Kuhle okuhlongozwayo ngenkampani entsha kahulumeni kodwa kunezinto okufanele zigadwe, kuloba uBusi Mavuso
YISIKHATHI esinzima ezimalini zikahulumeni. Imali engeniswa wuhulumeni iphazanyiswa wukungakhuli komnotho, okunciphise imali umqoqintela abeyilindele.
Ukungakhuli komnotho kunyuse ingcindezi ngezibonelelo uhulumeni asiza ngazo ababhekene nobubha ezweni lethu.
Inselelo wukuthi uhulumeni awukwazi ukuvele usebenzise imali noma yikanjani. Loko kunganyusa isikweletu mawala ekubeni lesi yisikhathi lapho inzalo iphezulu kanti nabantu abekho klamuklamu ngohulumeni waseNingizimu Afrika.
Kuzobiza ukuboleka enye imali futhi kuzobhebhezela inkinga yokungakhuli komnotho ngoba abamabhizinisi nabatshalimali bangakhathazeka kakhulu ngesimo sezimali zikahulumeni.
Livele liphansi ithemba, okunqinda ukutshalwa kwemali kanti lingehla kakhulu uma osomabhizinisi bengayeka ukuthemba uMnyango wezeziMali ukuthi uzozibamba ziqine izimali zikahulumeni.
Umnyango uzazi kahle izinselelo, kade uxoxa nabanye abantu kuhulumeni ukuthola izindlela zokonga imali, ukunciphisa izindleko ukuze amabhuku abhalanse.
Usuke wahlokoza nendaba yokunyusa intela ekhokhelwa izimpahla. Nokho, ngenxa yokhetho ezweni lonke ngonyaka ozayo, ikhabinethi iyichithile leyo mizamo. Kunesidingo esikhulu sokungafuni ukuba nyamanambana okuzoholela ekusebenziseni imali budedengu esikhathini lapho uhulumeni kungafanele wenze njalo.
NgeSabelomali ngoFebhuwari, umNyango wezeziMali wawuhlele ukunyusa isikweletu ngoR2 billion njalo ngosuku kulo nyaka, leyo mali kuzofanele inyuke, kodwa ukuyinyusa mawala kunaloko kuzodala izinkinga ezinkulu.
Ukungaboni ngaso linye phakathi kweKhabinethi nomnyango yinto ezosididisa ukunaka into ezimqoka – ukukhula komnotho. Ukuze kwenzeke kufanele indawo okusetshenzelwa kuyona ibakhuthaze abantu nokutshala imali.
Sengike ngasho ukuthi imboni ezimele ikulungele futhi izimisele ukutshala nokukhulisa umnotho uma kunemigomo efanele futhi nezimboni ezimqoka zingakweseka ukukhula kwayo. Yiloku okufanele ngabe iKhabhinethi igxila kukona.
Inkinga kagesi yiyona esobala futhi yiyona esesikhathule indima enkulu ukuyilungisa. Yebo, besingakusheshisa. Kuyishwa ukuthi kuze kube yimanje awukashaywa umthetho ozokwenza kube khona inkampani ezimele elawula ukuphakwa kukagesi.
Nokho kuyethembisa futhi kunezigidi esezitshalwe yimboni ezimele, esibambelele kukho, umphumela okuzoba nakho ukukhulisa umnotho.
Iqhaza lamabhizinisi kahulumeni limqoka kulokho okulindelekile. Okwenziwa amabhizinisi kahulumeni kumbanxambili, umsebenzi wabo umqoka kwabamabhizinisi kodwa futhi isimo sabo sezimali siyamuthinta kakhulu uhulumeni.
Ngakho bengimagange ukubona ukuthi yini ezofakwa emthethweni owethulwe ngoLwesihlanu ukuze kusungulwe inkampani entsha ezokwengamela amabhizinisi kahulumeni.
