UNgqongqoshe wokuMbiwayo namaNdla ubhimbile ngendlela aphawule ngayo ngeShell neBHP. Isithombe: Sithunyelwe

Izenzo zethu zixosha abatshalimali baphesheya, kuloba uBusi Mavuso

ABATSHALIMALI bakwamanye amazwe bakhuluma ngezenzo uma singenzi izinto ezizokwenza sihehe, kufanele kulindelwe ukuthi abatshalimali bazophuma bengena eNingizimu Afrika, kuye nokuthi amaqhinga ethu athini nokuthi sixhumana kanjani nomhlaba wonke. 

Yize izinqumo zenzeka nhlangothi zonke kodwa uma kukuningi izwe lethu eliheha ngakho ungalindela ukuthi abatshalimali bazoza kunokuthi bahoxe. 

Kuzwakala sengathi okwenzeka kakhulu okwamanje kwenza ukuthi bahoxe. Isimemezelo esenziwe yiShell ngesonto elidlule sokuhoxa eNingizimu Afrika, okuthinta kakhulu amagaraji ayo awu-600, sidalwe yizizathu eziningi. 

Iqhinga lale nkampani emhlabeni wonke wukuhoxa emabhizinisini ewabiza nge-downstream, okusho ukuthi asebheke emaphethelweni ngokukhiqiza, kodwa ukube iNingizimu Afrika ibiyindawo lapho imithetho icacile khona futhi kubhekwe ukuthi umnotho usimame isinqumo esinjena besingenzeka ngenye indlela. 

Lesi simemezelo silandela esokuthi iBHP ifisa ukuthenga i-Anglo American, inqobo nje uma izoqale ihlukanise amabhizinisi ayo aseNingizimu Afrika. Kuyacaca ukuthi izikhondlakhondla zomhlaba azisekho klamuklamu. 

Abantu bakhombisa ngezenzo kanti ziningi izindawo imali engaya kuzona futhi uma singezukwenza kube lula ukutshala imali lapha, izoya kwenye indawo.

Yini lena eyenza izinkampani zaphesheya zinqume ukuthi akusizi ukuza eNingizimu Afrika? Iyahlekisa indlela osopolitiki abaphendule ngayo kuzona zombili lezi zinqumo. 

UNgqongqoshe wokuMbiwayo namaNdla uMnu uGwede Mantashe usabise iShell ngezimvume eke izidinge uma ifuna ukuhlwaya okumbiwa phansi engxenyeni yebhizinisi layo elibizwa nge-upstream wathi “kufanele sibe manqika” ukunikeza le nkampani izimvume namalayisensi ngenxa yesinqumo sayo. 

Yena futhi lo ngqongqoshe uchaze iBHP “njengabantu abangayilungele” iNingizimu Afrika futhi wathi uma engakwazi uzosiphikisa isifiso sayo sokuthenga i-Anglo.

Yinkulumo lena ezonakwa ngezinye izinkampani emhlabeni. Ithi uhulumeni waseNingizimu Afrika awuzihloniphi izinqumo ezenziwa yizinkampani.

Yize kungekho okutheni ongakwenza ukungena kumalayisensi ezinkampani nokuvimba ukudayiselana nokuthengana kwezinkampani, akusho ukuthi awufuni ukukwenza lokho. Noma iyiphi inkampani kufanele izibuze ukuthi umthetho ongashintsha yini lona ngelinye ilanga njengoba kubonakala sengathi uhulumeni uthi awuthandisisi uma izinkampani zenza okulungele zona namabhizinisi azo. 

Yebo, ezinye izinkampani zikhetha ukutshala imali. Ngonyaka odlule i-Amazon Web yazibophezela ukutshala uR30 billion eNingizimu Afrika kule minyaka eyishumi ezayo kanti isivele itshale uR15.6bn futhi isungule imisebenzi ewu-5 700. Yakha ikomkhulu layo eCape Town ngo-R4.5bn. Ikwenza lokhu endaweni eyemukele ngezandla ezimhlophe ehambisana nemihlomulo eminingi eyeseka imisebenzi yase-call centre, okungenye yezinto ezikhuthaza inkampani. 

