Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ithakasile ukuthi lo masipala unamathuba emisebenzi amaningi uma uqhathaniswa nabanye. Isithombe: Sithunyelwe

UMasipala waseThekwini unesibalo esiphansi sabantu abangasebenzi kunabanye omasipala abakhulu

YINTATHELI KAMASIPALA

IZIBALO ezintsha zabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika zikhombisa ukuthi uMasipala waseThekwini unesibalo esiphansi sabantu abangasebenzi.

Isibalo sabantu abangasebenzi eThekwini ngo-Ephreli nangoJuni walo nyaka siwu-21,2%, siphansi kunesaseCape Town esiwu-21,9% futhi siphansi kunesezwe esiwu-33,6%.

Loku kusho ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi sehle ngo-5,6 percentage point, sisuka ku-26,8% esasikuwona ngonyaka odlule ngesikhathi esifanayo, okusho ukuthi sehle kakhulu uma siqhathaniswa nakwabanye omasipala.

Baningi abantu abaqashiwe eThekwini njengoba bekhuphukele ku-1,29 million, okusho ukuthi zinyuke ngo-90 000 ngekota yesibili uma beqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.

Ngalesi sikhathi isibalo sabantu abangasebenzi sehle ngo-92 000 sawu-347 000, okwenza ukuthi uMasipala waseThekwini ubewumasipala omkhulu esehle kakhulu isibalo sabantu abangasebenzi. Umasipala uqasha kakhulu izakhamuzi ezisesigabeni sokusebenza, ukuziqasha kunyukele ku-46,9%, kusuka ku-44,2%.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/12/05/umasipala-wasethekwini-uthuthela-enkundleni-entsha-yokukhangisa-imisebenzi/

Amabhizinisi abhalisiwe aqashe abantu abawu-948 000 ngekota yesibili, okuyisibalo esisuka ku-32 000 ngekota edlule. Isibalo sabantu asebelahle ithemba lokuthi bayoke bathole umsebenzi sona sehle saya ku-40,2% sisuka ku-44,2%. 

Imeya uMnu uCyril Xaba ithe izibalo zikhombisa umsebenzi oqhubekayo wokutshala imali eThekwini. “Lezi zibalo zikhombisa ukuthi izinhlelo esisebenza phezu kwazo okukhona ezengqalasizinda, ezokugqugquzela abatshalimali, ukuseka izimboni nezokuvakasha zidala imisebenzi yezakhamuzi zethu.

“Umsebenzi usaqhubeka. Bangaphezu kuka-340 000 abantu abasafuna umsebenzi eThekwini futhi kufanele sinyuke isibalo sokubaqasha. Nokho unyawo esishaya ngalo luhle futhi sizimisele ukuqhubeka ngalo,” kusho yena.

Ugcizelele ukuthi ukungabibikho kwemisebenzi kuyinselelo enkulu ebhekene nezakhamuzi kanti umasipala uzoqhubeka ukutshala imali kwingqalasizinda, ukuseka amabhizinisi amancane nokuqinisa ubudlelwano nemboni ezimele ukudala amathuba omsebenzi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page