Kuningi esingakufunda kumaBhokobhoko ukuze sinqobe emnothweni, kuloba uBusi Mavuso

EZEMIDLALO zinamandla okusitshengisa ukuthi yini esinamandla okuyenza. AmaBhokobhoko anqobe kunzima ngenxa yokuzinikela, ukuzikhandla nokuba nohlelo olucacile futhi aphokophela enkundleni. Ngihalalisela iqembu lesizwe lombhoxo ngomsebenzi walo omuhle.

Omunye umsebenzi kuleli sonto uzoba mqoka ezinhlelweni zethu zokuphumelelisa umnotho wethu. ISabelomali esibheka iminyaka emithathu, i-Medium-term Budget Policy Statement (i-MTBPS) ezayo simqoka ekutheni osomabhizinisi babenethemba.

Ngiyethemba sizozibophezela ekuphatheni imali ngendlela, ekwenzeni izinqumo ezeseka ukukhula (komnotho) futhi seseke izinguquko esizidingayo ukukhulisa umnotho wethu. 

UNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana ubhekene nokushoda kwentela ngoba izinkampani azenzanga inzuzo eyenele, imali yezimayini yehlile futhi ukukhula komnotho kuyantenga. 

Kepha njengoba kuza ukhetho, ziningi izimfuno zokusebenzisa imali azitholayo. Ukunyusa imiholo yezisebenzi zikahulumeni, ukuqhubeka nokuhlinzeka ngesibonelelo sikaR350, ukutakula amabhizinisi kahulumeni nokuxhasa iminyango eminingi kahulumeni ukuqhuba imisebenzi yayo.  

Ngilindele ukuthi ungqongqoshe enze okufanele kodwa futhi ebe ebhalansisa ukusebenzisa imali nokutshala. Ukuhlinzeka imali ukuze idliwe akuwukhulisi umnotho. Sidinga ukutshala imali ikakhulukazi kwingqalasizinda esiyidingayo ukukhulisa umnotho. 

Ungqongqoshe useke wahlawumbisela ukuthi ezinye izinhlelo zengqalasizinda zizobambezeleka njengoba uhulumeni uzama ukuhlela kahle imali ukubhekana nokushoda kwayo. 

Loku kuqikelela yinto eletha ithemba kosomabhizinisi yize ingqalasizinda imqoka ukuxazulula izingqinamba ezikhona emnothweni. 

Zonke lezi zimfuno ezincintisanayo zenza umsebenzi kangqongqoshe ube nzima. Ngisanda kusho ukuthi indlela elula yokwehlisa ingcindezi wukusebenzisana nemboni ezimele.

Ukusebenzisana kungenza kube nemali eningi etshalwa kwingqalasizinda kodwa engabe itshalwa yimboni ezimele esikhundleni sikahulumeni njengoba sibona embonini kagesi. 

Amabhizinisi ayameseka futhi uhulumeni ngezinsizakusebenza nangabantu abanamakhono. Uma ngingenza isibonelo ngezindlela esilekelela ngazo ukweseka uhulumeni ngamakhono kunesikhwama iResource Mobilisation Fund nesivumelwano esinaso noPhiko lokuShushisa eZweni esikusebenzisa ukulekelela.

Lezi zinenhloso ethile ukuxazulula izingqinamba ezenza izinto zibe lukhuni kakhulu kwamabhizinisi. Amakhono adingakalayo ukweseka impi yokulwa nenkohlakalo futhi nokwenza imboni kagesi neyezokuthutha isebenze. 

Imboni ezimele inamakhono nezinsizakusebenza, ngakho kufanele seseke uhulumeni ngale ndlela. Kepha ngifisa ukucacisa ukuthi asikwenzi noma yikanjani loku futhi asisho ukuthi kufanele kuthenjelwe kithina.  

Inhloso wukweseka ukuthuthuka kwezinsizakusebenza kuhulumeni ukuze ukwazi ukwengamela umnotho futhi uhlinzeke ngezidingo. Lolu sizo kufanele lulawulwe kahle. Uma ukusebenzisana kuhambisana nokutshala imali, imisebenzi yabo bonke abantu kufanele icace kahle, uhulumeni ubheke imigomo. 

Kungayingothokozisa ukuthi sekunenqubekelaphambili ekusebenziseni kahle iqhaza likahulumeni nelemboni ezimele embonini kagesi.

Sesizoba nemboni kagesi encintisanayo njengoba kuzoba nenkampani kagesi ezimele engakwazi ukuthenga ugesi kumkhiqizi oshibhile kunabo bonke, okuyinto enhle kosomabhizinisi futhi okuyinto ezosiza kakhulu emnothweni. 

Kunezifundo ezinhle ezingasetshenziswa ngezinye izimboni, ikakhulukazi eyezokuthutha. Kepha lapho usizo luthinta amakhono nokwengeza izisebenzi, kufanele kugxilwe ekufundiseni lawo makhono ukuze uhulumeni uzogcina unawo. Wusizo lolu okufanele kube olwesikhashana. 

Kumqoka ukucacisa loku; esigxile kukhona ukuphucula indawo osomabhizinisi abasebenzela kuyo. Kuyangithokozisa ukuthi sikwazile ukusebenzisana nohulumeni ukuweseka ngokungenelela ngezinto ezimqoka futhi ngikholwa wukuthi kuthela izithelo ezinhle.

Inhloso yokusebenzisana kwethu wukulungisa okonakele. Sizimisele ukulekelela ukulungisa umonakalo odalwe wukugwamanda amandla ombuso futhi sibhekane nenkinga yeCOVID-19. Kepha inhloso yethu enkulu wukuthi sidlule kulezi zinto ukuze izinto ziphindile esimweni  “esijwayelekile” sobudlelwano bokusebenzisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele lapho uhulumeni uzolawula futhi uhlinzeke ngezidingo, kuthi abamabhizinisi bakhulise umnotho nemisebenzi.

Ukusebenzisana kwethu kunesikhathi okufanele kuphele ngaso. 

ISabelomali esibheka iminyaka emithathu ezayo siwuhambo olubheke lapho. Kufanele senze izinqumo zokuthi izinsizakusebenza ezincane esinazo sizozisebenzisa kanjani, ukuseka ukuphucula indlela okusetshenzwa ngayo kuhulumeni yikona okubalulekile kakhulu ukudlula nje ukwandisa isibalo sabantu. 

ISabelomali sidinga ukwesekwa yikhabhinethi futhi kufanele neminyango kahulumeni ibambisane ukuletha izinguquko ezidingekayo. Sidinga izinkampami ezimqoka ukuthi zibe nemali futhi zikwazi ukuzimela, ikakhulukazi iTransnet ne-Eskom.  

Ungqongqoshe angasichazela ukuthi zizokwenganyelwa kanjani izinkinga zemali zalezi zinkampami. Akusiwo-ke kodwa umsebenzi womNyango wezeziMali wodwa, ukusebenza nokuphathwa kwalezi zinkampani kudinga abanye ongqongqoshe kodwa abamabhizinisi bazobuyelwa ithemba uma sibona ukubambisana kweminyango kahulumeni.

Ngakho-ke i-MTBPS iyithuba elihle lokuletha lelo themba ngezindlela ezihlukene. Ingatshengisa ukuthi siyakwazi ukuphatha imali kahlengokunciphisa izindleko nangokunganyusi intela noma isikweletu. Ingakhombisa ukuthi izinqumo zeSabelomali zilawulwa wukukhulisa umnotho, ukusebenzisa imali ukuphucula amakhono ezisebenzi zikahulumeni sibe futhi seseka ukutshala imali.  

Ingeseka ukutshala imali kwemboni ezimele ngokuqinisekisa ukuzibophezela kukahulumeni ekubambisaneni nabatshalimali abazimele ukutshala kwingqalasizinda futhi kusetshenziswa nezinguquko zokubambisana. 

Lesi Sabelomali singatshengisa ukuthi uhulumeni uzozilungisa kanjani izinselelo zethu ngokusibonisa ukuthi indlela imali ezosetshenziswa ngayo izokwenza eminyango kahulumeni iguquke futhi iphucuke. 

AmaBhokobhoko asikhombisile ukuthi kunqotshwa kanjani unengcindezi. Singanqoba nasemnothweni wethu uma singasebenzisana. Yisonto leli lokuthi ungqongqoshe asiholele lapho.

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page