Isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa uNksz uBusisiwe Mavuso sithi osomabhizinisi bazowubheka ngawokhozi uhulumeni wokubambisana ngemva kokhetho. Isithombe: Sithunyelwe

Lusho ukuthini ukhetho kwabamabhizinisi, kuloba uBusisiwe Mavuso

CISHE iNingizimu Afrika izokwenza ushintsho olukhulu isuka ekukhonyeni kweqembu elilodwa iye lapho umbuso uzokwenganyelwa khona wukubambisana kwamaqembu ahlukene ezweni lonke nasezifundazweni emva kokhetho lwayizolo. 

Miningi imibono ekhona ngempumelelo noma ngokuhluleka kohulumeni bobumbano emhlabeni. Okuhle wukuthi baningi abaphumelelayo okusinika ithemba lokuthi noma yimuphi uhulumeni wobumbano osungulwayo eNingizimu Afrika uzoba nethuba lokulwela ukushintsha isimo somnotho.

Ukuzibophezela ukuletha izinguquko

Abangakuthanda osomabhizinisi wukuthi kubenohulumeni ohambisana nezidingo zawo nesizwe esisebenzela ukukhula komnotho, uzibophezele ekusebenzeni nemboni ezimele ukuletha inqubekelaphambili ngomsebenzi osuwenziwe ukubhekana nezinselelo ezibeka ikusasa lezwe engcupheni. 

Noma ngabe ithini imiphumela yokhetho, amabhizinisi azodinga isiqiniseko kuhulumeni omusha sokuthi usazibophezele ukuletha izinguquko futhi uyaqhubeka nokubambisana nemboni ezimele ukulwa nezinselelo ezinkulu zomnotho nendlela ekwenziwa ngayo izinto eNingizimu Afrika.

Ukubambisana kwemboni ezimele nohulumeni 

Kunenqubekelaphambili ebalulekile esiyenzekile emnothweni kusukela kwaqala ukubambisana kwezinhlangano zamabhizinisi ezimelwe yiBusiness Unity South Africa (iBUSA) ngokusebenzisa iBusiness for South Africa nohulumeni omelwe yiHhovisi likaMengameli neminyango efanele. 

Inhloso wukusebenzisa izinsizakusebenza nabantu abakhona ukulungisa izinkinga zenhlalakahle nesimo somnotho ezweni kugxilwe kakhulu kugesi, ezokuthutha, ubugebengu nenkohlakalo. Kuze kube yimanje imboni ezimele isikhiphe ngaphezu kukaR170 million futhi ithole ongoti abangaphezu kwabawu-350 nezikhulu eziphezulu ezingaphezu kuka-130 ezizibophezele ekusebenzisaneni ukwakha izwe.

Amabhizinisi nohulumeni babambisene ngempumelelo ukulwa nezingqinamba zikagesi kanti ukucinywa kukagesi sekwehle ngo-61% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule. Njengoba sengike ngasho uma ngibhalelela amalungu ethu, into ecacile wukuthi sesiyizuzile wukuthi inkinga kagesi isiyanqobeka ngenxa yemali etshalwa yimboni ezimele ekuphehleni ugesi omusha nomsebenzi amabhizinisi nohulumeni asebewenze ngokubambisana.  

Kukhona nenqubekelaphambili esiyenzekile ekulungiseni izinselelo zezokuthutha ezidalwe wukuguga nokungasebenzi kahle kwengqalasizinda yezitimela namachweba.

Ukusungulwa kwekomiti elingamele inkinga yezokuthutha iNational Logistics Crisis Committee (iNLCC) kulethe ongoti bezitimela, amachweba, imigwaqo nezikhulu eziphezulu eziwu-45 futhi zacacisa kahle iqhaza likahulumeni ekuvuseleleni imigomo nemithetho. Konke loku sekuthele izithelo, kwanciphisa isibalo semikhumbi epake echwebeni laseThekwini ngo-45% ezinyangeni eziyisithupha futhi kwaphungula nezinye izingqinamba zezokuthutha kakhulu. 

Le miphumela emihle ezuziwe itshengisa ukuthi ukubambisana kwemboni ezimele nohulumeni kusebenza kahle kanjani uma kuthenjwana futhi kuvunyelwana ngezinto okufanele zibeseqhulwini. 

