Isisoka sikaRamaphosa senze ingqungquthela yeBRICS yathela izithelo, kuloba uBusi Mavuso

KUNGITHOKOZILE ukubona ukuthi ingqungquthela yeBRICS ngesonto elidlule ayiphendukanga isigcawu sokungcofa amazwe aseNtshonalanga. Ithele izithelo ngezindlela eziningi njengoba amalungu ayo egxile ekutheni angasekana kanjani ezinhlelweni zawo zokuzithuthukisa. 

Into eqaphelekile kuzo zonke izigcawu engiye kuzona yindlela okufana ngayo izinselelo ezibhekene namazwe eBRICS. Ongqongqoshe baseBrazil, e-India naseChina bakhulume ngokubaluleka kokushintsha izinto embonini kagesi nangesidingo sokwakha ingqalasizinda ezokweseka ukukhula komnotho futhi imelane nokuguquguquka kwesimo sezulu. 

Bakhulume ngokubaluleka kokuhwebelana phakathi kwala mazwe nokuthi kube nemithetho nezikhungo zokukuzuza loku.

Ethula inkulumo yokuvula, uNgqongqoshe wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana uMnu u-Ebrahim Patel, uthe kudingeka kuhwetshelwane ngendlela ezokweseka ukukhula (komnotho) ngokushesha kodwa ngendlela engacekeli phansi imvelo.

Uthe ukukhula komhlaba sekuzokwenzeka e-Afrika ngenxa yesibalo sentsha nangenxa yokukhula kwesibalo sabantu sakhona. Uthe kufanele amazwe eBRICS azilungiselele loku. Ukhulume nangokubaluleka kwe-African Continental Free Trade Agreement namabhizinisi ezwekazini. INingizimu Afrika isethubeni elihle lokukwenza loku nokuthi kube yiyona esekhaleni lokukhula kwe-Afrika. 

Lezi zinto yizo kanye obekufanele kugxilwe kuzona. Ukukhula ngamandla kweminotho yamazwe eBRICS, uma singayibali iRussia enezinkinga zayo zepolitiki, kuncike kakhulu ekutheni ahwebelane. Kuningi esingakufunda komunye nomunye, ikakhulukazi ushintsho esiludingayo ngogesi nokwakha ingqalasizinda esiyidingayo.

Kubalulekile ukuthi iNingizimu Afrika ihlomule ngokubambisana okuzokwenza umnotho ukhule. Akuyona into ewasabisayo amazwe aseNtshonalanga leyo. Ukukhula komnotho waseNingizimu Afrika yinto angayijabulela amazwe aseNtshonalanga, indawo angatshala imali kuyo, ahwebe, avakashe futhi enze nokunye okuningi. 

Impela amazwe aseNtshonalanga abalulekile, imikhiqizo yethu idayiselwa wona kakhulu. Uma sizogxila ekukhuliseni umnotho, lawo mazwe abalulekile. Siyadinga ukukusebenzisa loko ukuze sikwazi ukuncintisana futhi sikwazi ukudayisela amazwe akhula mawala njenge-India neChina.

Kukhulunyiwe nangepolitiki kule ngqungquthela, beyingeke isale. Yidokwe losopolitiki lelo, osomabhizinisi bazohlalela nje ethembeni lokuthi izinqumo ezizothathwa zizosiza iNingizimu Afrika. 

Into ecacile okugxilwe kuyona wukubaluleka kokuba nemithetho yokuhwebelana efanele ukuze ukwengeza amazwe kwiBRICS kungagcini kwenza amanye amazwe athwale kanzima.

Njengoba iBRICS ikhula, amazwe azodinga imithetho azoyilandela uma ehwebelana. 

UMengameli uCyril Ramaphosa ukhulume kahle evala ingqungquthela; ugcizelele ukuzibophezela kokusebenzisana namanye amazwe, ukusebenza komthetho okubalwa nesivumelwano seNhlangano yeziZwe.

Uphinde wagqugquzela izinhlaka zamazwe omhlaba ukuthi zizimisele ekwakheni imigomo yeminotho ezosebenzela wonke umuntu. Lena kube yinkulumo enesisoka ebibhekekela izifiso zamazwe eBRICS kodwa futhi ingavaleli ngaphandle amazwe aseNtshonalanga.

Kusazodingeka ukuthi indaba yepolitiki iphathiswe okwezikhali zamaNtungwa njengoba iBRICS isizoba namazwe awu-11, wonke la mazwe anezinto zawo, ukusebenzisana ngeke kube lula ngaleyo ndlela.

Nokho-ke, kuningi okungenziwa ngabantu bamabhizinisi ukweseka nokubheka amathuba akhona kwiBRICS. Ukukhula kweBRICS njengoba isinamanye amazwe ayisithupha, okuwukuthi u-47% wabantu emhlabeni uhlala kuwona no-37% womnotho wasemhlabeni. 

Loku kusho ukuthi kuningi okuthinta umnotho wasemhlabeni osekuzokwenzeka kula mazwe, okusho ukuthi kubalulekile ukuthola ithuba lokuhweba njengosomabhizinisi baseNingizimu Afrika. 

I-New Development Bank isisimeme kanti ixhasa imisebenzi eminingi yokwakha ingqalasizinda ezokhulisa iminotho yalamazwe. 

Ngibona ukuthi wenze kahle uhulumeni waseNingizimu Afrika ngokuthi wenze le ngqungquthela bese ugxila emathubeni omnotho nasekuthuthukiseni abantu bamazwe awo. 

Kube yindlela enobuhlakani ebhekelela iNingizimu Afrika. Abamabhizinisi bayayeseka le ndlela yokwenza izinto, ibhekelela amazwe eBRICS ngaphandle kokubeka engozini ubudlelwano obuvele bukhona namanye amazwe. 

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page