Tag: kugiya ongoti
Ukusondeza omasipala abakhulu akuziphuculi izinto, kuloba uJabulani Sikhakhane
UBUKHULU bukamasipala bubalulekile kodwa ngezizathu ezihlukene. Omasipala abakhulu, ngokwendawo abanayo noma abantu abangaphansi kwabo, basesimweni esifanele ukuzakhela nokuziphathela izinhlelo ezidinga imali eningi okungaba ngeyamanzi nengqalasizinda yokuhambisa indle. Nokho uma bebakhulu babakude nezakhamuzi bese bengazihambisi kahle izidingo kubantu.
Akuyekwe ukucekela phansi izimboni kungaze konakale kakhulu, kuloba uBusi Mavuso
NOMA yiziphi izifiso iNingizimu Afrika enazo zokuvuselela izimboni zishabalala sibhekile. UmNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana kufanele usihole ukushintsha izinto uma uthatha izimboni njengezibalulekile ekukhuleni komnotho weNingizimu Afrika. Uma uhluleka, kunesizukulwane saseNingizimu Afrika esizothwala kanzima.
Mkhulu umonakalo owenzeka ezinganeni ezikhula zihlupheka, kuloba uJabulani Sikhakhane
UMBIKO weNelson Mandela Children’s Fund ngesimo sokuhlupheka kwezingane zaseNingizimu Afrika uyisikhumbuzo sokuthi leli zwe linemali yokumelana nezidingo nezinkinga zalo. Ingqinamba wukuthi imali ekhona ayisetshenziswa ngendlela. Ngamanye amazwi, indlela esetshenziswa ngayo ayinamphumela omuhle nobonakalayo.
Kuhle ukuthi uHulumeni woBumbano awandile ngomlomo okwesiqabetho, kuloba uBusi Mavuso
ABANTU baseNingizimu Afrika bayazi ukuthi kwenzeka izinto ezinhle uma sisebenzisana, ikakhulukazi amabhizinisi nohulumeni. I-Business Leadership South Africa (iBLSA) ikukhonze kabi ukubambisana nohulumeni noma ngabe nini uma sikwazi ukusebenzisa amakhono ethu ukuphucula indawo esisebenzela kuyo, sikhulise umnotho futhi sidale imisebenzi.
Kuningi amabhizinisi angakwenza nomNyango wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana ukuphucula izinto, kuloba uBusi Mavuso
UMNYANGO wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana unganomphumela omkhulu endaweni abamabhizinisi abasebenza kuyo. Njengoba iKomiti lokuThuthukisa uMnotho nokuHweba ePhalamende lasho ngoJulayi lathi: “Uhulumeni kufanele wenze kubenendawo efanele yokusebenza kwamabhizinisi kodwa futhi kubenemithetho efanele yokuhola indlela okutshalwa ngayo imali emnothweni.”





























