Iqiniso wukuthi abantu bamabhizinisi bayathenjwa futhi banezinsizakusebenza. Imiphumela esanda kukhishwa yi-Edelman Trust Barometer itshengisa ukuthi wu-62% othemba abamabhizinisi kanti ukungawuthembi uhulumeni ukuthi ungakwazi ukwenza umsebenzi wawo kubonakale ngokuthi abawuthembayo behlele ku-29% kanti leli gebe yilona elikhulu kunawo wonke emhlabeni. 

Yize kunjalo, uhulumeni unamandla okuletha izinguquko nokushintsha umthetho okucaba indlela yokuthi kube noshintsho oludingekayo ukuze iNingizimu Afrika idlondlobale. 

Ukuthenjwa yisona sisekelo amabhizinisi nohulumeni abangasebenzela phezu kwaso ukuletha izinguquko nokuthola izinsizakusebenza ezizovuselela umnotho waseNingizimu Afrika. Kumqoka futhi ekuthatheni izinyathelo ezizoletha ithemba lokuthi izinhlaka ezihlukene emnothweni zizokwenza okuqondene nazo.

Kuyakhuthaza ukuthi izinto ezintsha eziqhamuka ngenxa yokubambisana kwemboni ezimele nohulumeni embonini kagesi ovuselelwayo sekuvele kwenze abantu babanethemba, okungenye yezinto evezwe yi-Edelman Trust Barometer. 

Bangaphezu kuka-60% abantu ababambe iqhaza kulolu cwaningo abakholwa wukuthi ukubambisana kwabamabhizinisi nohulumeni kungaholela ekwengameleni kangcono izinguquko ezilethwa wubuchwepheshe. 

Kungayishwa ukubona loku kuthenjwa kuqedwa wuhulumeni ongahluleka ukwenza umsebenzi uma kubhekwa ukubaluleka kwezinguquko esezivele ziqalile. Uma singaqhubeki nesikwenzayo, iNingizimu Afrika izophinde ingene ogibeni ehlale igaxela kulo lokuthi uma kungena uhulumeni omusha, izinto ziyama futhi ziqale phansi. 

Intsha intula imisebenzi 

Cishe, inkinga enkulu kunazo zonke esibhekene nayo siyizwe wukuntuleka kwemisebenzi, ikakhulukazi ngoba kubantu abathathu abasha, ababili abasebenzi. 

Yize kungangatshazwa ukuthi kufanele kungenelelwe ngezinguquko ezinqala emnothweni ukuze amabhizinisi akhule futhi kube nemisebenzi, ukuthola izisombululo ezisheshayo ngenkinga yokuntuleka kwemisebenzi, ikakhulukazi entsheni, kuzosiza ukuhlalisana kahle futhi kuseke ukukhula komnotho ngokuhamba kwesikhathi. 

Kunohlelo oluqhubekayo phakathi kwamabhizinisi amelwe yiBUSA nohulumeni ukubheka izindawo lapho kungavulwa khona amathuba emisebenzi entsheni ikakhulukazi emikhakheni lapho imisebenzi ingadingeka khona ngokushesha nasemabhizinisini amancane. 

Loku kufaka ukuphucula amathuba emisebenzi entsheni ngokusebenzisana izinhlelo ezivele zikhona njengeYouth Employment Scheme neSA Youth eseHhovisi likaMengameli nokugudluza izithiyo ezivimba amabhizinisi amancane ukuthi akhule nokusungula imisebenzi embonini. 

Kusezandleni zamabhizinisi nohulumeni ukuseka imizamo efana nalena. Uhulumeni ngeke akwazi ukukwenza yedwa ngoba akanayo imali. Nokho, ungenza ukuthi indawo amabhizinisi asebenza kuyona ibengefanele ukuze akwazi ukusebenzisa kahle izinsizakusebenza zawo. 

Ukukhulisa amabhizinisi nokubambisana kangcono endleleni okungenelelwa ngayo kungavula amathuba amaningi emisebenzi entsheni ngo-2026 futhi kwenze intsha eningi evaleleke ngaphandle ifake isandla emnothweni, ibuyelwe yithemba futhi iwukhathalele umnotho. 

Njengoba amazwe asethuthukile enabantu abaningi abagugayo, intsha yaseNingizimu Afrika yenza sibe yizwe elinabantu esingazuza ngabo uma singakwazi ukubavulela amathuba.

Uhulumeni akuwona ovula imisebenzi njengamanje. Ngamabhizinisi adala imisebenzi futhi angenisa imali yentela. Kodwa angakwazi ukuqhubeka afake isandla emnothweni endaweni esimeme. Uma izinkampani zingazi ukuthi izothini imigomo kahulumeni eminyakeni embalwa ezayo, zikwazi ukutshala imali yazo isikhathi eside. 

Yingakho-ke singathanda ukubona uhulumeni ozongena uzibophezela ekuqhubekeni nezinguquko okubalwa ukunciphisa ukuntuleka kwemisebenzi, ikakhulukazi entsheni, futhi ibone ukuthi loku kumqoka kanjani kwikusasa lezwe. Ukuhluleka ukwenza lokho kuletha ingozi yokuthi kungabi nokuthula ezweni. 

Izisekelo zomnotho osimamayo 

Uhlelo lwe-Operation Vulindlela (i-OV) lucacise kahle indlela okufanele ilandelwe wuhulumeni. Luyisibonelo esihle sokuthi amabhizinisi, izinyunyana nohulumeni bahlangane kanjani ukuphuthumisa ukwenza izinguquko okuwukuthi amabhizinisi amelwe yiBusiness Leadership South Africa (iBLSA) bahlinzeke izinsizakusebenza abanazo ukuseka ukuvuselela umnotho. 

Ngaphezu kwezinguquko ezibekwe eqhulwini yi-OV nezenzelwe ukuphucula ukuba khona kukagesi, ukulungisa inkinga yezokuthutha nokunciphisa ubugebengu, iBLSA icela uhulumeni omusha ukuthi ubeke loku okulandelayo eqhulwini:

  • Umgomo womnotho osizayo – umgomo womnotho ovumela ukuthi imboni ezimele ikhulise umnotho futhi yakhe imisebenzi; 
  • Imigomo nemithetho ecacile – ulungise izinto ezingacacile ezimayini, okumbiwa phansi nomgomo wokuncintisana; 
  • Umgomo wokuphathwa kwemali ophusile – ihleleke indlela imali esetshenziswa ngayo okufaka ukuzithiba uma kufanele; 
  • Ukusebenza kahle kwezimboni okuxhunyanwa ngazo – ukuqhubeka ukuzibophezela ukwenza lezi zinhlelo esezivele ziqalile embonini kagesi, ezokuthutha, amanzi nokushintshela ebuchwephesheni besimanje, ngokubambisana nemboni ezimele;
  • Uhulumeni owazi umsebenzi – ukuzimisela nokuba nabantu abazokwethula imigomo ngesikhathi futhi ngendlela efanele besekwa izisebenzi zikahulumeni eziyifundele imisebenzi eziyenzayo nezisebenza ngobuqotho; 
  • Uhulumeni osebenza ngendlela efanele – ukuhlinzeka ngezidingo zikahulumeni, ikakhulukazi komasipala;  
  • Ukuthuthukisa nokuba khona kwamakhono – ukuvumela imboni ezimele ezindaweni ezimqoka njengamanyuvesi, ekuqeqesheni amanesi nokweseka ukuthi kube nabantu abenele kuhulumeni nasezikoleni; 
  • Ezokuphepha nokuvikela nokuhlonipha umthetho – ukwenza ukuthi kube nabantu abenele kuzo zonke izinhlaka zomthetho nobulungisa;
  • Ezenhlalakahle ezisimeme – ukuphucula ukusebenza kwendlela okuphenywa ngayo nezobunhloli ezilwa nobugebengu nokuqhubeka nokugxila ekukhuliseni umnotho ngendlela efukula wonke umuntu, imisebenzi nokuhlinzeka ngemisebenzi; 
  • Ukubambisana kahle namanye amazwe emhlabeni ukuthuthukisa ukukhula kweNingizimu Afrika nentuthuko. 

Amabhizinisi angafaka isandla ekulungiseni ezinye zezinselelo ezivimba ukuthi kufezwe ezinye zalezi zinto okufanele zibe seqhulwini. Angasiza ngemali nemali okudingekayo uma indawo asebenzela kuyo isimeme. Nokho awakwazi ukubamba iqhaza kwezinye zezinto okufanele ziphuthunyiswe njengokusheshisa izicelo zezimvume zabantu abafisa ukuzosebenza eNingizimu Afrika, izisebenzi ezinamakhono adingekayo ngempela. 

