingazisebenzisa kwezinye izinguquko, kuloba uBusi Mavuso 

KUFANELE sijatshulelwe isimemezelo sangesonto elidlule sokuthi iNingizimu Afrika isiphumile ohlwini okufakwa kulona amazwe athathwa ngokuthi awanayo imithetho eqinile yokulwa nokushushumbisa imali i-grey list yeFinancial Action Task Force (iFATF). 

Ukhuthazwe wububha onenkampani ecwaninga amabhuku yabamnyama

NGESIKHATHI elwela ukushintsha izifundo ayezenza eseku-Grade 11 ngoba esefuna ukufunda iziBalo wayephokophele ukushintsha impilo yakhe neyezingane zakubo engazi ukuthi uzogcina eshintsha nenqwaba yeminye imindeni.  

Umnotho wezwe awukhuliswa wukukhangeza – Motsepe 

USIHLALO we-African Rainbow Minerals uMnu uPatrice Motsepe uthe iNingizimu Afrika idinga imigomo ebheka ukukhula komnotho nenhlalakahle yabantu futhi ineqhaza emnothweni kodwa loku yinto okufanele uhulumeni uyenze ngokubambisana namabhizinisi. 

Ususondele umnqamulajuqu wokukhokha intela 

ABAKHOKHINTELA ababanjelwa intela emiholweni bayakhunjuzwa ukuthi umnqamulajuqu wokubika kumqoqiwentela eNingizimu Afrika iSouth African Revenue Service (iSars) imininingwane yemali abayiholile ngonyaka wezimali u-2024/25 wuMsombuluko ozayo. 

‘Gada umjolo ungakubhayizisi emalini’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele ‘uPhuzekhemisi’, ogama lakhe wuZibokwakhe Mnyandu, umqambizingoma, umculi nomshayisiginci kamaskandi. Phakathi kwamanoni aziwa ngawo kubalwa Imbizo, Inja Yami, Amakhansela, Ijele namanye. Kwezinye izindondo aseke wahlabana ngazo kubalwa i-Best Traditional Performance in Nguni Award kuma-1st Annual South African Music Awards neLifetime Achievement Award kuma-20th Annual Sama

Kubekwe uR40 million wezinhlelo zamanzi nokuthutha indle

UKUQINISEKISA ukuthi umkhakha wamabhizinisi abadayisi abanamatafula uMasipala waseThekwini ubuhlele ingqungquthela i-Informal Economy Development Summit kusukela mhlaka-7 kuyamhlaka-8 kule nyanga e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre.

UMasipala waseThekwini wethule isikhungo semininingwane yezokuthutha umphakathi

NJENGOBA u-Okthoba kuyiNyanga yezokuThutha, uMasipala waseThekwini usanda kwethula isikhungo semininingwane yezinto zokuthutha zomphakathi iPublic Transport Information Centre.

Okufanele ukuqaphele uma unyula impesheni kwi-two-pot system – abeluleki

NGENYANGA esanda kudlula kuhlangane unyaka kusukela iNingizimu Afrika yethula umthetho ogunyaza abantu ukuthi banyule ebhodweni impesheni yabo yize singakafiki isikhathi somhlalaphansi, phecelezi i-two-pot retirement system, kanti njengoba abantu beqhubeka nokukhipha imali, kunezeluleko eziqhamuka eLiberty naseStandard Bank. 

Yinto engathi shu uhlelo olusha oluhlongozwa ngomasipala, kuloba uJabulani Sikhakhane 

AKUKHO mehluko otheni ozokwenziwa wuhlelo olusha lomNyango weziMali lokuzama ukufukula ukusebenza komasipala emadolobheni amakhulu ayisishiyagalombili aseNingizimu Afrika. 

Ukuphela kwe-Agoa yithuba lokuqala kabusha eNingizimu Afrika, kuloba uBusi Mavuso 

UKUPHELA kwesivumelwano sokuhwebelana ebesivuna amazwe athile e-Afrika uma ehweba neMelika i-African Growth and Opportunity Act (i-Agoa) ekupheleni kwenyanga edlule kuyizinkomba zokushintsha kwezinto phakathi kobudlelwano beNingizimu Afrika neMelika.

Abenzi betiye basemakhaya baya embukisweni omkhulukazi phesheya

UHLOBO lwetiye lomdabu laseLimpopo likhangiswa phesheya lapho izinkampani zokudla nezeziphuzo zaseNingizimu Afrika zidlana imilala khona ngemikhiqizo yazo embukisweni i-Anuga International Food and Beverage Trade Fair eseCologne, eJalimane. Lo mbukiso uqale mhlaka-4 kanti uphela kusasa.

