Month: August 2026
UMasipala waseThekwini utshale uR43 million ezimotweni zokuqoqa udoti
UMASIPALA waseThekwini usuzoqoqa udoti ngezomoto ezintsha ezibiza uR43 million kuleli dolobha. Lezi zimoto zokuqoqa udoti nezisiza ukuhlanza zithulwe ngokusemthethweni izolo yimeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba. Uzichaze njengesibophezelo sikamasipala ukuqinisekisa ukuthi abantu baseThekwini baqoqelwa udoti yizimoto ezisesimweni esifanele.
Umphakathi uqale ibhikawozi ngemali yesibonelelo
NGEMVA kokuqaphela ukuthi abantu abaningi basebenzisa imali yesibonelelo sikahulumeni ezintweni ezinganamsebenzi, njengezidakamizwa notshwala, kwenza insizwa yase-Evaton, eGauteng, yabanomqondo wokukukhombisa ukuthi noma imali ingabancane kangakanani kodwda ingasetshenziswa ukuzakhela ikusasa elingcono.
Amehlo azothi njo kwizibalo zemboni yomkhiqizo
KULELI sonto amehlo azosuka emabhange ombuso agxile ezibalweni zomnotho ezibalulekile. Izibalo ezibhekwe kakhulu inkomba yanyanga zonke yemisebenzi emisha nelahlekile kungabalwa izisebenzi zasemapulazini, emizini yabantu nasezinhlanganweni ezingenzi nzuzohttps://www.umbele.co.za/2026/02/16/yini-i-nonfarm-payrolls/ nezibalo zabantu abangasebenzi eMelika ezizophuma ngoLwesihlanu ezizonyakazisa izimakethe.


