Izinselelo zikahulumeni wobumbano 

Emhlabeni jikelele ayifani indlela ohulumeni bobumbano abasebenze ngayo. Okubonakele eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe lapho sekuke kwanohulumeni wobumbano khona wukuthi ngaphandle kokuthi zonke izinhlangano zizibophezele ekusebenzisaneni ukuze kuhlomule izwe futhi kusetshenziswe yonke imihlomulo ehambisana nobumbano, izinhlangano ezibumba lolu hlobo lukahulumeni zizohluleka ukwenza umsebenzi.

Izinto ovame ukubonakala ngayo uhulumeni wobumbano ongasebenzi wubuholi obunesiphithiphithi, ukungakwazi ukwenza izinqumo ngenxa yokungabambisani nokuhluleka ukuhlinzeka izidingo ezidingwa yiwo wonke umuntu ukuze aphile.

Inkohlakalo inganyuka futhi ngenxa yokwenzelelana phakathi kwezinhlangano. 

INingizimu Afrika ayikwazi ukuvuma ukungena kulolu gibe. Ngenxa yokungafani kwendlela ohulumeni bobumbano abasebenze ngayo komasipala eminyakeni edlule, kunomlando uhulumeni omusha ongasebenzela kuwo, ufunde emaphutheni enzekile lapho uhulumeni uhlulekile khona ukwenza umsebenzi futhi uthathe okuhle lapho ibe khona impumelelo. 

Impumelelo yahulumeni bobumbano

Kunamazwe amaningi lapho ohulumeni bobumbano bephumelele khona futhi baqinisa intando yabantu ngohulumeni obunjwe yizinhlangano ezihlukene futhi emazweni amaningi, yiyona ndlela okwenziwa ngayo ngoba abakazwe babuswe yinhlangano eyodwa ekhonyayo. Le mpumelelo ibonakele emazweni afana ne-Italy, iBelgium, iHolland, iJalimane, iSweden, iNew Zealand ne-India namanye. 

Izinto ebonakala ngayo impumelelo wukugxila ekuphuculeni izwe nabantu balo nokuzimisela ukubambisana ukuze wonke umuntu asizakale.

Into enhle ngohulumeni wobumbano uma uphethe izwe esikhundleni sikahulumeni olawulwa yiqembu elilodwa wukuthi ubumbano luhlanganisa imibono engafani futhi lusethubeni elihle lokuphucula indlela imigomo eshaywa ngayo nokuphucula impilo yawo wonke umuntu. Labo hulumeni batshengisile futhi kunethuba lokuthi izinhlangano ezikubumbano zifunde. 

Nokho, ukuze kwenzeke lokho, kufanele kubanjiswane, kube nokuthula nokuthembana. Yilapho-ke ungabusa khona kahle uhulumeni wobumbano. 

Isifundo esikhulu wukuthi zonke izinhlangano kufanele ziqonde ukuthi kuzofanele zibonisane, akukhathaleki ukuthi ngabe enye inhlangano inkulu kangakanani noma inongqongqoshe abangaki ngoba akekho kuhulumeni wobumbano “othola yonke into”. 

Sikholwa wukuthi ukuze iNingizimu Afrika iphumelele uma i-ANC ingatholi amavoti anele ukuthi iqhubeke ibe yinhlangano ebusayo, uhulumeni omusha wobumbano kufanele uqinisekise ukuthi kunezivumelwano ezicacile futhi ezisayiniwe zobumbano.

Ngaleyo ndlela abavoti bazokwazi ukuthi yini okufanele bayilindele kuhulumeni wobumbano, kwenza ukuthi zazi zonke izinhlangano ukuthi yini ezingayenza futhi namabhizinisi ayazi ukuthi angasebenza futhi batshale imali ezweni elisimeme. 

Ekugcineni, indaba ayipheleli kwipolitiki nezinkolelo zezinhlangano, kumayelana nokuhle ngezwe futhi sidinga ukuphucula ezenhlalakahle nomnotho nohulumeni ozoqhubeka uzibophezele ezinguqukweni esezivele seziqalile. 

Amabhizinisi ami ngomumo futhi akhona ukweseka ngongoti nangemali edingwa yiNingizimu Afrika ukuthuthukisa umnotho. 

Siyakholelwa kokungazuzwa yiNingizimu Afrika ngezinguquko eseziqalile nokubambisana phakathi kwemboni ezimele nohulumeni nokuzibophezela ekutheni kubenendawo esimeme okungatshalwa imali kuyo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page