UMasipala waseThekwini unesibalo esiphansi sabantu abangasebenzi kunabanye omasipala abakhulu

IZIBALO ezintsha zabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika zikhombisa ukuthi uMasipala waseThekwini unesibalo esiphansi sabantu abangasebenzi.

Umasipala utshale uR29 million ukuphucula impilo yabadayisi baseMansel

UMASIPALA waseThekwini uthule isigaba sokuqala seMansel Road Market Development Project ezophucula le makethe ngoR29 million. Inike abadayisi amagumbi okudayisela awu-100 amasha akhiyekayo, anogesi, izindlu ezincane ezizolekelela kakhulu abadayisi abakuChurch Walk.

Umthethosivivinyo uhlongaza ukuthi ‘amaZamazama’ ahlawuliswe uR100 million

UKULWA nenkinga yabavukuzi abaphendula iNingizimu Afrika igobolondo, ungqongqoshe womNyango woBulungisa uNksz uMmamoloko Kubayi umemezele ukuthi bahlela ukuchibiyela umthetho wezimayini ngokuthula i-General Mining Laws and Amendment Bill. 

Ukugcwalisa izikhala zokuphatha ezibalulekile kulekelela uMasipala waseMlalazi ukuphatha izimali

NGESIKHATHI abanye omasipala behluleka wukuphatha kahle imali kunomasipala omncane enyakatho yeKwaZulu-Natali oloku uthola umbiko wezimali ongenagcobho kumcwaningimabhuku-jikelele.

Osomabhizinisi abancane bafuna izinsiza ezisebenzayo ngaphambi kokhetho

NJENGOBA kusondela ukhetho lohulumeni basekhaya lwangoNovemba 4, osomabhizinisi baseLimpopo bathi bafuna omasipala abaletha izinsiza ngendlela efanele nabadala indawo evumela amabhizinisi ukuthi akhule, kunokwethembisa izinto eziningi ngesikhathi semikhankaso yokhetho.

I-Public Investment Corporation idinga uguquko olunzulu ekuphathweni kwayo, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule inkantolo isiguqulile isinqumo sokumisa isikhulu sePublic Investment Corporation (iPIC) uMnu uPatrick Dlamini emsebenzini. Inqume ukuthi ibhodi eBImisile ibingenagunya lokwenza loko ngoba wungqongqoshe womNyango weziMali onegunya lokulwenza.

INingizimu Afrika iboleke u$500 million wokuguquguquka kwesimo sezulu

UHULUMENI waseNingizimu Afrika usayine isivumelwano sokuboleka u$500 million (uR8,13 billion) kwi-Asian Infrastructure Bank (i-AIIB) ukuqinisekisa ukuthi ukuhambisa izidingo kubantu akuphazamiseki ngenxa yokuguquguquka kwesimo sezulu emadolobheni.

UMasipala waseThekwini utshale uR43 million ezimotweni zokuqoqa udoti

UMASIPALA waseThekwini usuzoqoqa udoti ngezomoto ezintsha ezibiza uR43 million kuleli dolobha. Lezi zimoto zokuqoqa udoti nezisiza ukuhlanza zithulwe ngokusemthethweni izolo yimeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba. Uzichaze njengesibophezelo sikamasipala ukuqinisekisa ukuthi abantu baseThekwini baqoqelwa udoti yizimoto ezisesimweni esifanele.

Sekuvuliwe ukubhalisela ukukhangisa kwireSURGEnce Conference

IZINKAMPANI ezifuna ukukhulisa igama lazo, ukungena ezimakethe ezintsha nokuxhumana nabatshalimali bakwamanye amazwe zimenywa ukuthi bazozikhangisa embukisweni ireSURGEnce Durban Conference 2026.

Izinhlelo ze-Operation Vulindlela zihamba ngononina

ZIHAMBA kahle izinguquko zokusimamisa umnotho wezwe ezingaphansi kwe-Operation Vulindlela. Umbiko we-Operation Vulindlela wekota yokuqala yalo nyaka ukhombisa ukuthi izinguquko ezenziwa kwezokuthutha izimpahla, kwingqalasizinda nasekutshaleni imali ziyanyakaza.

IBhange lomBuso lifuna izakhamuzi ziphawule ngemali yobuchwepheshe

UMGCINIMAFA neBhange lomBuso bashicilele imithetho emisha ezoqinisekisa ukuthi abahweba nge-cryptocurrency emazweni ahlukene abenzi ubugebengu uma bekhokha ngayo.