Sidinga izinto ezizosisiza ngisho singasabhekene nenselelo yentela ebanjwa ezimpahleni, kuloba uBusi Mavuso

UMNOTHO womhlaba uyasimama uma izinto zicace kahle. Uma kungasenzeki amabhizinisi kufanele ashintshe indlela enza ngayo noma kuphele ngawo. 

Usizo lokuthi uhulumeni ubaxhasa kangakanani abampofu lukalwa yisimo sepolitiki nesomnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane

ZIBALULEKILE izikali zamazinga enhlupheko ezweni. Zibayizikali zenqubekelaphambili yezwe; ukuthi liyasimama noma cha. Futhi ziwusizo olukhulu kuhulumeni ekusunguleni izinhlelo zokuxhasa abantu abahluphekayo.

Kuhlwanyelwe imbewu yentuthuko nobambiswano kwi-reSURGEnce Durban 2025 

OSOMABHIZINISI abebekwi-reSURGEnce Conference Durban 2025 ephothulwe ngoLwesibili e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, KwaZulu-Natali bazibophezele ukuqinisa ukusebenzisana ukuletha uguquko ebantwini. 

Kuphele amahlathi okucasha esikhwameni sempesheni ebesigweva nemali yesisebenzi esashona

ISIKHWAMA sempesheni semboni yezinsimbi  iMetal Industries Provident Fund siyayelelwe yiphini lomXazululi wezinKinga zemPesheni uMnu uNaheem Essop ukuthi sikhokhele umndeni wesisebenzi esashona imali yaso yempesheni efanele. 

Ziyethembisa izingxoxo ngezohwebo neMelika kodwa asikwazi ukulinda izixazululo zangaphandle, kuloba uBusi Mavuso 

IMIZAMO yokulungisa ubudlelwano bethu bokuhwebelana neMelika iqinile njengoba ungqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau evakashele khona ngesonto elidlule futhi kunamalungiselelo okuthi umengameli uMnu uCyril Ramaphosa aye khona kuleli sonto. 

UMasipala waseThekwini usayine isivumelwano sokunciphisa umonakalo esizindeni somnotho esiseningizimu

UMKHANDLU kaMasipala waseThekwini weseka imenenja yedolobha uMnu uMusa Mbhele ngesivumelwano sokusebenzisana neTransnet ukulungisa umhubhe oseningizimu yedolobha, okuzohlomula ngaso isizinda sezimboni esiseningizimu.

Imboni yokugembula eNingizimu Afrika ikhula ngesivinini, nokho kuletha usizi kweminye imindeni, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUKHULA kwemboni yokugembula kukhomba ukwanda kobunzima obuthwelwe ngabantu baseNingizimu Afrika njengoba sekuphele iminyaka engaphezu kwewu-15 umnotho wezwe ukhula ngezinga eliphansi elingakwazi ukumelana nezidingo zezwe. 

Umbiko weB20 uqhubeka nokubukela phansi abamnyama – iBlack Business Council

INHLANGANO emele osomabhizinisi abamnyama iBlack Business Council (iBBC) isinxuse uhulumeni ukuthi ungawamukeli umbiko weB20 ohlanganiswe yiBain neMcKinsey, izinkampani ezimbili ethi zibandakanyeka ekugwamandeni amandla ombuso okucekele phansi umnotho wezwe nezinye izinhlaka zikahulumeni.  

Umfana waselokishini wenza izimpahla ze-denim ezikhanga ngisho osaziwayo

UCWANINGO olukhombisa ukuthi iningi labantu besifazane base-Afrika banenselelo yokutholi usayizi wama-jean abalingana kahle lwenza ukuthi insizwa yaseTsakane, e-East Rand, eGauteng, ibone ithuba lokuqala ibhizinisi lokuthunga afanele imizimba yabo.

Usimeme umnotho wezwe ngekota yesibili – iStatistics SA

UMNOTHO waseNingizimu Afrika ukhuphuke ngo-0.8% ngekota yesibili yango-2025. Izibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa izolo ziveze ukuthi izimboni ezibe nesandla esikhulu kulokhu ngezokukhiqiza, izimayini nezohwebo kanti nabathengi balekelelile njengoba inyukile kancane indlela abathenge ngayo. 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page