I-ANC ibhekene nenkiyankiya ngohulumeni omusha, kuloba uJabulani Sikhakhane
ININGIZIMU Afrika isezimpambanweni zomgwaqo ngokwepolitiki nezomnotho. Isinqumo sezepolitiki singabanomphumela omuhle noma omubi kwezomnotho ngenxa yokuxhumana kwale mikhakha yomibili.
Inkinga kwipolitiki isuswa umphumela wokhetho lezwe nezifundazwe, lapho i-ANC ithole ivoti elingaphansi kuka-50% ezweni lonke futhi yalahlekelwa yizifundazwe ezimbili, iKwaZulu-Natali neGauteng.
Lezi zifundazwe zihamba phambili ngobukhulu bomnotho nesibalo sezakhamuzi ezihlala kuzona. IGauteng ihamba phambili nangenani lomkhiqizo ezweni, njengoba ngokwezibalo zeStatistics South Africa kukhiqizwa u-33% khona. Ilandelwa yiKZN ngo-16%. Okwesibili, ichweba elibalulekile kakhulu ezweni liseKZN.
Ukuhluleka kwe-ANC ukuthola amavoti angaphezu kuka-50% ezweni lonke kusho ukuthi kumele ibambisane namanye amaqembu. Kuloku leli qembu kuzomele likhethe phakathi kwe-Democratic Alliance (iDA), iMK Party kaMnu uJacob Zuma noma i-Economic Freedom Fighters.
I-ANC ingazama ukubusa ngo-40% wayo ePhalamende, uma nje ingathola amaqembu avumayo ukuvota nayo uma kukhona imithetho nezinqumo okumele ziphasiswe yiPhalamende.
Zonke lezi zindlela zinezinkinga zayo, nhlangothi zombili kwezomnotho nepolitiki. Uma i-ANC ikhetha ukubambisana neDA, loku kungemukelwa ngabatshalimali nosomabhizinisi. Sebekubeke kwacaca ukuthi bakhetha iDA.
Ukukhetha iDA kungadalela i-ANC izinkinga kwipolitiki. Amalungu e-ANC awaboni ngaso linye ngokubambisana neDA, okusho ukuthi abaholi bayo banomsebenzi onzima wokuphendula wonke amalungu ekomiti elengamele le nhlangano ukuthi emukele lokhu. Sekuyoba wumsebenzi wala malungu ukuthi asabalale izwe lonke eyokhuluma nalabalandeli.
Akuzubalula loku njengoba uZuma ethwalise i-ANC kanzima. Amanye amalungu e-ANC angase alandele uZuma neqembu lakhe, okungagcina kubeke ikusasa le-ANC engcupheni, ikakhulukazi ekuphatheni omasipala. Ukhetho lomasipala lulindeleke ukuthi lube seminyakeni emibili nohhafu kusuka manje.
Ukuphatha kwe-ANC eThekwini sekuvele kusengcupheni njengoba sekuneminyaka izikhamuzi zakulo masipala zikhononda ngezidingo zazo, njengokungatholakali kwamanzi ahlanzekile ngaso sonke isikhathi. ITheku liyisizinda esibalulekile kakhulu emnothweni weKZN.
NaseGauteng, i-ANC ayisaphethe bobathathu omasipala – iJohannesburg, i-eKurhuleni neTshwane – izizinda ezimqoka zomnotho wesifundazwe.
Uma abaholi be-ANC behluleka wukwenza wonke amalungu ukuthi asekele isiphakamiso sokubusa ngokubambisana neDA, kuyomele leli qembu likhethe phakathi kokubusa ngo-40% walo ePhalamende noma lenze isivumelwano neMK ne-EFF.
Lesi sinqumo sinezingqinamba. UZuma usekubeke kwacaca ukuthi akukho sivumelwano sokubambisana azosenza ne-ANC uma uMnu uCyril Ramaphosa esewumengameli wayo. Nabanye abaholi be-ANC sebethe ngeke kususwe uRamaphosa, njengoba ewumholi owakhethwa yingqungquthela yale nhlangano.
