Sidinga ongqongqoshe abazohlonipha umsebenzi kahulumeni, kuloba uBusi Mavuso
INKULUMO kaMengameli uCyril Ramaphosa ngesikhathi egcotshwa ngesonto elidlule iyikho kanye esikudingayo ngalesi sikhathi emlandweni wombuso wentando yabantu. Umengameli uthe abavoti batshengisile ukuthi bafuna “umnotho oshintshile, okhulayo, ofaka wonke umuntu nowakha imisebenzi yezigidi zabantu abafuna umsebenzi namathuba amabhizinisi abo bonke osomabhizinisi ezweni lethu”.
Ukhetho lukhombisile ukuthi abantu “bakhetha ukuthula nentando yabantu kunodlame nezindlela eziphambene nokubusa kwentando yabantu nomThethosisekelo”. Umengameli uthembise ukusebenza nawo wonke umuntu ukuthola izixazululo zezinselelo esibhekene nazo siyizwe.
Kube yinkulumo kamengameli ngempela, igxile kubumbano. Uthe asisebenzisane ukwakha umnotho ozophilisa abantu impilo abayifunayo. Umengameli uthembise ukuthi ngohulumeni wobumbano bazokwakha uhulumeni “owazi umsebenzi futhi oneqiniso”, ozohlinzeka ngezidingo ngendlela esezingeni eliphezulu ukufeza izifiso zezwe.
Ngesikhathi ngibhala le ngosi ngempelasonto, bekunezingxoxo phakathi kwezinhlangano zepolitiki eziyingxenye kahulumeni wobumbano ngokuthi wubani ozoya kwikhabhinethi futhi yimiphi iminyango okufanele iholwe wubani. Ikhwelo elihlatshwe wumengameli elokuthi akugxilwe kubantu abawazi umsebenzi nabaqotho uma kukhethwa abazohola iminyango.
Kuzoba nzima kona ukukwenza loku ngoba kufanele kubhekwe ukuthi vele kuyancintiswana kwipolitiki nokuthi kumele kusetshenziswane ukuze umsebenzi wenzeke kahle.
Uma ikhabhinethi isiqokiwe, ongqongqoshe abasha namaphini abo kufanele bayibeke eceleni ipolitiki yamaqembu abo bagxile ekusebenzeni. Asidingi ukuthi kuqalwe kabusha izinto, ezindaweni eziningi sikwazi kahle okufanele kwenziwe, okufanele kwenziwe wukuqhubeka nomsebenzi. Impela kunomsebenzi obalulekile osekukhathulwe indima enkulu okufanele sigxile ekuwuphothuleni.
Njengasemabhizinisini, izingxoxo ezithinta ukusebenzisana zinzima. Izinhlangothi zombili kufanele zibone ukuthi zizohlomula ngendlela efanele. Kumqoka ukuthi umuntu oxoxisana naye abone ukuthi uyasizakala, okusho ukuthi kufanele nasebenzisana nabo bakubone lokhu.
Ayikho inhlangano efuna ukwenza abantu abayivotele bazizwe sengathi isayine isivumelwano abangasithandi, ngakho kubalulekile ezingxoxweni ukweseka oxoxisana naye uma efuna okuvumelana nabalandeli bakhe.
Izingxoxo eziningi zibhuntsha ngoba izinhlangano zigxila kubalandeli bazo kuphela uma zizama “ukudayisa” isiphakamiso sokusebenzisana. Isiphakamiso sokusebenzisana kufanele sizwakale nakolunye uhlangothi nakwabaluvotele.
Izinhlangano kufanele zisizane ukutshengisa abalandeli bazo ukuthi ukusebenzisana kuzoba yimpumelelo. Sengike ngayincoma i-ANC ngendlela enhle yona nezinhlangano eziningi abamukele ngayo imiphumela yokhetho. Loku kuvuthwa komqondo kufanele kubonakale nakuhulumeni nasendleleni izinhlangano ezizosebenza ngayo.
Enye yezinto uhulumeni omdala abegxile kuzona wukuphucula ukusebenza kwezisebenzi zikahulumeni nokuhlukanisa ipolitiki nomsebenzi kahulumeni wokuhlinzeka umphakathi ngezidingo.
Lokho yinto okufanele iqale kwabaphethe, sidinga ongqongqoshe abahlonipha umsebenzi. Kufanele baseke abaqondisi-jikelele nabanye abaphethe ukuze bawenze kahle umsebenzi wokuhola iminyango kahulumeni.
Kufanele siqinisekise ukuthi ngamadoda nabantu besifazane abafanele abazosihola, kusukela kwikhabhinethi kuye phansi.
Abazophatha iminyango emisha akufanele bafike nomqondo wokuthi bazobeka abantu endaweni yabo. Leyo yindlela ebekwenzeka ngayo kudala yokusebenza ngokuthi umuntu owayiphi inhlangano esingafisi ukuphinde siyibone.
Akubuzwa ukuthi lapho umsebenzi ungenziwa kahle khona, kufanele kushintshwe kodwa ngokwazi kwami, iminyango eminingi inamadoda nabesifazane abazinikele ekusebenzeni.
Amava abo azobawusizo kuhulumeni omusha futhi yiyona ndlela esheshayo yokuqinisekisa ukuthi umsebenzi uyaphumelela.
Ukuba wumuntu oqotho nako kufanele kubhekwe kakhulu uma izinhlangano zinquma ukuthi ubani okufanele azimele. Kuningi okungasilahlekela uma kungavela ukuthi amalungu ePhalamende awacabangeli izwe nabantu balo kuqala. Loku kuyobe kuyiqiniso uma kukhulunywa ngalabo abazoqoka ikhabhinethi.
I-Business Leadership South Africa ibinobudlelwano obuhle nohulumeni ophumile. Yize kunezikhathi eziningi ebesingavumelani ngazo, abe maningi namathuba okusebenzisana ukuze siphumelele sonke.
Ngilindele ukuthi kuzoba njalo nangohulumeni omusha futhi kube ngaphezu kobekwenzeka.
Ngiyalamukela ikhwelo elihlatshwe wumengameli lokuthi asisebenzisane futhi ngikubheke ngabomvu ukuthola ithuba lokuxoxisana nekhabhinethi entsha ngokuthi singasebenzisana kanjani.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/06/12/abantu-baseningizimu-afrika-badinga-uhulumeni-ozozibophezela-ukusebenza-kuloba-ubusi-mavuso/