Inkinga yama-visa idinga ukusukunyelwa ukusimamisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso

UKUSHODA kwamakhono amqoka kukhinyabeza umnotho waseNingizimu Afrika futhi ayilungiswe le nkinga ngokushesha. Kunezicelo zezimvume zokuza eNingizimu Afrika, phecelezi ama-visa, eziwu-74 000 ezibambezelekile emNyangweni wezaseKhaya. 

Yizibalo lezi ezicashunwe yisikhulu salo mnyango sixoxa neBloomberg ngenyanga edlule. Sithe iningi lazo yizicelo zabantu abanamakhono anqabile. 

Loku kwenzeka yize kukhona imizamo kahulumeni yokuphucula ukushoda kwala makhono ngokulungisa udaba lwama-visa olwenziwa ngohlelo i-Operation Vulindlela.

Lesi sibalo siyamangaza. Silingana nesezisebenzi zezinye zezinkampani ezinkulu eNingizimu Afrika. Uma kungathiwa lawo makhono asebenza emnothweni wethu, mkhulu umehluko ongabonakala.

Njengoba izinkampani zingakwazi ukugcwalisa izikhala zomsebenzi, kusho ukuthi ngeke zikwazi ukutshala imali nokukhula. Ukukhula kungavula amathuba emisebenzi, kwandise intela engenayo futhi namabhizinisi asimame. 

IHhovisi likaMengameli lilinganise ukuthi kukhona omunye umsebenzi oqhamukayo njalo uma kugcwaliswa isikhala somuntu onamakhono amqoka. 

Izinkampani sezike zasho ukuthi isingcono indlela umNyango wezaseKhaya osebenza ngayo kodwa kusenzima ukulungisa eyokubambezeleka kwezicelo. 

Sengike ngaveza ukuthi ukuba nomgomo wezimvume zokusebenza ongasizi kuwathinta kanjani amabhizinisi, ngaveza nomsebenzi osuwenziwe yi-Operation Vulindlela ukuguqula lo mgomo.

Ihhovisi likamengameli lithe ukungakwazi ukuthola ama-visa yiyona nto yesibili ekhinyabeza umnotho, ilandela ukucinywa kukagesi, okuhamba phambili.

Imigomo emisha ifaka ukwethula uhlelo lwabaqashi oluzovumela izinkampani ezithile ziphuthumise izicelo. Ngo-Ephreli umNyango wezaseKhaya wathi lolu hlelo luzosebenza emva kwezinyanga ezintathu.  

Ikhona inqubekelaphambili ngezicelo ezifakwe ngo-Okthoba. Nokho kuze kube yimanje, ayikho inkampani ebonakala ihlomula ngalolu hlelo futhi asikho nesikhathi esibekiwe sokuthi kuzokwenzeka nini.

UmNyango wezaseKhaya uphunyukwe yisikhathi esasinqunyiwe sezinye izinguquko ezithinta ama-visa okukhona kuzo izimvume zokuvumela abemboni yobuchwepheshe basebezele eNingizimu Afrika nezabasungula izinkampani futhi abakhetha ukuzethula lapha.

Ngiyaqonda ukuthi izinguquko zinezinselelo ezidinga kushintshwe umthetho futhi kufanele kushintshwe ezindaweni ezihlukene. Kepha akuzona zonke ezinzima, abantu abasebenzela noma kuphi bangashintshwa ngokubuyekeza imithetho yokuthuthela kuleli zwe, into engahluphi kangako. 

Ngisho usuphuculiwe umgomo, ukubambezeleka kwezicelo kusazoba yinkinga. Kubukeka kuyinto ethinta ukusebenza komNyango wezaseKhaya ngqo. Sengathi awunabo abantu abenele ukubhekana nezicelo. Loko kudinga ukuxazululwa wumnyango, kube nabantu abenele abazomelana nomthamo. Kepha kuyacaca ukuthi kufanele kutholwe isisombululo sesikhashana ngesikhathi singakatholakali isixazululo esiwunomphelo.

Osomabhizinisi bangasiza. Imboni ezimele inenqwaba yabantu abakwazi ukwenza imisebenzi enjena okungathathwa kubona ukulekelela ukuphungula umthamo. Yize kuzofanele kuvunyelwane ngendlela yokwenza loko futhi kungadingeka abantu baqeqeshwe kodwa yinto engalungiswa ngezinyanga ezimbalwa.

Kungalethwa nobuchwepheshe obufanele ukulungisa isimo uma kubhekwa ukuthi amakhompyutha omNyango wezaseKhaya atotoba kangakanani uma kuqhathaniswa nawasemabhange. 

Ngendlela osomabhizinisi abasize uhulumeni  ngayo ngamakhono ukuxazulula ukufa kwengqalasizinda kusukela kwenakekela izitamkoko kuye eziteshini zikagesi, ukubambezeleka kwezicelo zama-visa kungalungiseka ngokubambisana phakathi kosomabhizinisi nohulumeni. 

Yinto okufanele siyibheke. Kuningi okuzozuzwa abamabhizinisi ngalesi sixazululo. Ukungakwazi ukuletha abantu bakwamanye amazwe abanamakhono kusibeka engozini yokuthi izinkampani zihambe eNingizimu Afrika.

Kade sasizikhangisa njengezwe “eliyindlela yokuya e-Afrika”, okusihehele izinkampani ukuthi zivule amahhovisi azo lapha. Kodwa izinkampani eziningi ezenze njalo sezixakekile ngoba azikwazi ukuletha abantu ezibadingayo ukuze zisebenze.  

Ngabe abanazo izinkinga ezinjena ukube bakhethe ukuziyela eDubai noma eMauritius. I-Operation Vulindlela ithi izicelo zama-visa afanayo zithatha izinyanga ezintathu eKenya kanti eNigeria kuba ngezimbili.  

Ukuhlaziya kwe-Operation Vulindlela kutshengisa ukuthi bawu-900 000 abantu baseNingizimu Afrika abathuthele kwamanye amazwe. Iningi lalabo bantu bekungelinamakhono, okusho ukuthi ungakwazi ukuqasha abantu abanamakhono bakwamanye amazwe ukwenzela umnotho.

Ukubambezeleka kwezicelo kwenzeka nje, vele kwakusifaka isicelo leso kuwumdanti odinga ubufakazi obuvela emaphoyiseni kuwo wonke amazwe owake wasebenza kuwo. Uhhafu wezicelo umNyango wezaseKhaya ozitholayo aziphumeleli.

Ezinye azifakwa kwakufakwa ngoba okusuke kufanele bazifake bavele baphele amandla ngenxa yemidanti. 

Akumangazi loko uma ubheka ukubambezeleka nobunzima bokufaka isicelo. Izibalo ziloku zehla, ngo-2021 bawu-3 000 abantu abafaka izicelo zalolu hlobo lwe-visa besuka ku-7 000 ngo-2017. 

Izinguquko ezaphakanyiswa yi-Operation Vulindlela kufanele ziphuthunyiswe.  Amabhizinisi azimisele ukusebenzisana nohulumeni ukulungisa lesi isimo. 

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page