Sijabula sibuye nganeno ngenqubekelaphambili eNingizimu Afrika, kuloba uBusi Mavuso

IMIPHUMELA yokubala abantu ezweni ikhombisa ukuthi kunenqubekela phambili ekuhlinzekeni abantu baseNingizimu Afrika ngezidingo.

Abantu abawu-89% sebehlala ezindlini ezifanele uma kuqhathaniswa no-65% ngo-1996. Abanamanzi emakhaya sebewu-82% uma kuqhathaniswa no-61% ngo-1996. Abathembele kugesi futhi abanawo bawu-95% uma kuqhathaniswa no-58%.

Yizimpawu ezinhle lezi ezisitshengisa indima esesiyikhathulile siyizwe ukuphucula izimpilo zabantu bethu. Nokho lezi zindaba ezimnandi ngizijabulela ngibuye nganeno.

Sesifike lapho izinto seziqala ukushintsha khona kanti asikwazi ukudembesela. Umnotho uthwele kanzima kanti izinga lempilo abantu abayiphilayo liloku lehla cishe kule minyaka ewu-10 edlule. 

Ukuntula imisebenzi ikakhulukazi entsheni kuyabhebhezeleka. Izinto zimapeketwane emabhizinisini kahulumeni, osekuholele enkingeni yokushoda kukagesi kanti sekwehle nezinga lezokuthutha. Imali engeniswa wuhulumeni ingaphansi kwesabelomali, okunqinda imali esetshenziswayo, kunyuse ingozi yomnotho ongazinzile.

Nakuba sibhekene nezinselelo kodwa ngike ngizibone izimpawu zempumelelo. Ngesonto elidlule sibone izindaba eziphazamise amanye amaqembu obugebengu obuhleliwe azixebulela umkhoma kokumbiwa phansi e-Eskom emva kokuthi umqoqintela egasele kubantu abashushumbisa amalahle ezifundazweni ezinhlanu. 

I-South African Revenue Service (iSars) ithe lezi zigebengu zilahlekisele uhulumeni uR500 million, imali ebingangena kodwa ngicabanga ukuthi i-Eskom ilahlekelwe yimali ephindaphindiwe kulena ngenxa yokukhwabanisa nokuntshontsha okwenziwe yilezi zigilamkhuba. 

Ubugebengu obuhleliwe yisifo e-Eskom kanti kuyimbangela yokucekela phansi umsebenzi, udlame nokwebiwa kwezinsizakusebenza e-Eskom.

Yize iSars igxile ekutholeni imali eyilahlekele kodwa umsebenzi wayo uzosiza ukuvala amabhizinisi ezigebengu esezidale umonakalo omkhulu kule nkampani ephehla ugesi.

Ukukhathazeka kwethu ngobugebengu kule nkampani yiko kanye okwenza saxhasa imizamo yesikhulu esiphezulu esidala sokuphenya ukuze kutholakale ulwazi olungasiza. 

Loku kukhombisa nokuthi ungakanani umsebenzi osuwenzekile ukuvuselela iSars ngoba eminyakeni eyisihlanu edlule ibingeke yenzeke nhlobo into enjena. Kuhle ukubona umqoqintela ethatha izinyathelo, yize amaphoyisa engenza okuthe xaxa ukulwa nezigebengu.

Ngophiko iBusiness Against Crime sisebenzisana nohulumeni ukulekelela ngaloku. Enye yezinkinga ezinkulu ezixake i-Eskom yisikweletu somasipala. Kunzima ukwengamele lolu daba, ukubavalela ugesi omasipala, into esaziyo ukuthi izoba nomphumela omubi kangakanani kubantu nokuthi yehle kanjani nakosopolitiki.

