ABATSHALIMALI bakwamanye amazwe bakhuluma ngezenzo uma singenzi izinto ezizokwenza sihehe, kufanele kulindelwe ukuthi abatshalimali bazophuma bengena eNingizimu Afrika, kuye nokuthi amaqhinga ethu athini nokuthi sixhumana kanjani nomhlaba wonke.
LIKHULU iqhaza labazali emfundweni yezingane zabo. Isikhathi esiningi leli qhaza alidingi ukuthi umzali abe wumuntu ofunde kakhulu noma onemali etheni.
SENGIKE ngabhala ukuthi sibhekene nengozi yokushoda kwegesi uma sekuphela ukuhlinzeka igesi ezinkampanini ngo-2026. Lena yinkinga yamabhizinisi aqashe abantu abangu-70 000 futhi angenisa u-R500 billion ngonyaka emnothweni.
ABANINGI uma bephawula ngeminyaka ewu-30 yenkululeko bayihlukanisa kabili. Eyokuqala wuguquko olumangalisayo lapho umnotho namabhizinisi kwakhula, kuhlomula ngokuphela kobandlululo nokubuyiselwa kwethu emnothweni womhlaba. Eyesibili bathi izinto zihlehlele emuva, izikhungo zethu zombuso ziwisiwe nomnotho.
UMBIKO kaNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk u-Angie Motshekga oveza ukuthi izikole zaseNingizimu Afrika zinezikhala zothisha ezingaphezu kuka-31 000 awugwinyisi mathe ngekusasa lemfundo ezweni
NGESONTO elidlule i-International Monetary Fund (i-IMF) ishicilele ekulindele emhlabeni, okube yisikhumbuzo esidabukisayo sokuthi sikude kangakanani ekubeni nomnotho osebenza ngendlela okufanele ngayo siyizwe
UKUBUYELA kwesikhwama esixasa izitshudeni i-National Student Financial Aid Scheme (iNSFAS) esandleni somlawuli kungakapheli ngisho iminyaka emibili yaphuma kulolu hlelo kuqubula imibuzo ngenqubekelaphambili ekuphatheni lesi sikhwama ngendlela.
UKUHOXISA imithetho emisha ehlongozwayo ngezimvume zokusebenza eNingizimu Afrika, phecelezi ama-visa, ngesonto elidlule ebizokwenza kube lula ukuthi izisebenzi ezinamakhono zize eNingizimu Afrika kuyisibonelo sokuthi kuthathwa kuncane kangakanani ukubonisana nomphakathi ezinhlakeni eziningi zikahulumeni
Ulwazi lomsebenzi lulodwa alwenele, kubalulekile nokulalela okuzwa ngaphakathi, kuloba uJabulani Sikhakhane
Ayithi shu imigomo emihle kodwa engawenzi umehluko emnothweni, kuloba uBusi Mavuso
Kungakuhle abafundi baseNingizimu Afrika basike iphethini kwabaseMelika ngokufundela amakhono, kuloba uJabulani Sikhakhane
Udinga ukubuyekezwa ngokushesha umhlahlandlela kagesi osanda kushicilelwa, kuloba uBusi Mavuso
Uhulumeni awusukumele izinselelo zabalimi, kuloba uJabulani Sikhakhane
Ukuthembana kumqoka ukuze sisebenzisane, kuloba uBusi Mavuso
Akusizwe abalimi ba-cocoa e-Afrika, kuloba uJabulani Sikhakhane
Kudingeka amakhono komasipala ukunakekela kahle ingqalasizinda yamanzi
Umgomo we-EU uzothwalisa kanzima amafemu asezweni
Izibalo ngesimo somnotho zithi phezu komkhono, kuloba uBusi Mavuso
UMNOTHO waseNingizimu Afrika usubuyele emgudwini wawo ojwayelekile lapho ukhula khona ngezinga elingaphansi kwephesenti. Loku kubikezela ukuqhubeka kwesimo esinzima ezweni sokushoda kwemisebenzi nokumpitsheka kukahulumeni ngenxa yokungakwazi ukuqoqa imali yentela elingene izidingo … Read More