Inkinga yesibili yimibono yosomabhizinisi abakhononda ngemigomo yeMK ne-EFF, ikakhulukazi ephathelene nezomnotho, abathi izodala ubunzima ekusebenzeni kwabo. Ubunzima abakhononda ngabo kunganezezela kwizingqinamba asebevele bebhekane nazo eminyakeni engaphezu kweshumi edlule.
Phakathi kwalezi zingqinamba singabala ukushoda kukagesi owanele izidingo zezwe notholakala ngaso sonke isikhathi. Ukungasebenzi ngendlela egculisayo kwamachweba ezwe nesimo semigwaqo esingekho ezingeni elifanele.
Ngakolunye uhlangothi uma i-ANC ikhetha iDA ezweni lonke, lesi sinqumo singayidalela izinkinga eKZN naseGauteng. E-KZN ihamba phambili ngamavoti awu-45.35%, ilandelwe i-IFP ngo-18%. I-ANC ilele isithathu ngo-16.99%. Loku kwenza kube nzima ukuthi i-ANC ivumelane namanye amaqembu ukuphatha lesi sifundazwe.
Iqembu elisesimweni sokubambisana namanye amaqembu yiMK. Noma izinhlangano zeMK ne-IFP zingaboni ngaso linye kweminye imigomo ebalulekile, uma iMK iqonde ukudalela i-ANC ubunzima ingabambisana ne-IFP.
EGauteng i-ANC ihamba phambili ngo-34.76%, ilandelwe yiDA ngo-27.44%, i-EFF ilale isithathu ngo-12.99%. I-MK ilele isine ngo-9.79%.

Izibalo zokwesekwa kwamaqembu okhethweni lwango-2024
Loku kukhomba ukuthi uma i-ANC ifuna ukuphatha e-Gauteng kuzomele ikhethe phakathi kweDA, EFF neMK. Nalapha ukuthi ikhetha bani kuzoba nezingqinamba ezifanayo nasezweni lonke.
Zibalulekile izifundazwe njengoba kuyizona eziphethe umsebenzi wezemfundo, ezempilo neminye imikhakha yezidingo zomphakathi. Uhulumeni ezweni lonke ubumba imigomo yezemfundo nezempilo. Kepha yizifundazwe ezisingethe le mikhakha yomibili – othisha nezisebenzi zezempilo ziqashwa ngohulumeni bezifundazwe.
Okunye wukuthi amabhizinisi azinze ezindaweni ezingaphansi kwezifundazwe. Okwenziwa ngempumelelo, noma ukuhluleka kwalabohulumeni, kunomphumela omuhle nomubi ekusebenzeni kwamabhizinisi.
Nesimo sempilo sincike kakhulu empumelelweni yohulumeni bezifundazwe nomasipala ukwenza umsebenzi wabo. Isikhathi esiningi, ukugculiseka ngempilo yansuku zonke kuncike ekusebenzeni komasipala nohulumeni bezifundazwe, hhayi okwenziwa ezweni lonke.
Okunye okubalulekile wukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukuthi i-ANC inqume ukuthi izobambisana naliphi noma maphi amaqembu. Uma kuthatha isikhathi kungadala izinkinga kwezomnotho, ikakhulukazi ezimakethe zezimali.
Lezi zinkinga zingasheshe zibonakale ngokwehla kwamandla emali yezwe uma iqhathaniswa neyamazwe asethuthukile, ikakhulukazi idola laseMelika.
Abalulekile amandla emali njengoba leli zwe lithenga izidingo zalo eziningi, njengowoyela ohluziwe nongahluziwe, kwamanye amazwe.
Zimbili izizathu zokwehliswa noma ukwenyuswa kwentengo kaphethroli nodizili kuleli zwe. Esokuqala yinani lentengo kawoyela (ekalwa ngemali yaseMelika). Esesibili, amandla emali akulelizwe uma iqhathaniswa nedola njengoba kumele kuthengiswe amarandi ukuze kuthengwe amadola azosetshenziswa ukuthenga uwoyela.
