Asizihlelele ukuqala amabhizinisi azosenzela imali ngala maholidi kaDisemba, kuloba uNtokozo Biyela

SESIZE safika enyangeni yokuphothula u-2023. Ngiyathemba kuningi enikufundile kule ngosi. Njengoba nazi ukuthi uma sesifike kuDisemba sithanda ukunigqugquzela ukuthi nicophelele ngalesi sikhathi, ningenise imali, kunokuyimosha.

Abantu abaningi ngoDisemba babasesimweni esithi kule nyanga kufanele sijabulise imizimba esebenza kanzima. Kuyiqiniso loko kodwa akusho ukuthi sibe budedengu uma senza njalo, yingakho uye ubone abantu abaningi besebenzisa imali sengathi alikho ikusasa.

Nokho, thina kule ngosi sithanda ukugcizelela ukuthi lesi yisikhathi sokuthi wena uwusomabhizinisi wenze imali. Ungenza imali ngisho ngabe awuyena usomabhizinisi kodwa ufuna ukuqala ibhizinisi lakho ngalesi sikhathi. Okubalulekile wukuthi ubhekisise ukuthi ngabe yini eyisidingongqangi endaweni okuyona nakubantu ophila nabo noma abantu bakuleyondawo ngalezo zikhathi ngesikhathi sikaKhisimuzi noNcibijane.

Loku ukwenza ngokuqaphela ukuthi mkhiqizo muni othengwa kakhulu kulesi sikhathi, yiluphi usizo abantu abaludinga kakhulu kulesi sikhathi. Ngake ngabalula ukuthi maningi amathuba okwenza ibhizinisi ngoba abantu basuke bexakekile futhi basuke benomusa wokusebenzisa imali isinomakanjani. Abantu basuke benganakile ukuthi bayisebenzisa kanjani imali ngoba abanye basuke bebhonasile. Ngakho-ke okwethu thina bosomabhizinisi wukunika abantu into abayifunayo.

Enye inkinga enkulu abazali ababhekana nayo eyokuthokozisa nokuchithisa izingane isizungu ngesikhathi zivalile ezikoleni kanti futhi abanye abazali babanenkinga yokuthi bazozishiya nobani izingane uma besaya emsebenzini ngoba bengakavali. Uma uhlala endaweni eyinxanxathela yezindawo zokuhlala lapho kukhona khona izingane eziningi ungavula ibhizinisi lokugadela abantu izingane ngosuku, ubakhokhise imali ngehora noma ngosuku.

Ungaqala ibhizinisi lokuvula igumbi lapho kuzodlalwa khona imidlalo efana noXbox, iPlaystation neminye ubakhokhise ukuthi bazodlala. 

Ungaqala ibhizinisi lokuhambisa izingane zabantu ezindaweni zobumnandi bakukhokhele loko. Lezi ngezinye zezibonelo engiziphakamisayo. 

Okubalulekile wukuthi wena uwusomabhizinisi kufanele ube neso elibukhali elikwazi ukubona izinkinga abantu ababhekene nazo, wena-ke uze nesisombululo.

Miningi imicimbi ezokwenziwa njengoba sekuqale amaholidi kaDisemba. Nalapho ungabheka ukuthi ngabe yini wena ongakwazi ukuyenza ukuze abantu basizakale. Uma ukwazi ukubhaka, thatha imali onayo uthenge izinto zokubhaka uqale ibhizinisi lokubhaka. 

Miningi imicimbi ezobe idinga ukudla. Uma ukwazi ukupheka, yithuba lokukwazi ukuqala ibhizinisi lokupheka.

Kwenye yezingosi sake senza isibonelo ngomuntu ongaqala ibhizinisi lokudayisa ijusi ebandayo efana ne-Oros njengoba sekushisa kangaka. Sathi ibhodlela le-Oros elibiza uR40 lenza amalitha ayisishiyagalombili. Uma uzokwenza izigubhu ezingu-200ml, kusho ukuthi ungenza izigubhu ezingu-40 uma usuyifake amanzi. Ake sithi udayisa le jusi ngoR5. Kusho ukuthi ungenza uR200 nenzunzo engu-R160. Siyazi ukuthi kusafanele sifake imali yokuthenga amabhodlela noma izinkomishi ezimhlophe ongazisebenzisa emicimbini. Loku kwenza izinto zibelula ngoba uyakwazi ukuthatha into efana ne-Oros ethandwa ngabantu futhi ebiza uR40 wenze inzuzo ngayo.

Ziningi ezinye izibonelo esingazisebenzisa kodwa besenzela ukuthi usabalalise umqondo ngalesi sibonelo, nawe usuzicabangela ukuthi yini enye ongayenza. 

Siyathemba ukuthi ngalo Disemba uzoshintsha ukwenza, wenze imali kunokuyimosha. Sikufisela okuhle kodwa nebhizinisi elisimamayo ngalo Disemba. 

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page