Kufanele kusukunyelwe inkinga yegesi masinyane, kuloba uBusi Mavuso
Kuzozisiza izimali zikahulumeni ukuqhubeka kukakhomishana okhona, kuloba uJabulani Sikhakhane
Akuqokwe izikhulu ezintsha eTransnet ukuze ungalahleki umgqigqo wokulungisa izinto, kuloba uBusi Mavuso
Ukugqekeza isikhwama sikagadingozi akuyixazululi inkinga yezwe – ukubhasha komnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane
Umnotho awusizwa wumgcinimafa kuphela kodwa kubalulekile ukusebenzisa imali kahle
Kumqoka okuvezwa yiStats SA ngezinhlobo zezivakashi
Inkulumo kamengameli ibizacile ngokunciphisa imidanti enqinda osomabhizinisi abancane
Iyinkinga eyesikweletu nomnotho ongakhuli
Silindele inkulumo yesizwe eyakhaya, hhayi egcwele iziqubulo
Umbele, Sanral, RAF, Jabulani Sikhakhane, Kugiya ongoti, The Conversation Africa
Asilisebenzise kahle ithuba leMining Indaba, kuloba uBusi Mavuso
Izindaba ezinhle ngesikhwama somshwalense wokuvikela imali esebhange
Asiphaphame sibone amathuba adalwa yizinkinga esinazo
Singadidiswa yizinkulumo ezingathi shu zokukhankasela ukhetho
Ithemba yisisekelo sokusebenza kwamabhange namakhasimende, kuloba uJabulani Sikhakhane
Abantu abayiqondisisi imali, kuloba uJabulani Sikhakhane
Okuhle kodwa ngo-2024 bosomabhizinisi, kuloba uNtokozo Biyela
NJENGOBA siphothula u-2023, ngimangazwa yinqubekelaphambili esiyenzile nezinto ezisihlehlisele emuva esihlangabezane nazo njengezinhlangano zamabhizinisi sizama ukusiza izwe libuyele ekukhuliseni umnotho, into esiyidinga kakhulu.
SESIFIKE ekupheleni kwango-2023, amabombo asebheke ku-2024. Loku kusho ukuthi kufanele sivale lo nyaka ngomfutho bese sivula ozayo ngomfutho.
ENYE yezinto eziqinisa uhulumeni wentando yabantu ezweni lethu yizinhlaka ezibizwa ngama-Chapter 9, izinhlaka ezasungulwa ngaphansi komthethosisekelo, ezizimele futhi abangagxambukeli kuzona osopolitiki.
SESIZE safika enyangeni yokuphothula u-2023. Ngiyathemba kuningi enikufundile kule ngosi. Njengoba nazi ukuthi uma sesifike kuDisemba sithanda ukunigqugquzela ukuthi nicophelele ngalesi sikhathi, ningenise imali, kunokuyimosha.
ISIMO sezulu sesiphenduke into ebaluleke kunazo zonke ezintweni ezihlupha umnotho womhlaba. Kulo nyaka kushise kakhulu kunayo yonke kanti nezinhlekelele ezidalwa yizulu ziyanda.
KULELI sonto ngithanda sibheke isimo esibucayi esizithola sikusona siyiNingizimu Afrika.
INGQUNGQUTHELA ye-AGOA (i-African Growth Opportunity Act) ebisemasontweni amabili adlule iqale izingxoxo ezithela izithelo zokuthi iNingizimu Afrika nezwekazi lonke lingahlomula kanjani
KULELI sonto ngithanda sibheke udaba lwamachweba aKwaZulu-Natali angasebenzi ngendlela efanele, okudala inkinga yokuthutha izimpahla eziya kwamanye amazwe nezingena ezweni.
UKUSHODA kwamakhono amqoka kukhinyabeza umnotho waseNingizimu Afrika futhi ayilungiswe le nkinga ngokushesha.
ISONTO elidlule belibalulekile uma sibheka amathuba ezohwebo nokutshala imali eNingizimu Afrika, bekugxilwe ebudlelwaneni beMelika neNingizimu Afrika kuwona womabili la mazwe.
