Ukuduma kwezulu kwamnika umqondo wokutshala amakhowa ekhethelo
WUTHOBILE ZWANE
NGESINYE isikhathi ithuba lebhizinisi livela lapho umuntu engalilindele khona. Kwenzeke kwinsizwa yaseHowick, KwaZulu-Natali, eyayisanda kuthweswa iziqu zasenyuvesi.
UMnu uWarren Mkhize wasungula iMycoPro, etshala amakhowa ohlobo okukhona kuwo ama-oyster mushroom, ama-king oyster,ama- yellow oyster nama-grey oyster. Iwadayisela izitolo ezihlukene, okubalwa kuzona iSuperSpar Group yaseMgungundlovu naseThekwini nezimakethe zamaNdiya esifundazweni.
“Kwenzeka ukuthi izulu lishaye umbani, lidume. Ngiwumuntu othanda ukwenza ucwaningo nokufunda. Ngabona amakhowa (eseqhibukile) ekade engekho. Loko kwangichaza. Ngaqala ukufunda ngawo lapho kanti angikaze ngiyeke kusukela lapho,” kukhumbula yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/18/owayengaziboni-ewumlimi-useyindlovukazi-yamakhowa/
UMkhize waqala ukucwaninga ngemva kokuqeda i-Bachelor of Geography and Environmental Management eNyuvesi yaKwaZulu-Natali ngo-2020. Uthi wayesecabanga ngempilo yabantu abasanda kuqeda enyuvesi ukuthi kubanzima kanjani ukuthola umsebenzi noma indlela yokusebenzisa imfundo.
Esikhundleni sokulinda umsebenzi, uthi wagxila ekwenzeni ucwaningo ngemboni yamakhowa, lapho athola ukuthi kunezinhlobo ezihlukene ezingatshalwa kanti bancane abantu abawatshalayo eNingizimu Afrika.
UMkhize uthi: “Ngabona ukuthi kwengiwatshalayo kunabantu abambalwa abenza lo msebenzi kuleli zwe. Ngathi leli yithuba lami lokukhula futhi ngiyakhula.”

I-MycoPro igabe ngezinhlobo ezihlukene zamakhowa
UMkhize uthi waqala ibhizinisi ngoR5 800 kanti kwadingeka ukuthi awusebenzise ngokucophelela ngoba izinto ezidingeka ukutshala amakhowa azitholakali kalula. Waqala ngokuthenga i-laptop endala ukuze ayisebenzisele ukwenza ucwaningo nokusebenza.
Uthi enye yezinselelo wukuthi ezinye izinto ezidingekayo ukutshala amakhowa kudingeka azithole kwamanye amazwe. “Kuleli zwe azikho izinto eziningi ezidingwa wumuntu otshala amakhowa. Kwesinye isikhathi kuyenzeka abantu bakubize imali eningi noma kubenzima ukuthi ukuthola izinto ezivela kwamanye amazwe. Ekugcineni ngathola abantu esesisebenzisana nabo kahle.”
UMkhize usebenzisa izinto ezilahlwayo ukuze akhulise amakhowa akhe. Phakathi kwazo kukhona uthuli lwezinkuni ezisahiwe nezinsalela zomoba ogayiwe.
I-MycoPro iyakhula emsebenzini. Isinezisebenzi ezintathu eziqashwe ngokugcwele futhi yenza phakathi kwamakhowa awu-300kg nawu-400kg ngenyanga.
UMkhize uthi kubalulekile ukuthi amakhowa akhe afike kumakhasimende esesimweni esihle futhi ahlale isikhathi eside. Uthi: “Ngesikhathi sami esiningi angihlali. Ngiqinisekisa ukuthi ibhizinisi lihamba kahle kodwa ngihlale ngiqinisekisa ukuthi amakhowa asezingeni elifanele futhi akwazi ukuhlala amasonto uma ikhasimende liwathengile. Kimina izinga libalulekile.”

E-MycoPro kunobuchule bokulondoloza amakhowa e-oyster empunga
Usebenzisa izinkundla zokuxhumana ukufundisa abantu ngamakhowa nendlela angasetshenziswa ngayo ekudleni. Uthi ufuna abantu bangabheki amakhowa njengokudla kokwengeza kodwa bawabone njengelinye lamaveji angabasiza ukuthola ukudla okunempilo.
Eluleka abantu abafuna ukuqala ibhizinisi, uthi bangalindi baze babenemali eningi. “Qala kancane ngaloko onako. Qhubeka nokufunda uma ungazi, ubuze. Okubaluleke kakhulu wukusebenza kanzima. Uma uqhubeka nokusebenza kanzima, ibhizinisi (lizosimama).”
Ufisa ukwandisa umkhiqizo wamakhowa afinyelele kumathani awu-10 ngenyanga futhi agcine esedayisa kwezinye izindawo eNingizimu Afrika. “Ngokwemfundo, sifisa ukukhipha ulwazi oluzosiza osomabhizinisi abafufusa abafisa ukutshala amakhowa ukuthola ulwazi ngokutshala amakhowa,” kuphetha uMkhize.
Facebook: MycoPro Pty Ltd
Instagram: @mycopro.pty.ltd

