Inqubekelaphambili ngezinguquko ezavela kwikhomishini kaZondo iveza okuhle nokuxegayo, kuloba uBusi Mavuso  

LONKE ushintsho olugcina luphumelele lutholakala kanzima. Kuqale kubewumzukuzuku luhlanganiswa, okufaka izinhlaka ezihlukene ngaphambi kokubawumthetho umphakathi obeka uvo ngawo, ngaphambi kokuphasiswa ePhalamende. Emva kwaloko, kuqala inselelo yokuthi usetshenziswe. 

Ukwehla kwentela ebanjwa kuphethroli kuyasiphefumulisa kodwa izinguquko zakha ikusasa, kuloba uBusi Mavuso

KUYANGIJABULISA ukuthi uhulumeni usilalelile isicelo sokuthi uphungule umthwalo wokunyuka kakhulu kwamanani kawoyela ngokwehlisa okwesikhashana intela ebanjwa kuphethroli. 

Ezokushushisa zifakazela ukuthi abantu bangaphendula. Manje sekufanele kuhlale kwenzeka, kuloba uBusi Mavuso

UKUBOSHWA kwezikhulu zamaphoyisa eziwu-11 ngesonto elidlule mayelana nethenda kaR360 million kuyinkomba yokuthi siphelile isikhathi sokuzicanasela. 

Okufanele sikwenze ukubhekana nothuthuva oseluqubukile emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso 

IMPI eseMiddle East kungenzeka ilimaze umnotho emhlabeni kakhulu kuye nokuthi izoqhubeka isikhathi esingakanani. Amabhizinisi aseNingizimu Afrika asevele asebenzela ukunqanda umonakalo futhi sidinga osopolitiki ukuthi babambisane nathi.

Ukwanda kobugebengu ezweni akuyona impi yamaphoyisa wodwa kodwa kudinga umphakathi wonke, kuloba uJabulani Sikhakhane

SEKUKANINGI ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natali uNhlanhla Mkhwanazi ebeka izizathu athi ziwumsuka wokwanda kobugebengu obenziwa ikakhulu yintsha. Izizathu zakhe zihambisana neminye imininingwane ngesimo sempilo eNingizimu Afrika.

Uhulumeni nezinkampani zezimayini abasukumele eyemigodi eyasala ikhamisile, kuloba uJabulani Sikhakhane

UNZIMA umsebenzi okudingeka wenziwe yiNingizimu Afrika ukukhuculula ukusebenza kwamabhizinisi amancane, ikakhulu angabhalisiwe ngokusemthethweni.

Wunyaka wokuthi iNingizimu Afrika ikhombise amangwevu emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso

LONA wunyaka onezinto eziningi esizibhekile emhlabeni kodwa engikholwa wukuthi uzoba muhle eNingizimu Afrika. Sinethuba lokwakhela phezu kwezinguquko ezenziwe eminyakeni embalwa edlule.

Ukungafundi, ukungaqeqeshwa nokungasebenzi kuyingozi ezizukulwaneni, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISIBALO sabantu abangondingasithebeni abaneminyaka ephakathi kwewu-15 newu-24 siphezulu kakhulu eNingizimu Afrika. Lapha sikhuluma ngabantu abangasebenzi, abangekho esikoleni noma ezikhungweni zemfundo ephakeme. Babizwa ngamaNEET, ukunqamulela ukuthi not in education, employment or training.

Ukubuyekeza imboni yomshwalense wemingcwabo kudinga ukushayelwa ihlombe, kuloba uJabulani Sikhakhane

ABELUSI bemboni yezimali bazobuyekeza ukusebenza yomshwalense womngcwabo. Lolu phenyo luzothinta nokusebenza kwabangcwabi njengoba sekuneminyaka bedayisa umshwalense wemingcwabo.

Kuningi okubhekwayo nokunesandla endleleni izwe elibhekwa ngama-ratings agency ngayo,  kuloba uJabulani Sikhakhane

ZINE izinto ezibalulekile ezicutshungulwa kabanzi uma kubhekwa indlela uhulumeni wezwe aphethe ngayo umnotho walo nesimo sezimali. Lo msebenzi wenziwa yizinkampani ezibizwa ngokuthi ngama-ratings agency. 