Uhlalela ethembeni lokuthi uhulumeni uzoshintsha izinto komasipala ukuze bakwazi ukukhokha? Enye yemizamo yokulungisa le nkinga wuhlelo lokusula isikweletu somasipala, i-Eskom Municipal Debt Relief Support Programme. Lolu hlelo lwenganyelwe wumNyango wezeziMali kanti isikweletu somasipala sizosulwa uma behambisana nemibandela ewu-14 ebekiwe, okukhona kuyo ukuthi kube khona imali abakwazi ukuyiqoqa futhi bazibophezele ukuthi bazokhokhela i-Eskom kuqala.

Nokho, kusukela ngesonto elidlule, obekuyisikhathi ebesibekiwe sokufaka lesi sicelo, womasipala abangaphansi kukahhafu wabakweleta uR58.5bn abebefakile izicelo. 

Sesiluliwe isikhathi sokufaka izicelo njengoba sekuzovalwa ekupheleni kwango-Okthoba kanti ngingathanda ukubona abanye omasipala abaningi befaka izicelo zokusulelwa isikweletu.

Nokho-ke, yilapho umsebenzi onzima uzoqala khona, akufanele lolu hlelo luholelele ekutheni izinto zonakale kakhulu ngezimali zase-Eskom. Ukusula isikweletu kufanele kuhambisane nemali uhulumeni azoxhasa ngayo le nkampani.  

Ukuze izinto zihlale kahle kufanele uphele lo mkhuba okhona ezweni wokungafuni ukukhokhela izinto. Omasipala kufanele bakhuphule amasokisi ukuqoqa imali baqinisekise ukuthi bayayingenisa imali ukuze bakhokhele i-Eskom futhi izakhamuzi zabo kufanele zikhokhe. Lokhu kuzodinga ukuthi wonke umuntu ezweni abambisane.

Okunye okuletha ithemba wuhlelo lokulungisa ezokuthutha iRoadmap for the Freight Logistics System esatshalaliswe kwabasekhaleni laloku ngesonto elidlule ukuze baphawule ngalo. Yigxathu elikhulu leli elibheke ukulungisa izinkinga ezinkulu esinazo ngengqalasizinda yezitimela namachweba ezikhinyabeza umnotho wethu.

Lolu hlelo luhlanganiswe wongoti bezimboni nohulumeni kanti ngalo kuhloswe ukuguqula ezokuthutha ukuze zisize kangcono abantu baseNingizimu Afrika, ukuze izinkampani zikahulumeni nezizimele zizosebenza embonini elawulwa kahle. Lunezinyathelo ezicacile ezizolandelwa ukuvuselela ezokuthutha.  

Kuyangijabulisa ukusebenza nabalingani ekomidini elengamele loku i-National Logistics Crisis Committee ukushintsha izinto kwezokuthutha kanti lolu hlelo luyigxathu elisiyisa phambili.

Ngakho yize sinezinselelo eziningi kodwa kukhona okuhle okwenzekayo. Izinto ezinhle ziyenzeka uma sibambisana, ikakhulukazi uhulumeni namabhizinisi. Kukhulu osekwenzekile ngenkinga kagesi njengoba imboni ezimele yenza izindlela zokuphehla ugesi olinganiselwa ku-6GW kanti kunezinye izinhlelo eziphekwayo. 

Ikhona inhlansi yethemba lokuthi izolungiseka inkinga kagesi ngenxa yaloku kanjalo nemithetho yokuguqula izinto esePhalamende. Uhlelo lokulungisa inkinga yezokuthutha lubalulekile kanti lungasisisiza ukuthi silungise le mboni. 

Ukuphuthumisa umthethosivivinyo woPhiko lokuShushisa eZweni lonke nakho kubalulekile. 

Izithelo zalo msebenzi zizosiza umnotho uguqule izinto, udale imisebenzi futhi ulethele nohulumeni imali oyidingayo ukuhlinzeka abantu ngempilo engcono.  

Lokhu kusiza ukuletha inqubekelaphambili, kuqinekise ukuthi izibalo ezilandelayo zokubala abantu ezweni zizokhombisa ukuthi iyaqhubeka impilo yabantu nokuphucuka kunokuqinisekisa ukushintsha kwezinto osekuqalile ukubonakala. 

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page