Tag: BLSA
Kuhle ukuthi uHulumeni woBumbano awandile ngomlomo okwesiqabetho, kuloba uBusi Mavuso
ABANTU baseNingizimu Afrika bayazi ukuthi kwenzeka izinto ezinhle uma sisebenzisana, ikakhulukazi amabhizinisi nohulumeni. I-Business Leadership South Africa (iBLSA) ikukhonze kabi ukubambisana nohulumeni noma ngabe nini uma sikwazi ukusebenzisa amakhono ethu ukuphucula indawo esisebenzela kuyo, sikhulise umnotho futhi sidale imisebenzi.
Kuningi amabhizinisi angakwenza nomNyango wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana ukuphucula izinto, kuloba uBusi Mavuso
UMNYANGO wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana unganomphumela omkhulu endaweni abamabhizinisi abasebenza kuyo. Njengoba iKomiti lokuThuthukisa uMnotho nokuHweba ePhalamende lasho ngoJulayi lathi: “Uhulumeni kufanele wenze kubenendawo efanele yokusebenza kwamabhizinisi kodwa futhi kubenemithetho efanele yokuhola indlela okutshalwa ngayo imali emnothweni.”
‘Yisikhathi sokufingqa imikhono kuhulumeni’
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) iwahalalisela amalungu ekhabhinethi kahulumeni wobumbano futhi iyayibona imizamo kaMengameli uCyril Ramaphosa nawo wonke amalungu kahulumeni wobumbano yokulibala wukungaboni ngaso linye kwawo agxile ekubekeni eqhulwini izidingo zabantu baseNingizimu Afrika ngokuvumelana ngokushesha ngendlela esheshayo ezokhulisa umnotho ofaka wonke umuntu.
Sidinga ongqongqoshe abazohlonipha umsebenzi kahulumeni, kuloba uBusi Mavuso
INKULUMO kaMengameli uCyril Ramaphosa ngesikhathi egcotshwa ngesonto elidlule iyikho kanye esikudingayo ngalesi sikhathi emlandweni wombuso wentando yabantu. Umengameli uthe abavoti batshengisile ukuthi bafuna “umnotho oshintshile, okhulayo, ofaka wonke umuntu nowakha imisebenzi yezigidi zabantu abafuna umsebenzi namathuba amabhizinisi abo bonke osomabhizinisi ezweni lethu”.
Abashaya imithetho bakushaya indiva ukuphawula komphakathi, kuloba uBusi Mavuso
UKUHOXISA imithetho emisha ehlongozwayo ngezimvume zokusebenza eNingizimu Afrika, phecelezi ama-visa, ngesonto elidlule ebizokwenza kube lula ukuthi izisebenzi ezinamakhono zize eNingizimu Afrika kuyisibonelo sokuthi kuthathwa kuncane kangakanani ukubonisana nomphakathi ezinhlakeni eziningi zikahulumeni
Kuletha ithemba ukubambisana okusha phakathi kukahulumeni nosomabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso
NGESONTO elidlule kuqale enye indlela entsha yokusebenzisana phakathi kosomabhizinisi nohulumeni. Emhlanganweni obuse-Union Building, izinhlangano zamabhizinisi nezikhulu eziphezulu zezinkampani ezinkulu eNingizimu Afrika zihlangane nomengameli nongqongqoshe abaningi ukubhunga ngecebo eliphuthumayo lokubhekana nezinkinga ezisixakile siyizwe.