Kuhamba kanjani kosomabhizinisi bakithi abahweba kwamanye amazwe?, kuloba uBusi Mavuso

AMABHIZINISI aseNingizimu Afrika azovelela uma engancintisana nawamazwe aphesheya. Sivame ukukhuluma ngokuphucula ukuncintisana ezweni kodwa asivamile ukukhuluma ngokuthi izinkampani zakithi zikwazi kangakanani ukusebenza kwamanye amazwe.

Ngingathanda ukuzwa imibono yamalungu ethu anezinkampani kwamanye amazwe ukuthi kusebenzeka kanjani. Loku kungasisiza sibone ukuthi kufanele imizamo yethu yokuseka uhulumeni ime kanjani ukuze siphucule ukuncintisana. 

Ziningi izinto ezinesandla ukuze sikwazi ukuncintisana. Amazwe afana neMelika ne-United Kingdom anezikhungo zikahulumeni ezinkulu ezibheka ukukhangisa ngala mazwe phesheya. 

Aqinisekisa ukuthi umgomo wamazwe angaphandle uyazelekelela izinkampani uma sezisebenzela kwamanye amazwe. Anezinye izindlela eseka ngazo izinkampani ukuthola amakhasimende kwamanye amazwe, abelana ngolwazi futhi athola nabantu abangaxhumana nabo kulawo mazwe.

Uhulumeni wethu uyakwenza nawo okuningi kwaloku. Sinezivumelwano eziningi eziqinisekisa ukuthi amabhizinisi aseNingizimu Afrika aphathwa ngendlela efanele ngamanye amazwe, yize saphuma kwezinye izivumelwano eziningi ezazivikela amabhizinisi ethu kangcono phesheya. 

Uhulumeni uke uhambe nosomabhizinisi uma uvakashela amanye amazwe phesheya, okuvula amathuba futhi kwakhe ubudlelwano obusha. UmNyango wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana yiwona obheka ukuthi iNingizimu Afrika ibambe iqhaza emicimbini yokuhweba ekwamanye amazwe futhi yiwona oweseka amabhizinisi asuke efuna ukudayisa imikhiqizo yawo kwamanye amazwe. 

Wengamela uhlelo lokuthuthukisa izinkampani ezinkulu nezincane ukuthi ziqhamuke namaqhinga okudayisa imikhiqizo yazo kwamanye amazwe. 

Ukuncintisana kubalulekile ukukhulisa umnotho. Kusho ukuthi singahweba emazweni aphesheya ngoba imikhiqizo yethu isezingeni elifanele kanti kwesinye isikhathi ingcono kunetholakala kwamanye amazwe. Uma sikwazi ukuncintisana, sizokwandisa umsebenzi esiwuthola kwamanye amazwe, sikhulise umnotho wasekhaya.

Kepha uma sikhuluma ngokukhulisa umnotho ngokudayisela amanye amazwe, asikhulumi nje ngokudayisela amakhasimende akwamanye amazwe azinze eNingizimu Afrika. Amaningi kufanele kube ngazinze emazweni adayiselwayo. Kungaba izindawo zokudlela, abakhiqiza iziphuzo, ukuba namagatsha kwamanye amazwe kuyasiza ukwandisa abantu ongacobelelana nabo, nokungenisa imali eqhamuka kwamanye amazwe.

Sinezinkampani eziningi ezivelele eNingizimu Afrika ezisebenza emhlabeni wonke. Amabhizinisi nenzuzo ayingenisayo ibalulekile ekuvuleleni izimpahla ezikhiqizwe eNingizimu Afrika imigudu yokutholakala kwamanye amazwe. Uma sizokhulisa amabhizinisi aseNingizimu Afrika, kubalulekile ukweseka ukusebenza kwawo kwamanye amazwe. Yinto lena okufanele umgomo womnotho uyibheke. 

Sifuna izinkampani zaseNingizimu Afrika ezingasebenza zisekwa ezikwenza ezweni futhi zincintisane kahle emazweni angaphandle.

Ziningi izinto ezinesandla ekwenzeni loku ngendlela efanele. Imithetho elawula ukushintshana ngemali phakathi kwamazwe iyona phambilini ebingezinye zezingqinamba. Kepha akusenjalo manje ngoba isinkulu imali etshalwayo futhi izinkampani zingakwazi ukuyitshala ngaphandle kwezinkinga. Lapho loku kusahlupha khona imicikilisho nezindleko ezikhona ezidinga izinkampani zaseNingizimu Afrika zisebenzise isikhathi esiningi zigcwalisa amafomu, zikhokha imali uma zihweba phesheya.

Loku yinto ewalimazayo amabhizinisi aseNingizimu Afrika, yinto lena engazihluphi izimbangi zawo zakwamanye amazwe ezikwazi ukuthutha imali ziyiyise kwamanye amazwe ngaphandle kwenkinga. 

Nentela iyaphazamisa, ikakhulukazi ngoba izinkampani zakwamanye amazwe zikhokha intela encane uma kuqhathaniswa nezinkampani zaseNingizimu Afrika ezinamagatsha kwamanye amazwe.

Kufanele sifune ukuthi izinkampani zakithi zikwazi ukusebenza phesheya ngendlela ezokwenza zikwazi ukuncintisana futhi ziphumelele. 

Uma sihluleka ukwenza loku, kunemiphumela emibili esizoyithola. Owokuqala, azoncipha amathuba okukhula kwamabhizinisi aseNingizimu Afrika, okuzophazamisa ukukhula komnotho. 

Owesibili, abanye osomabhizinisi baseNingizimu Afrika, bazokhetha ezinye izindawo abazosungulela kuzo amabhizinisi abo aphesheya. Loku kuyosho ukulahlekelwa komnotho wethu.

Ngiyafisa ukuzwa kosomabhizinisi ukuthi kuhamba kanjani ngamabhizinisi abo akwamanye amazwe nemizamo yethu yokubeseka ukuze baphumelele.

Ngicela ningazise izingqinamba enibhekana nazo uma nizama ukukhulisa amabhizinisi enu phesheya. Njengoba seseka uhulumeni ukuphucula ukuncintisana komnotho weNingizimu Afrika wulwazi olungasisiza lolu. 

  • UNksz Mavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page