Umnotho awusizwa wumgcinimafa kuphela kodwa kubalulekile ukusebenzisa imali kahle, kuloba uBusi Mavuso
ISABELOMALI esizokwethulwa kuleli sonto sibaluleke kakhulu kunakuqala endleleni osomabhizinisi ababuka izinto ngayo. Indlela isimo semali kahulumeni esiqhuba ngayo silimaze imizamo yokuthola abatshalimalli eNingizimu Afrika.
Ukwehla kwendlela imali eyayiphathwa ngayo ngesikhathi kuphethe uMnu uJacob Zuma kwaletha uvalo lokuthi umnotho uzowa unomphelo.
Ezinye zezinto ezizuzwe wuhulumeni kaMnu uCyril Ramaphosa wukuvuselela ithemba elithile ngokuthi umNyango wezeziMali uyakwazi ukuphatha imali kahulumeni. Kunemizamo ebonakalayo yokunciphisa izindleko.
Inselelo wukuthi umnotho wethu awuhambisani naloku.
Kusukela ekuvalweni kwezwe ngesikhathi se-COVID-19 kuya ekucishweni kukagesi nezinkinga zezokuthutha, indlela umnotho okhula ngayo iloku iphoxa. Loku kusho ukuthi imali engenayo ayenele ukukhuphula imali kahulumeni.
Umphumela wukuthi siloku sihlehla isikhathi lapho imali engenayo iyoba ngaphezu kwezindleko uma ingakabalwa inzalo ekubeni isikweletu uma siqhathaniswa nobungako bomnotho siloku sanda.
Yiyona nto enkulu engizoyibheka kwiSabelomali. Sizofika nini esikhathini lapho imali esiyingenisayo izoba ngaphezu kwezindleko zethu? Bekufanele kwenzeke ngalo nyaka wezimali ophelayo kodwa uma kubhekwa ingcindezi ekhona emalini, sekuyangatshazwa ukuthi kusazokwenzeka.
Uma kungenzeki, sekuzobhekwa ukuthi kungenzeka yini kulo nyaka ozayo, okuzodinga imali iphathiswe okwezikhali zamaNtungwa.
UNgqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana kufanele atshengise ukuthi umgcinimafa uzophumelela yize inkulu ingcindezi, ikakhulukazi ngalo nyaka wokhetho.
Kuningi okushiwoyo ngokuthi kusetshenziswe imali ewugadingozi, phecelezi ama-foreign reserve, ukulekelela uhulumeni unciphise ingcindezi ekhona ngesimo semali.
Uma kuzokwenzeka lokho, kufanele kube nemibandela eqinile nezwakalayo ecacisayo ukuthi le mali eyokuvikela izwe ekutheni lingangeni enkingeni futhi liqhubeke nokuhlonishwa emhlabeni endleleni eliphatha ngayo imali. Akuyona nje imali yamahhala yokuzitamuzela.
Okunye okubalulekile engizokubheka yimizamo kahulumeni ukugqugquzela ukuthi kutshalwe imali kwingqalasizinda. Sekuphele iminyaka sizwa ngakho kodwa akukenzeki. Imali kahulumeni (ehlinzekelwa loku) iloku yehla ekubeni imboni ezimele yona iqhubeka nokutshala imali. Loku kubangelwa kakhulu wukuwa kwe-Eskom neTransnet kodwa nenye imali kahulumeni etshalwayo iloku incipha.
Ngakho, yize kufanele kuqiniswe izifociya endleleni imali esetshenziswa ngayo uma sizimisele ukushintsha izinto ukuze umnotho ukhule, kumqoka ukuthi sitshale imali ukuqinisekisa ukuthi uhulumeni uyakwazi ukuhlinzeka izidingo ezifana namanzi nemigwaqo.
UmNyango weziMali kade usebenza ukuguqula imithetho ezolandelwa uma uhulumeni ubambisana nemboni ezimele ukwenza loku kusebenzisana kube lula. Sekunesikhathi lo msebenzi uqhubeka kanti kungakuhle ukuzwa izimemezelo ezicacile mayelana nezinguquko kwiSabelomali.
