Ushiye umsebenzi wasebhange wagxila ekufuyeni izinkukhu. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

WAYENGAKAZE azicabange eqala ibhizinisi ngelinye ilanga futhi wayejabule ngomsebenzi ayewenza kwelinye lamabhange kodwa inkinga yaqala mhla ezwa engasawuthandi umsebenzi awenzayo, esefuna inselelo entsha.

Usheba umsebenzi awufundele nezolimo ngenhloso yokuziphilisa nokuthuthukisa umphakathi wangakubo. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKHULE engawunakile umkhakha wezolimo, impumelelo ekuwona nomehluko ongawenza emphakathini kodwa kunezinto ezimbili ezitshale futhi zakhulisa uthando lwakhe kule mboni. 

Usevuna izithelo owalalela umyalelo kanina ‘owamfunza’ ukufunda ezolimo. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

KUYENZEKA abazali bafisele abantwana babo ukuthi bakhule balandele imikhakha ethile, mhlawumbe ngoba bethanda leyo mikhakha bebona ibafanele noma ingabasiza babenekusasa eliqhakazile.

Bathuthukisa abafisa ukungena kwezolimo ngolwazi nangezinsizakusebenza. UNQOBILE NDLOVU uyabika

SELUNEMINYAKA ewu-14 uhlelo lukaMasipala waseThekwini, KwaZulu-Natali, lokuthuthukisa nokukhuthaza ezolimo kuleli dolobha.

Ukuwa kwenye indlu wukuvuka kwenye kosewumlimi emva kokuyeka umsebenzi ngemva kokugcwelezwa. Uxoxe no-ANNA MAJAVU

OWAYEWUMSHAYELI webhasi osecishe afane nempumputhe ngenxa yokuhlaselwa abantu abamngenela kwakhe usevuke wazithatha njengoba esanda kuwina umklomelo wokuba wumlimi wesifazane.

Ucilo wazishaya endukwini kosekuvuthwe ibhizinisi aliqala ngenkathi kuvalwe izwe. Uxoxe neNTATHELI YOMBELE

UKUHLALA ekhaya ngesikhathi se-COVID-19 kumzalele ibhizinisi le-sauce ebabayo. UMnu uLinda Khuzwayo wasePhoenix, eThekwini, KwaZulu-Natali, uwumsunguli wenkampani iSamambedu ekhiqiza i-sauce kapelepele, iSlomo Chilli Sauce.  

Abanamava emboni yokufuya izinyosi bahlangane nomakhelwane basungula umfelandawonye owenza imikhiqizo ehlukene yoju. INTATHELI YESOLEZWE iyabika

SEBEDAYISELA izitolo ezinkulu omakhelwane baKwaMaphumulo, ngasogwini olusenyakatho yaKwaZulu-Natali, abahlangene ngebhizinisi lokufuya izinyosi.

Bakhala bayizithulisa abemboni yezinkukhu ngesivumelwano sokuhweba neMelika. UTEBOGO MOKWENA uyabika 

I-SA POULTRY Association (iSapa), engabanye babantu abavuma umhlahlandlela wale mboni i-Poultry Sector Master Plan, izophikisa ukuthi iNingizimu Afrika iqhubeke nokuba yingxenye yesivumelwano se-African Growth Opportunity Act (i-Agoa).

Ipulazi elilima ngobuchwepheshe obungandile selingenise nasemakethe yaphesheya. INTATHELI YOMBELE iyabika

IPULAZI labalimi besifazane elisebenzisa indlela yokutshala yezobuchwepheshe bokuzichelela, phecelezi i-hydroponic farming, ngelokuqala eliphethwe ngabantu besifazane abamnyama ezweni elidayisa amakinati ama-macademia phesheya.

Baqhamuke nesisombululo semvelo enkingeni kamanyolo obizayo. Omunye wabo uxoxe neNTATHELI YOMBELE

UKUBIZA kukamanyolo kulezi zinsuku kuholela ekutheni abalimi basebenzise imali eningi bethenga umanyolo. Abanye sebeze banciphisa amasimu abawalimayo ngenxa yezindleko. Bahlale befisa ukuthi zehle izindleko zawo.

Akakhulumi ngenzwabethi othi kunomcebo olwandle njengoba enebhizinisi elivuthiwe lokudoba. Uxoxe neNTATHELI YOMBELE

EMINYAKENI eyisishiyagalolunye edlule uhulumeni wethula uhlelo lokukhulisa umnotho wasolwandle i-Operation Phakisa, olwahlanganiswa yindlela eyasetshenziswa iMalaysia ukuphucula izinto kuhulumeni wawo ngokushesha iBig Fast Results. 

