Kubhekwe izibalo zamandla emali okukhiqiza nezohwebo kuleli sonto
YINTATHELI YOMBELE
KULELI sonto ezimakethe kuzobhekwa amandla emali yokukhiqiza izimpahla emabhizinisini nezohwebo eNingizimu Afrika. Kulindeleke ukuthi kuphume izibalo zamandla emali okukhiqiza i-producer price inflation zangenyanga edlule.
Kulindeleke ukuthi zehle zisuka ku-7,5% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngoJuni zibewu-5,9% zilekelelwa wukwehla kwamanani ezamandla kagesi.
Okuzocacisa ngokwenzeka emabhizinisini yizibalo zokudayisa izimoto, ezizokhombisa nokuthi abantu bebethenga kangakanani.
EMelika, ezimakethe kuzobhekwa imiholo yezisebenzi kodwa zingabalwa ezisebenza emaplazini. Izibalo zamaholo onyaka azifani nezibheka amaholo uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga kodwa zibheka amaholo ngokwezibalo zabantu abaqashiwe futhi ezibonakala nasemabhukwini abaqashi.
Lez zibalo zibheka ukuthi isibalo sokuqasheka kwabantu yizona noma bezinyuswa. Izibalo zokugcina ezidlule bezingezinhle. Zikhombise ukuthi ukuqasha abantu kwehle ngo-818 000 ngo-2024 no-911 000 ngo-2025, okusho ukuthi kudaleke imisebenzi embalwa kunebicatshangiwe.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/13/kuzobhekwa-izimpawu-zomphumela-wokwehla-kwamandla-emali/
Uma lezi zibalo ziphinda zehla kuzovela izimpawu zokuthi ukuqasha abantu eMelika akuyona le nto ebishiwo futhi kwenze nokuthi ibhange lombuso lakhona iFederal Reserve lingasiqinisi isandla kakhulu uma linquma imalimboleko.
Ukusebenza kwamandla emali ezindlekweni zomuntu ngamunye nako kuzobhekisiswa ukuze kubonakale ukuthi ukunyuka kwamanani kunamuphi umphumela kubantu. Ukwehla kwezibalo zokuqasha abantu nokuxineka kwabantu kuzosiza ukuthi ibhange lombuso lixegise isandla kodwa uma lezi zibalo ziguquka kungashintsha izinto.
Engqungqutheleni yemigomo yomnotho iJackson Hole economic Policy Symposium, eqala ngomhlaka-27 iphele ngomhlaka-29 wale nyanga, kuzobhekwa kakhulu inkulumo kaMnu uKevin Warsh njengoba kuzobe kuyinkulumo yakhe yokuqala ewusihlalo weFederal Reserve.
Njengoba izimakethe zizibheka kabusha izibalo zokuqasha abantu nezamandla emali, kuzobaluleka akushoyo njengoba kuzokhombisa ukuthi ubuholi obusha bebhange lombuso buzokwenzenjani ngezibalo eziphansi zokuqasha abantu namandla emali.
E-Germany, ucwaningo lwe-Ifo Institute for Economic Research, olubheka isimo samabhizinisi nesabathengi, luzocacisa ukuthi kwenzekani emnothweni wezwe ontengayo.
Kolunye uhlangothi, eFrance izibalo zamandla emali zizokhombisa ukuthi amanani ezimpahla anamuphi umphumela emazweni angamalungu e-European Union. – Le mininingwane itholakale kwiBureau for Economic Research

