IBhange lomBuso selizozenzela umsebenzi wokukhokha obuphethwe yiPayments Association of South Africa. Isithombe: Sithunyelwe

Izinhlelo zokukhokha eNingizimu Afrika zizoshintsha ukuhambisana nesimanje

YINTATHELI YOMBELE

NGEMVA kweminyaka ewu-30 izinhlelo zokukhokha ziphethwe yiPayments Association of South Africa, iBhange lomBuso limemezele ukuthi selizozenzela lo msebenzi.

Esitatimendeni, iBhange lomBuso lithe ukuthatha ukungamela izinhlelo zokukhokha ezweni kuhambisana nezinhlelo zalo zokuqinisekisa ukuthi ukukhokha kuhambisana nezikhathi zamanje kwi-national payments system, ukuqinisekisa ukuthi kuyashesha, kuphephile futhi kuhambisana nezidingo zabo bonke abantu.

IBhange lomBuso lithe selizokwenza umsebenzi wokushaya umthetho nowokuqapha umsebenzi obuwenziwa yiPayments Association. Lo msebenzi liwuqale ngoLwesibili kanti lithe izisebenzi zePayments Association ebezenza lo msebenzi osuya kwiBhange lomBuso sezizosebenza eBhange lomBuso.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/03/siphelile-isikhathi-sokukhokha-ngokheshi-ukganyago/

Imisebenzi ethinta ukukhokha ngobuchwepheshe besimanje, iDebiCheck, iPayShap, ukukhokha imali isuka kwelinye ibhange ivele masisha isizokwenziwa yiPayInc kusukela ngomhlaka-2 wangoSepthemba.

I-Payments Association ibizilawula kusukela ngo-1996 kanti manje isizolawulwa njengoba iBhange lomBuso lifuna ukubona uma kukhona ubungozi obuthinta izinhlelo zokukhokha kuleli zwe.

Izinhlelo zokukhokha ngekhadi, ama-debit order ukukhipha imali emshinini kuzoqhubeka ngendlela ejwayelekile. IBhange lomBuso lithe ngeke kuphazamiseke lutho ngalesi sikhathi soguquko kodwa umsebenzi uzophucuka.

I-Payment Association ishaya umthetho okufanele ulandelwe ngamalungu ayo futhi iyasiza ukuqinisekisa ukuthi izinhlelo zokukhokha ezweni zihamba kahle njengoba amalungu ayo kungamabhange amakhulu, amancane asezweni nawaphesheya.

IBhange lomBuso lithembise ukuthi lizoqhubeka nokwazisa zonke izinhlaka ezithintekayo ngokwenzeka embonini yezimali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page