Usesebenzela ukungena emakethe enkulu okhiqiza ugologo womoba. INTATHELI YOMBELE iyabika

UBHUKULELA ukugcina zonke izimfanelo ezidingekayo ukuze umkhiqizo wakhe ongajwayelekile ufinyelele kubathengi futhi umngenisele imali oqale ibhizinisi lokugaya ugologo womoba ngoba kwehla isivuno esikhiqizwa ngamasimu omoba. 

Usefunde ukuhlelela izikhathi zobunzima uma kubhimba uhlelo. INTATHELI YOMBELE iyabika

IZINSELELO zebhizinisi zimfundise ukuthi angagxili emkhakheni owodwa. UNksz Thobile Mpontshane, onepulazi afuye izingulube kulo iMampontshi Farming & Fencing yaseVryheid, KwaZulu-Natali, uwumfuyi wezingulube nomlimo wamaveji.

IKhomishini yokuNcintisana izofakela izibuko ukusebenza kwabalimi bamaveji nezithelo, eyokuvaleleka ngaphandle kwabalimi abancane. USLINDILE KHANYILE uyabika

LUYAQALA ngoLwesihlanu uphenyo lweKhomishini yokuNcintisana oluzobheka imboni yezolimo olugxile kumaveji nezithelo ukubheka ukuthi azikho yini izinto ezingqinda ukuncintisana.

Izinguquko ezisanda kwethulwa kwiKhabhinethi yaseKZN zilethe ushintsho emNyangweni wezoLimo njengoba kuqokwe ungqongqoshe omusha uMnu uSuper Zuma. UZuma uneminyaka eyilungu lesiShayamthetho kanti wake wawunobhala we-ANC esifundazweni. Umbele ubuze abalimi ukuthi yini abafisa uZuma ayibeke eqhulwini

UMnu uMthokozisi Goba uthe: “Akashintshe indlela uphiko lokuthenga izimpahla olusebenza ngayo kungabi yiCedara eyenza yonke into, kwenziwe yizifunda.” 

UNks uZinhle Msomi uthe: “Akeze kithina kuzo zonke izifunda eKZN.”

Baphokophele ukufinyelela e-Afrika yonkana abasebhizinisini ‘lobisi noju’ ngokufuya izinyosi. Omunye wabo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UKUKHIQIZA nokudayisa uju yibhizinisi elingenisa imali ngendlela emangalisayo kangangokuthi kubize uMnu uTeko Nhlapo nomlingani wakhe uMnu uKenneth Ndadza ngaphansi kukaR2 000 ukuthola isidleke sezinyoni futhi bakhiqize uju olungenise inzalo ecishe iphindaphindwe kashumi. 

Owangena kwezolimo ebambile, usegila izimanga ngemikhiqizo engavamile nemfuyo exubile. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

NGEMVA kokubambela uyise owayegula, uNks uLinda March akaphindanga wabheka emuva. Ngaleyo nkathi, ngo-2008, ezolimo kwakusewumkhakha lapho abantu besifazane nentsha beyivelakancane. Wayeqhutshwa yintshisekelo yokukhombisa ukuthi yinto angakwazi ukuyenza.

Kunesikhwama esisha sezigidi sokufukula abalimi abasafufusa. UTEBOGO MOKWENA uyabika

ABALIMI ababencishwe amathuba kungenzeka bahlomuhle ngoR6 billion eminyakeni eyishumi ezayo esikhwameni esisha esethulwe umNyango wezoLimo, ukuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya ngokubambisana neBhange loMhlaba.

Kunempikiswano ngomthetho wezolimo ohlose ukuhlomulisa abalimi abancane. UTEBOGO MOKWENA uyabika

UMNYANGO wezoLimo, ukuVuselela uMhlaba nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya usuthembise iPhalamende ukuthi ukuchibiyela umthethosivivinyo obhekelela imikhiziqo yezolimo i-Agricultural Products Standards Amendment Bill kuzosiza abalimi abasafufusa abahluleka wukuthola amakhasimende kalula.

Nakuba akhula efisa ukuba wumlimi, ufundele omunye umsebenzi ogcine ephelele ekulimeni. Manje uthemba imvula ngezithelo zomhlabathi. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUNGAWUTHOLI umsebenzi ngemva kokuwufundela kumenze wakhumbula uthando lwakhe lokutshala. UNksz uBongiwe Mchunu waseShowe, enyakatho yeKwaZulu-Natali, uqale ukulima ngo-2021 emva kokuphothula iziqu zokuba wunjiniyela kagesi. Ngale kothando lwakhe lokulima, uNksz Mchunu, … Read More

Zisadlangile izinkinga zokungahloniphi amalungelo ezisebenzi nabahlali emapulazini. U-LUCAS LEDWABA uyabika

IKOMIDI lasePhalamemnde lezoLimo, ukuLungiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya neKomidi lezokuQashwa nezokuSebenza asanda kuzwa indlela abalimi abangabelungu abaphatha ngayo izisebenzi ezingabantu abamnyama neziqashi emapulazini.