EZEMIDLALO zinamandla okusitshengisa ukuthi yini esinamandla okuyenza. AmaBhokobhoko anqobe kunzima ngenxa yokuzinikela, ukuzikhandla nokuba nohlelo olucacile futhi aphokophela enkundleni. Ngihalalisela iqembu lesizwe lombhoxo ngomsebenzi walo omuhle.
NGIYANIBINGELELA ngothi lwenu bosomabhizinisi. Ngiyethemba ukuthi nisachichima injabulo emva kokuphumelela kwamaBhokobhoko emdlalweni wabo wamanqamu neNew Zealand. Sithi nje halala mabhokobhoko.
KUYANGIJABULISA ukuthi ekuqaleni kwenyanga ezayo isithangami semboni ezimele nezikhulu zaseMelika i-AGOA Private Sector Forum usazoba seNingizimu Afrika.
KULELI sonto ngithanda sikhulume ngocwaningo olwenziwe abakwaNedbank ngesimo semiqondo yosomabhizinisi eNingizimu Afrika, oluveze ukuthi osomabhizinisi bakuleli zwe bathwele kanzima uma kuqhathaniswa nosomabhizinisi bakwamanye amazwe emabhizinisini.
IMIPHUMELA yokubala abantu ezweni ikhombisa ukuthi kunenqubekela phambili ekuhlinzekeni abantu baseNingizimu Afrika ngezidingo.
IZINKAMPANI ezimbili zikahulumeni ezisekhaleni lezinkinga esinazo ngogesi nezokuthutha zombili azisenazo izikhulu eziphezulu.
KULE ngosi ngithi ake sibuke indaba yomkhuhlane wezinyoni i-avian flu esiholele ekushodeni kwamaqanda ezweni lonke.
OSOMABHIZINISI bayaqhubeka nokusebenzisa izinsizakusebenza eziningi ukubambisana nohulumeni ukuxazulula izinselelo zethu ezisixakile.
KULELI sonto ngithanda sibheke ukuthi iyiphi indlela engcono yokusiza osomabhizinisi abancane abasabalele kulo lonke likaMthaniya.
AYIKHO into engenziwa ngaphandle kokunciphisa izindleko zikahulumeni.
NGITHANDA sibheke ukuthi isimo sokufa kwengqalasizinda sikuphazamisa kanjani ukusebenza kosomabhizinisi.
YISIKHATHI esinzima ezimalini zikahulumeni. Imali engeniswa wuhulumeni iphazanyiswa wukungakhuli komnotho, okunciphise imali umqoqintela abeyilindele.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yabantu bokufika abanamabhizinisi eNingizimu Afrika.
UBUDLELWANO phakathi kwamazwe akuyona into ebinomphumela otheni ekusebenzeni kwamabhizinisi. Kodwa konke lokho kushintshile ngonyaka odlule ngesikhathi umkhumbi waseRussia iLady R ufika eSimon’s Town kodwa ungafuni kwaziwe.
KULELI sonto ngithanda sibheke ukuthi yimaphi amathuba akhona ezimbonini yokuvakasha nekaqedisizungu.
EMINYE yemizamo esiyenzile ukulwa nenkohlakalo nokuphucula ukuziphatha kahle kosomabhizinisi wukuxhasa inyuvesi efundisa iziqu zamabhizinisi iGordon Institute of Business Science (iGibs) ukuthi ihlanganise umqulu ozolandelwa yizinkampani zaseNingizimu Afrika ukulwa nenkohlakalo.
KULELI sonto ngifisa sibheke ukuthi yiluphi uhlobo lwebhizinisi ongaluqala ngoR1 000 noma ngemali engaphansi kwaleyo.
KUNGITHOKOZILE ukubona ukuthi ingqungquthela yeBRICS ngesonto elidlule ayiphendukanga isigcawu sokungcofa amazwe aseNtshonalanga.
SIYAHOLA izinyanga zonke kodwa abanye bethu kuthi sekuphakathi nenyanga isiphelile imali yethu. Loku kuholela ekutheni siboleke imali futhi sidale izikweletu. Siyaqala sikhathazwe imali.
KULELI sonto ngithanda sikhulume ngokuthi ububona kanjani ubuhlakani bomholi oqatha uma isimo sesibheda.