Ukusebenza kahle komnotho kumqoka uma uhulumeni uzoboleka imali, kuloba uJabulani Sikhakhane

UHULUMENI waseNingizimu Afrika uzoboleka uR424.7 billion ezimakethe zemali kuleli zwe naphesheya. Loku kuzosho ukuthi ekupheleni konyaka wezimali wango-2024/25 uhulumeni uzobe ukweleta uR5.6 trillion, isamba esilinganiselwa ku-75% wengxenye yomkhiqizo womnotho wezwe.

Ziningi izimpawu zezinto ezinhle ezweni, nokho iGauteng isihlehlisela emuva, kuloba uBusi Mavuso

UKUBUYEKEZWA kwendawo okukleliswe kuyo iNingizimu Afrika yiS&P Global njengoba isibekwe lapho kukleliswa khona amazwe angeyona ingozi uma ebolekwa imali yigxathu lokuqala lokuthi sibuyele endaweni enhle eyasiphunyuka ekuqaleni kokubheduka kwe-COVID-19.

Uqinisa idolo umbono ocacile ngokuguqula imboni yezokuthutha, kuloba uBusi Mavuso

UNGQONGQOSHE womNyango wezokuThutha uNks uBarbara Creecy uselethe umfutho omusha emnyangweni oletha ithemba kubantu bamabhizinisi ukuthi singaphumelela ekubhekaneni nenkinga yezokuthutha.

Mkhulu umonakalo owenzeka ezinganeni ezikhula zihlupheka, kuloba uJabulani Sikhakhane

UMBIKO weNelson Mandela Children’s Fund ngesimo sokuhlupheka kwezingane zaseNingizimu Afrika uyisikhumbuzo sokuthi leli zwe linemali yokumelana nezidingo nezinkinga zalo. Ingqinamba wukuthi imali ekhona ayisetshenziswa ngendlela. Ngamanye amazwi, indlela esetshenziswa ngayo ayinamphumela omuhle nobonakalayo.

Izikhulu eziphezulu zinengcindezi yokuqinisekisa ukuthi amabhizinisi ayasimama, kuloba uBusi Mavuso 

INTO egqame nge-Africa CEO Outlook Report yango-2024, umbiko osanda kushicilelwa yiKPMG, wukuthi izikhulu eziphezulu zasemazweni ase-Afrika aseningizimu azinalo ithemba elitheni ngesimo somnotho womhlaba kulo nyaka uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule.

Kuhle ukubona imboni yezimoto igxile kwikusasa, kuloba uBusi Mavuso

IMBONI yezimoto eNingizimu Afrika ingenye yalezo ezenza okukhulu emnothweni kodwa enganakwa kangako. Kungijabulisile ukubasengqungqutheleni yaminyaka yonke yale mboni eKapa, eNtsonalanga Kapa, ngesonto elidlule lapho bekubhungwa khona ngekusasa.

Umngani wami uMboweni ubekhaliphile, ethembekile, ewumzimb’ oqinile

AKUJWAYELEKILE ukuthi usebenzise la magama amane alandelayo: usozimali, unembeza, iqiniso, ukuthembeka uma ukhuluma ngosopolitiki lapha eNingizimu Afrika nasemhlabeni wonke.

Ukuthuthukisa umnotho wamalokishi kudinga osopolitiki abaneso elibuka okhalweni, kuloba uJabulani Sikhakhane

IWUNDABAMLONYENI eyekusasa nentuthuko yamalokishi, ikakhulukazi ngasohlangothini lwezomnotho. Isifana nevesi uJohane 14.

Kuhle ukuthi uHulumeni woBumbano awandile ngomlomo okwesiqabetho, kuloba uBusi Mavuso

ABANTU baseNingizimu Afrika bayazi ukuthi kwenzeka izinto ezinhle uma sisebenzisana, ikakhulukazi amabhizinisi nohulumeni. I-Business Leadership South Africa (iBLSA) ikukhonze kabi ukubambisana nohulumeni noma ngabe nini uma sikwazi ukusebenzisa amakhono ethu ukuphucula indawo esisebenzela kuyo, sikhulise umnotho futhi sidale imisebenzi.

