Yize ziphucuka kancane izinto eTransnet kodwa kuzodingeka izinguquko ezinqala embonini yezokuthutha, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Akukhethwe abaphathi abasha eTransnet ukuze ungalahleki umgqigqo wokulungisa izinto, kuloba uBusi Mavuso

KUBUHLUNGU ukufunda ngokudilizwa kwabantu embonini yokumbiwayo ngenxa yokwehla kwamanani emikhiqizo kodwa futhi ngenxa yokuthi izimayini azikwazi ukuyisa imikhiqizo emakhasimendeni.

Imikhiqizo iyambondelana ngenxa yezinkinga zezitimela namachweba okuhlinzekwa yiTransnet kodwa izinkampani zezimayini azisakwazi ukukhula. Isixazululo ezinaso wukunciphisa umkhiqizo, nokusho ukuthi manje zinezisebenzi ezingaphezu kwezizidingayo.

Inkinga yezokuthutha yinselelo enkulu emnothweni futhi yingakho osomabhizinisi nohulumeni besebenzisana ukuthola izixazululo ngokushesha. Simelwe yiBusiness for South Africa, sibambisene nohulumeni ekuhlanganiseni izixazululo kulezo zinto eziphuthumayo sibe seseka izinguquko zokuphucula indlela yokusebenza. 

Ikomidi elibheke inkinga yezokuthutha iNational Logistics Crisis Committee (iNLCC) lasungulelwa ukuhlanganisa wonke umuntu kanti linezinyanga eziyisithupha lisebenza njengoba linongoti abangaphezu kuka-45 bemboni ezimele nezikhulu eziphezulu abanamava ezitimeleni, emachwebeni nasemigwaqweni. 

Kunamathimba ayisihlanu asehlanganisiwe ukuthuthukisa ukusebenza kwezitimela, amachweba, imigwaqo, ukuwela emingceleni nezokuphepha. Uhulumeni uhola amathimba amathathu agxile emigomweni, imithetho nokuguqula umthetho. 

Sekuvele kunezinto ezinhle esizizuzile kulolu hlelo. Isibalo semikhumbi emi ngaphandle kwechweba laseThekwini inciphe ngo-45% kanti isikhathi esimiwa yimikhumbi ethwala ama-container sinciphe ngo-36%.

Onogada nezinye izinsizakusebenza ezixhaswe ngamabhizinisi sezivele ziyasiza ukunciphisa izigameko ezenzeka ezitimeleni nokunciphisa isibalo sezitimela ezigcina zingahambanga.

Imizamo eyenziwa emngceleni waseLebombo seziholele ekutheni izimoto ezidlula khona zikhuphuke zisuke kweziwu-1 600 ziye kwezingu-1 900 ngosuku. 

Lezi zinto ezenziwe zingasiza ukunciphisa umphumela omubi okwesikhashana kodwa kunomsebenzi omqoka nomkhulu okufanele wenziwe ukuxazulula indlela izinto ezibukeka ngayo embonini.

Njengoba sesifundile ngemboni kagesi, yizinguquko ezinqala kuphela ezingashintsha izinto nendlela umsebenzi oqhubeka ngayo. 

Izindaba ezinhle wukuthi iNLCC isivele isikhiqize umhlahlandlela omuhle ongasiza ukuletha izinguquko ezidingekayo kwi-Freight Logistics Roadmap ne-Private Sector Participation esiphasiswe nayiKhabhinethi.

Loku kubikezela ushintsho endleleni okwenzeka izinto  ngayo, okwamanje kuthenjelwe kwiTransnet kuphela kodwa kubukeka izogcina ivuleka imboni kwande ukuncintisana. 

Inselelo enkulu wukugcina umgqigqo. Kuloko-ke sithembele ekuqokweni kwabaphathi abasha eTransnet. 

Sekuphele cishe izinyanga eziyisithupha le nkampani ingenaso isikhulu esiphezulu nezinye izikhulu. Kunohlelo oluqhubekayo lokuqoka isikhulu esiphezulu esisha kanti kunemibiko yabezindaba ngesonto elidlule eveze ukuthi ibhodi ibhekene nenkinga yokugxambukela kwepolitiki. 

Kuyishwa loku. Uma iTransnet izobuyela endaweni yayo yokuphatha nokusebenzisa kahle ingqalasizinda yezitimela namachweba, kufanele ibe nebhodi nethimba lezikhulu elihambisanayo futhi elizokwazi ukuphendula.

Enye yezinkinga ezinqala endleleni amabhizinisi kahulumeni aphathwa ngayo wukuthi ungqongqoshe emNyangweni wamaBhizinisi kaHulumeni angaguqula isinqumo sebhodi uma kukhulunywa ngokuqoka izikhulu eziphezulu. 

Loku kwenza ibhodi ngakwazi ukusebenza ngoba ayikwazi ukufuna kahle izimpendulo kwisikhulu esiphezulu, inkinga esiyibonile e-Eskom phambilini. 

Ngakho-ke kubalulekile ukuthi uhlelo lwepolitiki lugxile ekutheni lungayeseka futhi luyifukule kanjani ibhodi, hhayi ukwenzela phansi umsebenzi walo.

Njengoba uhulumeni kuyiwona kuphela umnikazi wala mabhizinisi, ungaqoka amalungu ebhodi kodwa kufanele uwanike amandla okwenza umsebenzi wawo. 

Inselelo enkulu elandelayo yisimo sezimali seTransnet. Imangazile indaba yokuthi kuncane kangakanani okushiwo ngeTransnet kwiSabelomali ngesonto elidlule. 

UmNyango weziMali uhlinzeke iTransnet ngesibambiso esiwuR47 billion okuyisiza ikwazi ukuyoboleka kodwa lesi sibambiso sikhishwe nemibandela enqala, efaka ukuthi le nkampani kufanele iqale ukubambisana nemboni ezimele. 

Lesi sibambiso siqinisekisa ukuthi iTransnet ikwazi ukubhekana nezidingo zayo eziphuthumayo kodwa kumqoka ukuthi yenze nezinguquko ezizolungisa izinkinga zayo zemali. 

Indlela umNyango weziMali owenze ngayo ifaka ingcindezi yokuthi kwenziwe izinguquko ezizosiza futhi kufanele ngoba ingabantu abengamele izimali zezwe, imiphumela emibi yokungasebenzi kahle kweTransnet izwela kuwona. 

Uhlelo lokuletha izinguquko lusheshile ukuhlanganisa izinsizakusebenza nokuhlanganisa iqhinga. Kukhona nezinto zesikhashana ezisizile ukuphucula ukusebenza. 

Nokho, lo mgqigqo usengozini uma kungaqokwa abantu abanamava eTransnet futhi abazosekwa ukuthi benze izinguquko beholwa yibhodi. 

Ngisibheke ngabomvu isimemezelo maduze ukuze sizosebenza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page