Loku kuzokwenza imboni ezimele ibambe iqhaza kangcono ekutshaleni imali kwingqalasizinda ngaphandle kokufaka uhulumeni kwingcindezi.
Mhlawumbe sizozwa imininingwane ethe xaxa nge-Infrastructure Finance and Implementation Support Agency eyamenyezelwa kwiSabelomali saphakathi nonyaka wezimali, i-Medium-Term Budget Policy Statement (iMTBPS), kodwa kwangashiwo lutho olunye olutheni ngayo. Loku kungaba yindlela enhle yokungenelela ukugqugquzela ukusebenzisana kukahulumeni nemboni ezimele.
Inkinga yemali eTransnet nase-Eskom iyaqhubeka nokuphazamisa. Sesibonile imali eningi efakwe khona (nakwamanye amabhizinisi kahulumeni) kodwa indlela asebenza ngayo ayigculisi.
Ngakho angilindele ukuthi umgcinimafa avele abagixabeze ngemali yize kubalulekile ukulungisa isimo sabo semali. Sidinga imibandela ecacile ezodinga ukuthi lezi zikhondlakhondla zikahulumeni zenze izinguquko ngaphambi kokuthola enye imali.
Asikwazi ukuthi kungaphinde kube khona enye imali kahulumeni eya kuzona zibe zingabonakali izinguquko eziphathekayo.
Sinecebo lokulungisa inkinga yezokuthutha ngomhlahlandlela weTransnet osuphasiswe yikhabhinethi futhi oshicilelwe emphakathini ekuqaleni kwale nyanga.
Yicebo elihle kodwa iTransnet kufanele izibophezele ekulifezeni nokusho ukuqinisekisa masinyane abantu abazoqokwa ezikhundleni eziphezulu ezivulekile.
Yiwona mbandela okufanele ubekelwe iTransnet uma ifuna ukuxhaswa.
Osomabhizinisi bayakwenza okudinga bona ukuxazulula inkinga yezokuthutha.
Sesihlanganise uR120 million ukusiza ukuxhasa izinto okufanele zenziwe yiNational Logistics Crisis Committee. Sikulungele ukusebenza nohulumeni ukwenza okudingekayo, seseke imizamo yokuletha ushintsho ngamakhono nezinsizakusebenza.
Ingxenye yokulungisa inkinga e-Eskom yimizamo yokulwa nesikweletu osikweletwa omasipala. UmNyango weziMali kade unohlelo lokunikeza omasipala abakweletayo ushwele. Ngesikhathi seMTBPS ngoNovemba satshelwa ukuthi bawu-97% omasipala abakweleta i-Eskom abafake izicelo zikashwele.
Wuhlelo olubalulekile ekusebenzeni kwe-Eskom nasekuphuculeni indlela omasipala abaphatha imali ngayo. Ushwele uhambisana nemibandela ehlose ukuphucula isimo sezimali somasipala, indlela abangenisa ngayo imali nokujwayeza abantu ukukhokhela izidingo abahlinzekwa ngazo.
Ngiyathemba sizozwa ngenqubekelaphambili ekwenzeni omasipala babambelele kulolu hlelo.
Osomabhizinisi bazobheka nokuthi yiziphi izinguquko zentela ezizokwethulwa. Uma inyuka intela uhulumeni ayiqoqayo, izoncipha imali imboni ezimele ezoyitshala.
Ukunyusa intela kungenzeka kubonakale njengenye yezindlela zokukhuphula imali kahulumeni kodwa kunobufakazi obuveza ukuthi iyashintsha indlela abantu abaziphatha ngayo uma kunyuswe intela, negcina yenze kungasizi ngalutho.
Intela enganyuswa ngebanjwa ezimpahleni, i-value added tax (iVAT), intela ezwela kakhulu kubantu abantulayo kanti angiboni kwenzeka ngonyaka wokhetho.
Ngicabanga ukuthi kuhle ukwehlisa esikulindele kwiSabelomali. Sezadlula izinsuku lapho umnyango wawukwazi ukungenelela ngemigomo eseka ukukhulisa umnotho ube futhi uhlinzeka imali engasetshenziswa wuhulumeni.
Umnotho usethembele ekusebenzeni kwezinhlaka zikahulumeni ezihlukene.