Izikhwama zempesheni zingalekelela intuthuko – uButhelezi

AWUKHO umnotho ophumelelayo uma omasipala bengasebenzi ngendlela efanele kanti uma kubhekwa izinto ezenzeka komasipala abakhulu, kuyabonakala ukuthi iNingizimu Afrika isaqhubeka nokubanezinselelo.

IKhomishini yoKhetho ithule uhlelo lokubhalisela ukuvota lweWhatsapp

IZAKHAMUZI zaseNingizimu Afrika ezisadinga ukubhalisela ukuvota zizovota ngezindlela ezihlukene njengoba inhlangano engamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (i-IEC) isithule uhlelo lokubhalisela ukuvota lweWhatsapp.

Osomabhizinisi abasebenzela emakhaya bafisa omasipala babaxhase kangcono

NJENGOBA sekusondele ukhetho lomasipala, olungoNovemba, osomabhizinisi abancane baKwaZulu-Natali bathi nakuba imithetho kamasipala ibavumela ukuthi bahwebe ngokusemthethweni ngaphansi kwemibandela ethile kodwa inqubo yokuthola izimvume nokuxhaswa isabambezela ukukhula kwamabhizinisi abo.

Ngabe iNingizimu Afrika iyafuna yini ukunyusa izinga lokukhula mnotho wayo?, kuloba uJabulani Sikhakhane

UMPHATHI weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago unombuzo osemqoka ngesimo somnotho weNingizimu Afrika. Ubuza ukuthi ngabe izwe limagange yini ukunyusa izinga lokukhula komnotho wezwe.

Akusekho ukudideka ngenkampani ezimele ezosabalalisa ugesi, kuloba uBusi Mavuso

NGOLWESIHLANU umengameli uMnu uCyril Ramaphosa wamukele futhi uvumelane nombiko wokuqala wethimba eliphathiswe umsebenzi wokuhlela kabusha inkampani ephehla ugesi, i-Eskom Restructuring Task Team.

Inkantolo ivune isikhulu esiphezulu sePIC esimiswe emsebenzini

UNGQONGQOSHE womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana usamukele isinqumo seNkantolo ePhezulu yaseGauteng sokubuyisela emsebenzini isikhulu senkampani kahulumeni etshala imali iPublic Investment Corporation (iPIC).

INingizimu Afrika ayishodi ngezinto ezingatshalwa emnothweni – iKwaZulu-Natal Investment Forum

ININGIZIMU Afrika ayiswele okungatshalwa emnothweni ukuze ukhule futhi kuvuleke amathuba emisebenzi kodwa eshoda ngakho yizinhlelo esezilungele ukuthi abatshalimali bafake imali kuzona.

Umasihlalisane obebangiswa wumndeni uthole ifa eliwu-45%  

KUZOSA ngokunye kwizelamani ezizitshela ukuthi izingane zakubo ezifa zingashadile zizowashiyela umndeni amafa azo njengoba umasihlalisane enikwe ingxenye kaR8,3 million embangweni wempesheni yomufi.

Umphakathi uqale ibhikawozi ngemali yesibonelelo

NGEMVA kokuqaphela ukuthi abantu abaningi basebenzisa imali yesibonelelo sikahulumeni ezintweni ezinganamsebenzi, njengezidakamizwa notshwala, kwenza insizwa yase-Evaton, eGauteng, yabanomqondo wokukukhombisa ukuthi noma imali ingabancane kangakanani kodwda ingasetshenziswa ukuzakhela ikusasa elingcono.

Usuku lokuvota luzokwaziwa maduze – ungqongqoshe

NJENGOBA sekusele izinyanga ezimbalwa ukuthi iNingizimu Afrika iye okhethweni lokuhulumeni basekhaya, ungqongqoshe womNyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uMnu uVelenkosi Hlabisa uthi uzolumemeza ngoLwesihlanu usuku lokuvota.

Amehlo azothi njo kwizibalo zemboni yomkhiqizo

KULELI sonto amehlo azosuka emabhange ombuso agxile ezibalweni zomnotho ezibalulekile. Izibalo ezibhekwe kakhulu inkomba yanyanga zonke yemisebenzi emisha nelahlekile kungabalwa izisebenzi zasemapulazini, emizini yabantu nasezinhlanganweni ezingenzi nzuzohttps://www.umbele.co.za/2026/02/16/yini-i-nonfarm-payrolls/ nezibalo zabantu abangasebenzi eMelika ezizophuma ngoLwesihlanu ezizonyakazisa izimakethe.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page