Inyunyana yokusansimbi ithi ivuna usihlalo we-Eskom emdonsiswaneni ngokusungula inkampani ezimele ezosabalalisa ugesi. Isithombe: Sithunyelwe

Sizoya enkantolo uma kususwa usihlalo webhodi ye-Eskom – inyunyana

YINTATHELI YOMBELE

INYUNYANA yezisebenzi zensimbi iNational Union of Metalworkers of South Africa (iNumsa) ithi izoyivimba ngayo yonke indlela imizamo yokususa esikhundleni usihlalo webhodi ye-Eskom uMnu uMteto Nyati.

I-Numsa isho loku emva kokuthi usolwazi wase-University of Cape Town wophiko iPower Futures Lab usolwazi u-Anton Eberhard ethe uNyati kufanele ehle esikhundleni ngoba akafuni ukuthi izinhlelo zokusebenza kwenkampani esabalalisa ugesi i-Independent Transmission System Operator (i-ITSO) zisheshe.

“Sifuna ukuthi isheshe isebenze i-ITSO ukuze ziqhubeke izinhlelo ezazimenyezelwe. Izimpahla sezingabuye zihanjiswe kuyona. UNyati uzoziphazamisa lezi zinhlelo zokuguqula imboni kagesi,” kusho u-Eberhard.

UNyati uxwayise ngokuthi umsebenzi wokuthutha izimpahla ze-Eskom ziyiswa enkampanini entsha akufanele wenziwe ngokuxhamazela ngoba ukwenza loko kuzophazamisa isimo sezimali ze-Eskom futhi kuthuse nabatshalimali.

IHhovisi likaMengameli ligxeke uNyati ngenkulumo yakhe, lathi wenza sengathi akazi ngezinhlelo zokuhlela i-Eskom kabusha.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/05/akusekho-ukudideka-ngenkampani-ezimele-ezosabalalisa-ugesi-kuloba-ubusi-mavuso/

UNyati uziphendulele wathi: “Ngiyabezwa bengigxeka kodwa okubalulekile wukuthi sonke sisebenzisane ukuvikela izwe lethu. Kufanele siqinisekise ukuthi asibuyeli emuva (ekucimeni kukagesi). Konke esikwenzayo sikwenze ngendlela ehlelekile.”

Unobhala-jikelele weNumsa uMnu u-Irvin Jim usole u-Eberhard neHhovisi likaMengameli ngokungacabangeli abantu baseNingizimu Afrika nokujaha ukunika imboni ezimele i-Eskom.

“UNyati wusihlalo oqinisekise ukuthi i-Eskom iyaphuma esimweni esibi sokucisha ugesi, wabuyisa ithemba kubantu bakuleli zwe. Asikwazi-ke ukulalela abantu abanezinhloso zabo zokuwisa i-Eskom abafuna aphume esikhundleni. Kufanele bamlalele ngoba uyawazi umsebenzi wakhe. Sizozivimba izinhlelo zokumkhipha uma kufanele siye enkantolo sizoya,” kusho yena.

Uthe beyiNumsa kuyaziwa ukuthi abahambisani nezinhlelo zokuhlukanisa i-Eskom ibeyizinkampani ezintathu, ngoba loku kuhambisana nokuthi ingxenye yayo iwele ezandleni zemboni ezimele.

“Asikwazi (ukudedela) umsebenzi wokusabalalisa ugesi ongenisa uR100 billion nenzuzo ewuR27bn ngonyaka odlule. Sikholwa wukuthi izimpahla ze-Eskom kufanele zibengaphansi kukahulumeni. Sizoyilwisa imizamo yokuzisusa kuwona,” kusho uJim.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page