Lilonke, siyazwakala isidingo sokusungula le nkampani. Ziningi izibonelo ezinhle kohulumeni emhlabeni, kusukela eKazakhstan kuya eSingapore. Siyabona embonini ezimele inkampani ekwazi ukusebenzisa amakhono ayo ukwengamela izimpahla ngendlela ehlelekile ingalikhulisa kakhulu inani lalezo zimpahla.
Inkampani kahulumeni engaba namandla okwenza konke okufanele ikwenze ukuguqula izinto nokuphatha amabhizinisi kahulumeni, ilethe abemboni ezimele abazoba namasheya futhi iwadayise uma kuyiloko okufanele, singayemukela.
Inkampani enjalo ingaqinisekisa ukuthi imigomo efanele yokuphatha ibhizinisi iyalandelwa ekuphathweni kwamabhizinisi kahulumeni bese uhulumeni uzihlupha ngemigomo nemithetho.
Ukuze kwenzeke, leyo nkampani kungadingeka izimele ukuze ikwazi ukwenza izinqumo eziqinisekisa ukuthi amabhizinisi kahulumeni angenisa imali ngendlela efanele.
Idinga ibhodi elihlanganiswe ngabantu abanamava, abanamakhono abawafundele futhi abangomakadebona ekuphatheni izinkampani, hhayi abakhethwa ngokuthi bahambisana nobani kwipolitiki.
Kufanele ikwazi ukulawula amabhodi ewaqokayo ukuphatha amabhizinisi kahulumeni futhi ibheke indlela izinkampani ezisebenza ngayo ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi uyenziwa.
Yize kufanele ibike emnyangweni kahulumeni ofanele, kufanele futhi ikwazi ukubika nasePhalamende.
Yize kufanele amabhizinisi kahulumeni abhekele intuthuko, kufanele akwazi ukuzimela ngokwezimali futhi enze inzuzo. Kwamanye amazwe, izinkampani ezengamele amabhizinisi kahulumeni zingenye yezindlela ezimqoka ohulumeni abangenisa ngayo imali, zingenisela uhulumeni inzuzo ngemisebenzi yazo. Kuke kwenzeka eNingizimu Afrika, ikakhulukazi ngeTelkom ebivamile ukukhokha inzuzo kodwa yinto eyivelakancane. Kunalokho i-Eskom neTransnet bayayimosha nje imali yomphakathi, okungesinye sezizathu uhulumeni ubhekene nalezi zinkinga onazo ngezimali.
Lo mthetho ohlongozwayo uyasho ukuthi le nkampani izokwengamela amabhizinisi kahulumeni. Usho okuhle futhi uma kukhulunywa ngokuguqulwa kwamabhizinisi kahulumeni ukuze ahambisane nomthetho olawula izinkampani. Kepha into eyodwa ephoxayo ngalo mthetho wukuthi uthi le nkampani yiyona kuphela ezoba namasheya emabhizinisi kahulumeni okusho ukuthi ngeke kuvulelwe abantu abangaba namasheya amancane, okusizayo kwesinye isikhathi njengoba sibona ngeTelkom.
Awukucacisi lo mthetho ukuthi le nkampani entsha izokwazi yini ukuletha le miphumela edingekayo. Umthetho uhlongoza ukuthi wumengameli kuphela ozoyimela inkampani esikhundleni sikangqongqoshe othile njengongqongqoshe wezeziMali, obekuzosho ukuthi le nkampani izoyisukumela indaba yokuthi kufanele ikwazi ukuzimela ngokwezimali.
Okubonwa wosomabhizinisi ngendlela lo mthetho obhalwe ngayo wukuthi le nkampani entsha ingaba yinhle kodwa kungenzeka futhi ingabi yinhle, kuncike kakhulu ekutheni izobunjwa kanjani.
Impela, uvalo olukhulu wukuthi nayo kungenzeka igcine iduvile ingasizi ngalutho kodwa ibe ibunjwe ngemali eshisiwe.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa