Kusihlehlisela emuva okwenzeke ngomthethosivivinyo kagesi, kuloba uBusi Mavuso

NGIDUMELE ngezinto eziqhamuke ngesonto elidlule ezibambezela ukusebenza kwezinto ezethulwa uma kuchitshiyelwa umthetho olawula imboni kagesi, i-Electricity Regulation Act Amendment Bill

Umsebenzi osuwenziwe wokuchibiyela lo mthetho awethuliwe ephalamende umNyango wokuMbiwa Phansi namaNdla ngoba kukhona ophambanise izinkomishi. Loku kusho ukuthi amakomidi awakawuqali umsebenzi wokuphasisa umthetho. 

IKhabhinethi yaphasisa umthethosivivinyo ngoMashi, ukubambezeleka akuzwakali futhi akwamukelekile. 

Uyaphuthuma lo mthetho futhi uyinsika emizamweni yosomabhizinisini nohulumeni yokuxazulula inkinga kagesi. Uzokwenza ukuthi kusungulwe iTransmission System Operator ezokwengamela ukuthutha ugesi eNingizimu Afrika futhi ithenge ugesi ngamanani abiza kahle.

Ubalulekile ekuheheni abatshalimali abadingekayo ukwandisa amandla ethu okuphaka ugesi. Kuzokwenza bonke abantu abadayisa ugesi bafane, kungabe uhulumeni noma abazimele, okuyindlela esheshayo yokuthola ugesi omusha ngamanani aphansi. 

Sekunengozi enkulu yokuthi lo mthethosivivinyo ngeke ushaywe ube wumthetho ngaphambi kokuphela konyaka futhi kungenzeka kufike nokhetho ngonyaka ozayo ungakabekwa. 

Yize lo mthethosivivinyo wethulwe kahle ngesonto elidlule kodwa inkinga idalwe wukuthi awethulwanga kahle ngo-Ephreli. Ikomidi elibheke okuMbiwa Phansi namaNdla livele linezinto eziningi okufanele libhekane nazo, kusho ukuthi kuzoba lukhuni ukubonisane nomphakathi ngalo mthethosivivinyo, ngaphambi kwekhefu lokuphela konyaka. 

Yize umNyango wokuMbiwa Phansi namaNdla ungakwenzanga okufanele kodwa akuzwakali ukuthi kungani iPhalamende lingabuzanga kusenesikhathi. Kwenza ngibone sengathi akekho phakathi kwabo oyisukumela ngokwanele inkinga kagesi. Kubonakala sengathi abantu abakuhulumeni ababambisene ukuxazulula inkinga kagesi, okuyinto edingeka ngokushesha ezweni. 

Lesi simo siyazihlupha kakhulu izinhlangano zamabhizinisi ezikade zizikhandla, zisebenzisana nohulumeni, ukuxazulula inkinga kagesi.

Yiningi imali esiyingenisile ngeResource Mobilisation Fund futhi maningi amalungu ethu ayizikhulu asebenzise isikhathi sawo ebonisana nohulumeni ngezixazululo. 

Ngiyazi baningi nabanye abakuhulumeni abazojabha njengami ngenxa yokuthi kukhona okubambezelayo, ngisho nalabo abakwiNational Energy Crisis Committee (iNecom).

Uma osomabhizinisi bezoqhubeka nokubambisana nohulumeni ukuxazulula le nkinga, sidinga isiqiniseko sokuthi, ngeke isidididi esifana nalesi siphinde senzeke. 

Sidinga ukuthi kube khona abaphendulayo kuhulumeni uma kungenzeki okuvunyelenwe ngakho ngendlela okwenzeka ngayo emabhizinisini. 

Uhlelo lweNecom lokuqhamuka nesixazululo luhambe kahle. Siyalweseka. Nokho izinhlelo ezingenziwa azithi shu, yinkinga yethu endala-ke leyo. 

Ithimba le-Operation Vulindlela nomNyango wezeziMali basize kakhulu ukuqinisekisa ukuthi izinto ziyenzeka futhi bazikhandlile ukuze kube nenqubekela phambili emthethweni. 

Kodwa emva kwendlela okwenzeke ngayo ngesonto elidlule, baningi osomabhizinisi ababona ukuthi siyaxhashazwa. Osomabhizinisi abakwazi ukuzikhandlela ubala, kugcine kungabinashintsho endaweni abasebenzela kuyona. Kulukhuni ukuthi baqhubeke beseke uhulumeni. 

Ugesi umqoka esivumelwaneni esisha esiphakathi kwasomabhizinisi nohulumeni esenziwe yiBusiness for South Africa. Lesi sivumelwano sisayinwe yizikhulu eziphezulu ezingaphezu kuka-120 ezizibophezele ukuseka uhulumeni uxazulule izinkinga eziphuthumayo ezimise umnotho kabi okukhona kuzo ezokuthutha nobugebengu. 

Lesi sivumelwano sivuselele umgqigqo ezinhlangothini zombili kodwa kufanele siwugcine. 

Kuningi okungazuzwa osomabhizinisi nohulumeni ngokusebenzisana. Siyazi ukuthi loko akusho ukuthi yonke into izohamba kahle. Zizoba khona izingqinamba lapha nalaphaya uma izinto zingenzeki ngendlela. 

Kufanele sibambisane ukubhekana nalezo zinselelo. Kufanele sisebenzisane ukulungisa lapho konakala khona. Into ehlupha kakhulu ngokwenzeke ngomthethosivivinyo kagesi wukuthi yinto obekufanele kwasekuqaleni yenzeke. Yisidididi nje esidalwe yimicikilisho kahulumeni, hhayi ngoba kunezinto ezilukhuni ngomgomo okufanele ubuyekezwe.

Kepha kutshengise ukuthi kukhona abakuhulumeni abangakusukumeli ukuletha lolu shintsho esiludingayo. Ukusebenzisana kwethu kufanele kuqhamuke nezisombululo zokulungisa izinkinga ezifana neyenzekile uma ziqhamuka. 

Ngiyethemba sizoyithola indlela yokukwenza lokho masinyane. 

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page