Kunomehluko endleleni imali kahulumeni ephathwa ngayo kodwa usemkhulu umsebenzi okufanele wenziwe. USLINDILE KHANYILE uyabika 

IYAPHUCUKA indlela izifundazwe neminyango kahulumeni esebenzisayo imali ngayo. Nokho izinto zisagqoza eminyangweni namabhizinisi kahulumeni okuneqhaza elikhulu emphakathini.

UmCwaningimabhuku-Jikelele usezocwaninga iNhlangano yeZizwe

IHHOVISI lomCwaningimabhuku-Jikelele eNingizimu Afrika liqokwe ukuthi libe wumncwaningimabhuku wophiko lweNhlangano yeZizwe i-United Nations Educational, Scientific and Cultural Organisation (i-UNESCO) kusukela ngo-2024 kuze kube ngu-2029.

Awupheleli emalini kuphela umsebenzi wabacwaningimabhuku. USLINDILE KHANYILE uyabika

UMSEBENZI weHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele akufanele uphelele ekucwaningeni amabhuku nasekushicileleni imibiko ngendlela imali kahulumeni esetshenziswa ngayo kodwa kufanele liwasebenzise amandla elinawo ukuze umsebenzi walo ushintshe izimpilo zezakhamuzi zaseNingizimu Afrika. 

Kusabhimba uhlelo endleleni yokuphatha imali komasipala kwanda imibiko enogcobho ngo-2022. USLINDILE KHANYILE uyabika

OMASIPALA bahlehlele emuva endleleni abaphathe ngayo imali ngonyaka wezimali wango-2021/22 njengoba sehlile nesibalo sabathole imibiko engenagcobho kanti esabangathumelanga imibiko ngesikhathi sinyukile.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page