Kusinda kwehlela embonini yamatekisi ngenxa yezikweletu, kuloba uJabulani Sikhakhane

BATHWELE kanzima osomatekisi, imboni eyaduma umhlaba wonke ngesikhathi sobandlululo ngokuba yindlela yabantu abamnyama yokuzizamela phezu kokucindizelwa nokuncishwa amathuba okuzithuthukisa ngokomnotho.

Izinsuku eziwu-100 zikaHulumeni woBumbano zikhomba ukubambisana okuhle namabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso 

NGESONTO elidlule, uHulumeni woBumbano uhlanganise izinsuku eziwu-100. Umbiko wawo unokuningi okuhle. Uhulumeni omusha usuzuze izinto eziningi ezinhle futhi usize ukuthi kubenethemba lokuthi sizokwazi ukuguqula umnotho ngendlela efanele. 

I-G20 yithuba elihle lokuqhuba umgqigqo wesasasa abatshalimali abanalo ngeNingizimu Afrika, kuloba uNksz uBusi Mavuso 

ISINQUMO seBhange loMbuso sokwehlisa imalimboleko ngo-25 basis points ngesonto elidlule sisho ukushintsha kwezinto endleleni izinto ebezenzeka ngayo ngaloku.

Izintatheli kufanele ziqaphe ngeso lokhozi njengoba sekunohulumeni wobumbano futhi zizinuke amakhwapha, kuloba uNwabisa Makunga

UMHLAKA-29 wangoMeyi usinike umphumela wokhetho owukuthi yize wawulindelekile, washo ukuqala kohambo olusha ezweni lethu. Abanye bathi kunomoya wethemba elisha ovunguzayo, bathi impela uHulumeni woBumbano uyasebenza.

Kuningi amabhizinisi angakwenza nomNyango wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana ukuphucula izinto, kuloba uBusi Mavuso

UMNYANGO wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana unganomphumela omkhulu endaweni abamabhizinisi abasebenza kuyo. Njengoba iKomiti lokuThuthukisa uMnotho nokuHweba ePhalamende lasho ngoJulayi lathi: “Uhulumeni kufanele wenze kubenendawo efanele yokusebenza kwamabhizinisi kodwa futhi kubenemithetho efanele yokuhola indlela okutshalwa ngayo imali emnothweni.”

Ubuyise ithemba umengameli ngobudlelwano bukahulumeni nosomabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso 

KUWUPHAWU lobudlelwano obuhle phakathi kwamabhizinisi nohulumeni ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa wethule inkulumo emhlanganweni wonyaka weBusiness Unity South Africa ngesonto elidlule.

Ayisukunyelwe eyokwanda kwezifo eziqhamuka ezilwaneni, kuloba uJabulani Sikhakhane 

BUKHULU ubudlelwano phakathi kwabantu, izillwane nemvelo yonkana. Bayazifuya ukuze bazidle noma zibengamagugu omndeni abaningi abawathatha njengomxhumanisi wabo nezidalwa zakubo. Bathenga inyama yazo, abanye bayazizingela ukuze bazidle.

Kuzobanzima ukwaba imali yezidingo zomphakathi ngenxa yezibalo ezigejayo, kuloba uJabulani Sikhakhane

UMBIKO osanda kukhishwa uxwayisa ngokuthi imiphumela yokubala abantu okuhambisana nemininingwane yenhlalo yabo okwenziwa ngo-2022 ayethembekile ngenxa yezingqinamba iStatistics South Africa (iStats SA) eyahlangabezana nazo.

Amanzi angena endlini ngokuguquguquka kwesimo sezulu, kuloba uJabulani Sikhakhane

UDABA lokutholakala kwezindlela ezintsha zokwakha izakhiwo nokubumba izinto zokwakha ukuze zikwazi ukumela ushintsho lwesimo sezulu kudingeka lusukunyelwe ngokushesha.

Umnotho uzosimama uma siphuthumisa izinguquko, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule i-International Monetary Fund (i-IMF) ishicilele ekulindele emhlabeni, okube yisikhumbuzo esidabukisayo sokuthi sikude kangakanani ekubeni nomnotho osebenza ngendlela okufanele ngayo siyizwe

Kudingeka amakhono komasipala ukunakekela kahle ingqalasizinda yamanzi, kuloba uBusi Mavuso

Kudingeka amakhono komasipala ukunakekela kahle ingqalasizinda yamanzi

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page