Ungumholi oyimfundamakhwelo uma utatazeliswa wubunzima, kuloba uNtokozo Biyela
KULELI sonto ngithanda sikhulume ngokuthi ububona kanjani ubuhlakani bomholi oqatha uma isimo sesibheda.
Sengike ngaqaphela ukuthi ebunzimeni yilapho ubona khona ukuthi wubani umholi wangempela. Imvamisa, wonke umuntu uye azibize ngomholi ngaphambi kokuzithola esenkingeni enkulu, lapho kusuke sekufanele ubuholi namava akhe kubonakale.
Abantu abaningi bajwayele ukuba ngabaphathi. Leli igama elichume kakhulu emisebenzini kahulumeni, ababizwa ngabaphathi isikhathi esiningi bashayela phezulu. Kungani abanye bethanda kangaka ukubizwa ngabaphathi? Yingoba kubenza bazizwe behloniphekile lapho besebenza khona, abanye bacabanga ukuthi nezisebenzi ezibabiza ngalelo gama ziyabahlonipha kanti kwesinye isikhathi lutho, ziyabhuqa nje.
Kuhle ukubizwa ngomphathi kodwa kufanele nemisebenzi yakho ihambisane nezenzo zakho. Ngakho-ke abantu abaningi abasezikhundleni eziningi ezinkampanini bajwayele ukuphatha, hhayi ukuhola. Yingakho ubona abantu abaningi uma isimo sesimanzonzo bavele bashayisane ngamakhanda ngoba abazi ukuthi kuholwa kanjani. Bavele baphelelwe amaqhinga.
Kule ngosi sike sakhuluma ngokuthi kubaluleke kanjani ukuthi uma uwumholi wenze isiqiniseko sokuthi uyazilolonga ebuholini bakho, kangangokuthi uze ufunde kabanzi ngokuthi kuholwa kanjani uma isimo simanzonzo, phecelezi i-crisis management.
Baningi abaholi abaqotho futhi abanohlonze kodwa abaningi babo abakaze bahole kunengcindezi, bahola kahle uma konke kusahamba kahle, kodwa uma izinto sezimapeketwane, ubabona lapho-ke ukuthi abanamava atheni.
Kuyaxaka kodwa loku ngoba sonke siyazi ukuthi ubuholi bakho ubucija ngokuthi ube sekhaleni lempi. Uma kuwukuthi wena njalo uthanda ukuba wumvakwezinye, ngeke ukwazi ukukhulisa amava akho okuhola. Umholi oqatha uyazazi lapho emandla khona nalapho edinga ukuqinisa khona.
Ayikho enye indlela yokuhola ngaphandle kokwenza. Kuhle ukufunda kanti futhi kuhle ukufundela ukuhola ezindaweni ezifundisa ngokuhola. Ziningi izikhungo zemfundo ephakeme ezifundisa ngokuhola, okuyinto ebalulekile. Kuhle futhi ukuthi ufunde ukuhola ezindaweni ezihlukene. Loku kwenza ukuthi amava akho kwezokuhola aqine. Inkinga ngokuhola endaweni eyodwa kwenza ukuthi uma sekwenzeka uzithola uhola endaweni engasafani nalena oyijwayele kube lukhuni ukubhekana nesimo sakhona.
Ngiye ngigqugquzele ukuthi intsha ifakwe ezikhundleni zokuhola isencane ukuze kuthi uma kuqhubeka isikhathi ikhule vele isikujwayele ukuhola. Kepha kuhle futhi wukuthi kwesinye isikhathi ikwazi ukusombulula izinkinga ezixakile. Ziningi izinkinga esinazo lapha ngaphandle ezidinga isisombululo kodwa sinenqwaba yabaholi engakwazi ukuza nezisombululo kulezo zinkinga.
Nawe-ke njengomholi kuyaphoqa ukuthi uqinise amava akho ekuholeni ngesikhathi insimbi ishisa. Loku kwenza ukuthi uqine ebuholini bakho, kanti futhi kwenza nokuthi ukwazi ukucabanga ngezindlela ezihlukene ungomholi. Loku kwenza ukuthi noma ngabe ubhekana nasiphi isimo empilweni ukwazi ukubhekana nayo.
Okubalulekile kakhulu wukuthi kwawena uthole ithuba lokuzazi ukuthi uyinhloboni yomholi uma kwenzeka uzithola ezimweni ezinzima. Loko kwenza isiqiniseko sokuthi ngisho ngabe kukhona izinto obungazazi ngawe kodwa ziyavela.
Okuhle wukuthi uma usuzibonile, kuyasiza ukuzilungisa ukuze kwaziwe ukuthi uma ufuna umholi oqatha, biza usibanibani.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting