Udinga ukubuyekezwa ngokushesha umhlahlandlela kagesi osanda kushicilelwa, kuloba uBusi Mavuso
INTO elimaza izindaba ezinomphumela omuhle emnothweni zokuthi ukucinywa kukagesi sekwehlile, yize kusaqhubeka, wukwazi ukuthi umhlahlandlela esithembele kuwo ukuhlela ikusasa lendlela yokuhlinzeka ugesi yiwo kanye obambezela inqubekelaphambili.
Umnotho udinga lonke usizo ongaluthola. Wasinda kancane ukuthi ungawi ngekota yesine ngonyaka odlule ngesikhathi ukhula ngo-0.1%. Uma kubhekwa unyaka wonke wakhula ngo-0.6%.
Ngesikhathi enza lesi simemezelo umphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago wakhala ngomphumela wenkinga kagesi ekukhuleni komnotho, wathi ukucinywa kukagesi bekumandla kakhulu kuneminyaka edlule kanti izingqinamba zamachweba nezitimela nazo zazinesandla.
Kepha kushicilelwe izilinganiso zeMonetary Policy Committee yeBhange loMbuso ngomphumela wokucinywa kukagesi ezilethe ithemba. Ukushoda kukagesi kuthathe u-1.5 percentage points (pp) emnothweni ngonyaka odlule kanti kulindeleke ukuthi kwehlele ku-0.66pp kulo nyaka no-0.2pp ngonyaka ozayo.
Ukwehla komphumela omubi wokucinywa kukagesi kutshengisa impumelelo ye-Energy Action Plan nokubambisana kukahulumeni namabhizinisi. Ukucinywa kukagesi osekubambezele ukukhula komnotho iminyaka engaphezu kweyishumi kuyehla njengoba kwanda ezinye izindlela zokuphehla ugesi kanti iNational Energy Crisis Committee ilinganisa ukuthi kulo nyaka nangonyaka ozayo uwu-10 600MW ugesi omusha ozokwengezwa abemboni ezimele ngenxa yezinhlelo esezineminyaka zaqala, izingxenye ze-Eskom ebezingasebenzi esezizolungiseka nokwanda kukagesi ophehlwa ngelanga.
Umnotho usazoxhuga isikhashana uma ingakabibikho inqubekelaphambili ezingxenyeni ezimbili ezimqoka ekubambisaneni kwamabhizinisi nohulumeni – ezokuthutha, ubugebengu nenkohlakalo.
Kwezokuthutha ukhona umnyakazo noma utotoba kanti kusazothatha isikhathi ngaphambi kokufinyelela emazingeni afanele okusebenza kahle.
Ukubambisana nohulumeni kusebenza kahle kwezinye izindawo ngoba kuhambisana nolwazi olususelwe ocwaningweni oluphathekayo, ngale kwaloko kungaba nje yinto ekhulunywayo kodwa engamampunge.
Uhulumeni wonke kufanele uhlanganise imigomo esuselwa ebufakazini obuphathekayo kanti ayikho into ebambekayo okususelwa kuyo loku okulinganiswayo nge-Integrated Resource Plan (i-IRP) yango-2023.
Ukuze siqhubekele phambili kuyo yonke indawo esibambisene kuyo sidinga uhulumeni uhambisane futhi kokuningi uhulumeni uyaweseka umsebenzi wethu kodwa bakhona kuwo abasiphikisayo.
Umhlahlandlela we-IRP ufanele ukuvama ukubuyekezwa, kuye nezidingo ngaleso sikhathi. Yiloku kanye uhulumeni okushaye indiva ngaphambi kokuhlanganisa i-IRP yango-2023. Yayibuyekeziwe ngo-2019 kanti ngaphambi kwaloko yabuyekezwa ngo-2010.
Yize lena entsha ishicelelwe ngoJanuwari kulo nyaka, ibingakulungele okudingekayo futhi kufanele ibuyekezwe ngokushesha. Buningi ubunzima obuvele bukhona ngokuphehla ugesi omusha ukuze kube nogesi owenele, izwe alikwazi ukubanjezelwa ngumqulu omqoka kangaka okufanele ulekelele ukuhlela indlela okuzohlinzekwa ngayo ugesi ngomuso ngokuthi uhluke kakhulu kokwenzakalayo embonini.
Inkinga yokuqala enkulu wukuthi awuhambisani nhlobo nendlela okubalwa ngayo amanani kagesi ovuselelwayo okufanele ungambi eqolo. Izilinganiso zayo ziyabiza futhi aziwabalile kahle amanani kawoyela.
Okunye futhi wukuthi yehlise isikali sikagesi ovuselelwayo ozothengwa wuhulumeni phakathi kwango-2024 no-2030, sisuka ku-15.2GW kwi-IRP yango-2019, siye ku-8GW kwi-IRP yango-2023. Lona yiwona gesi oshibhile kunazo zonke izinhlobo zikagesi.
Iyamangaza indlela okunyuswe ngayo ugesi ozoqhamuka kwigesi. Usuzoba wu-7.22GW usuka ku-3GW kwi-IRP yango-2019.
Umhlaziyi kagesi uMnu uChris Yelland uthi yize kulula futhi kushesha ukwakha iziteshi eziphehla ugesi ngegesi, inkinga wukuhlinzeka igesi kulezi ziteshi njengoba ingekho ingqalasizinda kanti kuthatha isikhathi ukukuhlanganisa futhi kuyabiza.
Okunye okuvezwa yi-IRP yango-2023 wukuthi kufanele kumiwe kancane ukuvala iziteshi eziphehla u-13 000MW okufanele kwenzeke ngo-2034 kodwa kuze kwenzeke phakathi kuka-2035 no-2045. Kepha i-Eskom isivele isibalile izindleko zaloku njengoba ithe ukwengeza le minyaka eminye emihlanu kuzodla okungenani u-R400 billion eziteshini ezincane kanti i-IRP ayisho lutho ngokuthi le mali izoqhamuka kuphi.
Ziningi kakhulu izinkinga ezikhona ngalo mqulu. Ibeke izilinganiso ezincane kakhulu uma kukhulunywa ngogesi ophehlwa ngelanga ewuhlinzekele u-900MW ngonyaka kuze kube wu-2030, yize kunomningi kakhulu kunalo osuvele wengeziwe. Izilinganiso zawo ngogesi ozodingeka ngomuso nazo ziphansi, okubeka engcupheni yonke indlela izinto ezenziwa ngayo.
Inkinga yesibili nge-IRP wukuthi ihlehlisela emuva esesikuzuzile ekulweni nokuguquguquka kwesimo sezulu, okuwukuthi uma kuqhutshekwa nako iNingizimu Afrika izohlawula kakhulu ngenxa yentela ekhokhiswa abaqhubeka nokukhiqiza kakhulu isisi esingcolisa umoya.
I-Carbon Border Mechanism ye-European Union izoqala ukusebenza ngo-2026 kanti iNingizimu Afrika izophunyukwa yinqwaba yabatshalimali kulezo zinkampani ezingeke zisafaka imali emazweni asaqhubeka nokusebenzisa kakhulu izindlela ezingcolisa umoya.
Iqiniso wukuthi ayisekho imali yokuqhubeka nokuxhasa ukukhiqizwa kukagesi ophehlwa ngamalahle, into i-IRP yango-2023 eyishaye indiva. Sidinga ugesi obiza kahle, othembekile futhi ongatholakala ngokushesha. Into engahambisani naloko ayizwakali futhi i-IRP idinga ukusetshenzwa kabusha ngoba ibalulekile ukukhulisa umnotho nokwakha amathuba emisebenzi.
I-IRP iyisibonelo esisodwa somgomo ongalungile okuyinto ephikisana nebambezela ukukhula komnotho nokwehlisa ukuntuleka kwemisebenzi.
Kuningi okuhle okuzuziwe ngokusebenzisana kukahulumeni namabhizinisi kodwa ezindaweni eziningi, ngaphandle kukagesi, kunezinkinga ezifanayo ngokuthi imigomo ingahambisani nezinhlelo zikaMengameli uCyril Ramaphosa zokukhulisa umnotho.
Ukulwa nezinguquko okuqhamuka ngaphakathi kuhulumeni kubambezela izinto futhi kungaholela ekutheni kugcine konakele. Umnotho awukudingi loko.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/03/06/kufanele-kusukunyelwe-inkinga-yegesi-masinyane-kuloba-ubusi-mavuso/