NGIDUMELE ngezinto eziqhamuke ngesonto elidlule ezibambezela ukusebenza kwezinto ezethulwa uma kuchitshiyelwa umthetho olawula imboni kagesi, i-Electricity Regulation Act Amendment Bill.
YISONTO leli elimqoka kakhulu emazweni aseNingizimu ye-Afrika. Lawa ngamazwe abuye abizwe ngeSouthern African Development Community (iSADC).
AMABHIZINISI aseNingizimu Afrika azovelela uma engancintisana nawamazwe aphesheya. Sivame ukukhuluma ngokuphucula ukuncintisana ezweni kodwa asivamile ukukhuluma ngokuthi izinkampani zakithi zikwazi kangakanani ukusebenza kwamanye amazwe.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yengqungquthela yeBRICS ezobanjelwa lapha eNingizimu Afrika ngesonto elizayo.
KUNAMABHIZINISI amaningi eNingizimu Afrika afisa ukukhiqiza izimpahla nokuhlinzeka ngemisebenzi. Abantu abafisi ukukhokhela loku imali emba eqolo.
KULULA ukudangala ngenxa yezokuthutha kanti baningi abaphelelwe yithemba. Kepha imizamo yosomabhizinisi, uhulumeni nabaningi eTransnet isiqala ukuthela izithelo. Kunezindaba eziningi ezinhle esizitholile ngoJulayi.
KULELI sonto ngithanda sibheke umthetho omusha osuthanda ukusabalala obizwa ngokuthi Umthetho wama-emoji, phecelezi, Emoji Law.
YINTO enhle ukuthi iNingizimu Afrika iyingxenye yeBRICS. Kufanele uhulumeni wethu ube nobudlelwano namazwe eBRICS (okuyiBrazil, iRussia, i-India neChina). I-India neChina ikakhulukazi ngamazwe amakhulu futhi akhula ngamandla, izinkampani zase zingahlomula okukhulu kuwo.
KULELI sonto ngithanda sibheke isehlakalo esenzeke eGoli ngesikhathi kuqhuma umgwaqo kwalimala abantu, izimoto nengqalasizinda.
UMENGAMELI uCyril Ramaphosa uthembise ukuthi bazochaza ongqongqoshe namaphini abo uma kungenamnyakazo abawenzile ukusukumela izinto eziseqhulwini. Uthe uzohlangana nabo kulezi zinyanga eziyisithupha ezizayo futhi ngeke “amukele zaba nancazelo”.
KULELI sonto ngithanda ukugqugquzela wena somabhizinisi ukuthi uhlanganyele nabanye osomabhizinisi bangakini, nihlangane noma kanye ngenyanga ukuzoxoxa ngezamabhizinisi.
UYAQHUBEKA umsangano womshwalense wezempilo ezweni lonke i-National Health Insurance (iNHI) yize ubheda unjalo. Into enginesiqiniseko sayo wukuthi ngeke uholele ekuphuculeni ezempilo eNingizimu Afrika. Empeleni kunengozi yokuthi kwenzeke okubheda kakhulu.
UNYAKA uhamba ngokushesha impela, akukholakali ukuthi sesiphakathi nawo njalo. Ngesikhathi uqala unyaka, sonke sasimatasa sihlanganisa izinhlelo nezinjongo zethu zezimali.
EZINSUKWINI ezintathu ezedlule kushiswe amaloli athutha izimpahla awu-15 ezifundazweni ezintathu.
NGESONTO elizayo kuzoqala uhlelo lokuthi iPhalamende laseMelika libuyekeze ukuthi yimaphi amazwe okufanele ahlomule kwi-African Growth and Opportunity Act (i-Agoa).
Izinto ezingasiza osomabhizinisi abamnyama
SIYAKUJABULELA ukwehla kokucinywa kukagesi kodwa akusho ukuthi kufanele sisonge izandla. Indlela ugesi wethu oyiyona awukwazi ukweseka umnotho wethu.
KUBALULEKILE ukuhlelela umhlalaphansi. Ucwaningo olusha luthole ukuthi bawu-36% kuphela abantu baseNingizimu Afrika abanesikhwama somhlalaphansi.