Ababekade bewa bevuka sebedayisa izinkulungwane zezinkukhu ngenxa yothando. Omunye wabo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UTHANDO lwabo lokufuya izinkukhu lwaqala ngoSuku lweziThandani ngo-2019. Nakuba sebehlukumezeke kaningi oNkk uLebohang Dhludhlu nomnyeni wakhe uMnu uDumisani Dhludhlu kodwa babambelela othandweni lwabo lokufuya izinkukhu, olugcine luchamisele inqwaba yezinkukhu ezidida ukwenza manje.

Usheba ubunjiniyela, imfucuza nokulima ukuphucula ezolimo oqhamuka nezindlela ezintsha zokulima. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUBANTU abaningi ukudla okonakele nomunye udoti yizinto okufanele zilahlwe ngoba zisuke zingasenamsebenzi walutho. Kepha kunomlimi imfucuza eyigugu kuye njengoba ingenye yezinto azisebenzisayo ukuqhamuka nezindlela ezintsha zokulima, ezinempilo futhi ezivikela imvelo.

Abalimi abasanda kubuyelwa wumhlaba bashaya amakhala ngemayini ehlongozwayo endaweni. UMOKGADI MOGY MASHAKO uyabika

EMVA kweminyaka ulindile, umphakathi waseMakhasaneni, KwaZulu-Natali, uthole amatayitela nezinsizakusebenza zokulima zenani elingaphezu kukaR1 billion. Kepha laba balimi sebenovalo lokuthi izinhlelo zabo zokukhula kwezolimo zingase ziphazanyiswe wukuthi kuhlongozwa umsebenzi wemayini endaweni.

Kuliwa nokubheduka kwamatele aphatha imfuyo. INTATHELI yoMBELE iyabika

INYUNYANA yabalimi KwaZulu-Natali iKwanalu isinxuse bonke abafuyi ukuthi balandele yonke imigomo yesifo samatele bese besebenzisa nemigomo yezempilo ukugwema ukubhebhetheka kwalesi sifo esesiphinde sabheduka KwaZulu-Natali, eNorth West naseLimpopo.

Ezolimo zibe wumpheme wokuphephela kwabebengawutholi umsebenzi. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BESE kuyisikhathi eside izelamani zifuna umsebenzi kodwa kunhlanga zimuka nomoya. Bekuthi noma zizama ukuqala amabhizinisi ehlukene kungalungi. Kuze kwasiza ukuhlangana kwazo nomngani wazo wakudala eziqale ibhizinisi lezolimo naye.

Wengamele udedangendlale wepulazi oqeqeshelwe ezolimo nosimamayo kule ndima. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUBAMBA ngezandla zombili wonke amathuba awanikwayo kuletha imiphumela emihle kumlimi osemncane. Ayiminingi iminyaka aseyisebenze embonini yezolimo kodwa ukuzikhandla nokuzimisela kwakhe emsebenzini awenzayo kwenze wanikwa isikhundla sokuba yimenenja jikelele yepulazi elikhulu nelinezisebenzi ezingaphezu kuka-500.

Zigila izimanga izelamani ezangena kwezolimo zizolekelela unina. Manje sezidayisela isikhondlakhondla sesitolo ubisi. Esinye sazo sixoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUBONA unina ewa evuka ekhulisa inkampani yezolimo ayiqale ngo-2005 kukhuthaze izelamani zaseFree State zaze zafisa ukufaka isandla ukumlekelela ukudlondlobalisa umsebenzi.

Ukungawutholi umsebenzi awufundele kube yisibusiso. Ungene kwezolimo kanti useziphilisa ngokukhiqiza amaveji. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

NJENGENINGI lentsha yakuleli ufunde waphothula iziqu kodwa akangawuthola umsebenzi. Impilo ibe nzima ezama indlela yokuziphilisa, waze wasizwa wumcabango wokungena kwezolimo. Manje uyasimama kule ndima njengoba esenenkampani ekhiqiza amaveji.

Bafundisa ngemvelo nezolimo, basize nabantu bashaywe wumoya epulazini labo. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BESE kuyisikhathi eside benentshisekeko yokuhlanganisa abantu babafundise ngokubaluleka kwemvelo nezolimo. Bagcine befeza lelo phupho labo leminyaka ngenkathi bethenga umuzi osepulazini ngo-2014, okuyiwona abawusebenzisa njengendawo egcina amagugu emvelo.

Uthando lwezolimo lwenze washiya phansi izifundo ze-PR waqala ibhizinisi lokufuya izinkukhu. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUKHULISWA wuninakhulu owumlimi kutshale imbewu yothando lwezolimo kuyena. Nokho kuthe ekhula wathi ukuluziba, wagxila ekwethuleni izinhlelo emsakazweni nakwithelevishini, nokwenza wanquma ukwenza izifundo ze-public relations ngemva kokukuphothula umatikuletsheni.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page