Iqiniso wukuthi izimayini nezokukhiqiza yizimboni ezinciphayo, kuthi eyama-service iyakhula. Sekuphele iminyaka ewu-20 kwenzeka loku, nokuyinkomba yesimo emhlabeni nokwanda kwezindawo ezikhiqiza ngamanani aphansi. 

Okunye okube nesandla kuloku yimigomo engacacile nokucekeleka phansi kwengqalasizinda eyeseka umnotho, ikakhulukazi ehlinzeka ugesi nezokuthutha.  

Izinkampani zama-service azithembele kakhulu ekusebenzeni kwamachweba futhi eziningi ziyakwazi ukuthola izindlela zokuziphehlela ugesi wazo ngoba azisebenzisi ugesi omningi. Azikho engozini yokusatshiswa ngomthetho njengoba iningi lazo alidingi amalayisensi neminye imicikilisho kahulumeni emabhizinisini azo. 

Uma sifuna ukuheha izinkampani ezizotshala imali isikhathi eside ezintweni ezinjengengqalasizinda, njengezimayini nabakhiqizi, kufanele senze indawo evuna abatshalimali. Abatshalimali bafuna ukwenza inzuzo ngemali yabo, akukho okunye.   

Uma sicacisa ukuthi iNingizimu Afrika yindawo ekulungele lokho, izinkampani zizoza. Kepha kufanele abantu bathembe ukuthi iNingizimu Afrika yindawo elungele amabhizinisi futhi inohulumeni ozihloniphayo izimo ezibhekene nezinkampani.

Ukuba nongqongqoshe olibeka ngembaba elokuthi akajabule futhi osabisa izinkampani kuzoqinisekisa into evele isatshwa ngabatshalimali. Indlela engcono wukusho ukuthi ujabhile kodwa uzihloniphe izinqumo zezinkampani bese uzama ngokuphindiwe ukwenza iNingizimu Afrika ihehe abatshalimali ukuze ngokuzayo, isinqumo sizohluka. 

Ngiyezwa abanye bethi kulungile vele abatshalimali balapha ezweni nabakwamanye amazwe bazosivala isikhala. Akulona iqiniso loko. Ngisho nabatshalimali bakuleli zwe bazoyigodla imali uma bebona ukuthi ngeke benze nzuzo etheni, ikakhulukazi uma beqhathanisa nobungozi obukhona. 

Abatshalimali bakwamanye amazwe babalulekile ekuletheni amakhono asezingeni lo mhlaba emnothweni okwenza kuncintiswane bese kuphucula okutholwa ngamakhasimende. 

Ngenxa yokuthi imali ebekwa ezweni iphansi, incane imali ekhona ezweni engakwazi ukuhlinzeka yonke imali etshalwayo edingwa wumnotho. Uma bencipha abatshalimali abezayo, siyalimala. 

UMengameli uCyril Ramaphosa uhlale ethi izwe limagange kangakanani ukuheha abatshalimali futhi izingqungquthela zabatshalimali aba nazo minyaka yonke ziwumnyakazo obonakalayo. Kepha izinkampani zomhlaba sizozizuza uma singezukugcina ngokukhuluma kuphela kodwa sizokwenza ngezenzo, ukuqeda ngemigomo eyenza abantu bangabaze nokwethula izinguquko emnothweni ukuwufukula. 

I-Business Leadership South Africa iyazikhandla ukuze kube nendawo efanele amabhizinisi eNingizimu Afrika futhi ngiyazi baningi nabanye kuhulumeni abenza njalo. 

Nokho-ke, siyadinga ukukwenza njalo loko futhi nokubeka imigomo ekusekayo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/03/18/uqhakambisa-igalelo-lomndeni-othathe-amatomu-eshell-south-africa/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page