NAMHLANJE ngithanda sibheke indaba yama-business forum asegcwele izwe lonke adle ngokuphanga imisebenzi embonini yokwakha.
UKUPHASISWA komthethosivivinyo we-National Health Insurance (iNHI) ePhalamende wumdlalo nje ongeke usiyise ndawo uhulumeni aqonde ukuwudlala.
NGITHANDA sibheke indaba yesikhungo esisha umNyango wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane ophethwe wuNgqongqoshe uStella Ndabeni-Abrahams afuna ukusethula emva kokufaka isicelo ePhalamende.
NGESONTO elidlule kuqale enye indlela entsha yokusebenzisana phakathi kosomabhizinisi nohulumeni. Emhlanganweni obuse-Union Building, izinhlangano zamabhizinisi nezikhulu eziphezulu zezinkampani ezinkulu eNingizimu Afrika zihlangane nomengameli nongqongqoshe abaningi ukubhunga ngecebo eliphuthumayo lokubhekana nezinkinga ezisixakile siyizwe.
INKULULEKO yezimali iyatholakala uma ufuna ukufunda ngayo. Kwabazimisele ukusebenza kanzima ukuyizuza kunezincazelo eziningi zokuthi isho ukuthini.
ISIFIKILE inyanga lapho izinhlelo eziningi ezenziwayo zigxila ikakhulukazi entsheni yezwe. Sonke siyazi ukuthi yiningi intsha engasebenzi, yiningi futhi intsha efundile kodwa ihleli emakhaya neziqu, imisebenzi ayikho.
OSOMABHIZINISI bakulangazalele ukubona wonke umuntu eNingizimu Afrika enomshwalense wezempilo kodwa kufanele kube yinto ezokwenziwa ngendlela esizokwazi ukumelana nayo futhi ezokwenza sikwazi ukusebenzisa izinsiza uhulumeni anazo.
NANSI indaba engithanda siyibhekisise kuleli sonto engibona sengathi osomabhizinisi abaningi abayinakile ukuthi inomphumela omkhulu ekutheni amabhizinisi abo angafinyeleli ezingeni abafisa afinyelele kulona.
IZWE lethu lidinga abantu abanamakhono bakwamanye amazwe ngokushesha kodwa uhlelo lokukhipha izimvume ezibavumela ukuzosebenza eNingizimu Afrika, phecelezi ama-visa, lwenza kube nzima ukubathola. Loku kwenza kube lukhuni ukuthi osomabhizinisi bakhulise izinkampani zabo.
KULE ngosi ngithanda sibheke udaba lwama“bhanoyi”, phecelezi ama-pyramid scheme.
CISHE asisafuniseli ukuthi nakanjani kulobu busika ugesi uzocinywa ngokwesigaba sesishiyagalombili. Ukushoda kukagesi owu-15GW kuzosibeka esigabeni sesihlanu kanti uma kuke kwakhona enye into efayo, sizokhuphukela ezigabeni ezilandelayo kusukela lapho.
UKUTHATHA imalimboleko entsha noma ikhadi lesikweletu esisha ukuze ukhokhele ezinye izikweletu zakho ezincane wukuhlanganisa izikweletu eziningi imalimboleko ibe yodwa.
KULELI sonto kunodaba olungihlabe umxhwele lwensizwa yakwaJacobs uNigel, engahlangana nayo ngonyaka odlule.
INHLOSO yeBusiness Leadership South Africa (iBLSA) wukusungula indawo enhle osomabhizinisi abangasebenzela kuyona.
NAMHLANJE ngifisa sibheke udaba lwezibalo ezintsha zabantu abangasebenzi ezweni ezikhishwe izolo.
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) isebenzela ukuqinisekisa ukuthi kunendawo efanele okusebenza kuyo osmabhizinisi. Loku kubalulekile ukuze kukhule umnotho, kutshalwe imali kube khona nemisebenzi.
<p>Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.</p>
To provide the best experiences, we use technologies like cookies to store and/or access device information. Consenting to these technologies will allow us to process data such as browsing behavior or unique IDs on this site. Not consenting or withdrawing consent, may adversely affect certain features and functions.
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes.
The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage consent