Nginesiqiniseko sokuthi sizokwenza kahle eminyakeni ewu-30 ezayo, kuloba uBusi Mavuso
ABANINGI uma bephawula ngeminyaka ewu-30 yenkululeko bayihlukanisa kabili. Eyokuqala wuguquko olumangalisayo lapho umnotho namabhizinisi kwakhula, kuhlomula ngokuphela kobandlululo nokubuyiselwa kwethu emnothweni womhlaba. Eyesibili bathi izinto zihlehlele emuva, izikhungo zethu zombuso ziwisiwe nomnotho.
Ngo-2008, umnotho ubuhlale ukhula ngaphezu kuka-5%, sasikleliswe kahle ngababolekisa ngemali, isikweletu sethu sasiwu-24% womnotho kanti nezinga labantu abangasebenzi lalingaphansi kuka-20%. Umuntu ngamunye wayefaka u-$6 356 emnnothweni kusuka ku-$3,786 ngo-1994 kanti yafinyelela ku-$8,800 ngo-2011.
Loku kwathuthukisa amabhizinisi ngokushesha. Kwaheha abatshalimali kakhulu, kwakhiwa ingqalasizinda yamaselula nokuxhumana ezweni, nokwenza sibe ngelinye lamazwe anengqalasizinda yokuxhumana emangalisayo emhlabeni futhi yiloku okwakhulisa kakhulu nemboni yezimali. Amafemu amaningi aseNingizimu Afrika abe yizikhondlakhondla emhlabeni jikelele.
Ngeshwa, cishe kuzo zonke lezo zinkomba sesihlehlele emuva. Isikweletu sethu sesilingana no-75% womnotho futhi siyakhula. Ngeke umnotho ukhule ngisho ngo-1% kulo nyaka futhi cishe sizoba ngaphezu kancane kwaloko ngonyaka ozayo.
Ukuntuleka kwemisebenzi kuku-32% kanti imali efakwa ngomuntu ngamunye emnothweni isiyehlele ku-$6,130. Indawo amabhizinisi asebenzela kuyona yonakele kanti ukutholakala kukagesi kwehla minyaka yonke yize kungconywana kulo nyaka. Ezokuthutha azisebenzi kahle kanti inkohlakalo ibhokile.
Ngizithole ngizindla ngempelasonto ukuthi ubudlelwano bamabhizinisi nohulumeni bushintshe kanjani ngalezi zigaba. Umthetho wabo osomabhizinisi bahloma ikhanda phansi baqhubeke nomsebenzi bayekele ipolitiki kuhulumeni. Izinto ezenzeke emva kokuphela kobandlululo bezixubile.
Kusungulwe uhlelo lokufukula abantu abamnyama kwezomnotho ukulungisa izinto ezonakele emnothweni. Okungashiwongo wukuthi lolu guquko luzokudla kangakanani ukukhula komnotho futhi amabhizinisi abezimisele ukukukhokhela.
Umthetho wokuletha ubulungiswa endleleni abantu abaqashwa ngayo owashaywa ngo-1998 waqala uhlelo lokuqeda ukucwasa emsebenzini nokulungisa amaphutha akudala. Kwamukelwe imiqulu yokuletha uguquko ezimayini, kwezezimali nezinye izimboni.
Amabhizinisi ahlomulile emigomweni ewavunayo nokuhlakaza izinkampani zobandlululo okuyizona zodwa ezazikhonya emnothweni, nokuvule iminyango ezimakethe zomhlaba. Besinogesi omningi futhi oshibhile, amachweba nezitimela bekusebenza kahle futhi ukwanda kwabafuna okumbiwayo kuvule umnyango wezimpahla ezidayiselwa amanye amazwe.
Ukuwa komnotho emhlabeni ngo-2008/09 nokuphatha kukaMnu uJacob Zuma kwasho ukuphela kwakho konke loko. Lezi zinto ezimbili zicekele phansi indawo amabhizinisi abasebenza kuyo. Amanani okumbiwayo ehla ngenxa yokuwa komnotho.
Ngesikhathi umnotho ubhekene naloko, uZuma wayeqala umsebenzi wokuzitapela ezinkampanini zikahulumeni. Izinhlaka eziqhaphayo nokuphendulwa kuzo yizona ezalandela njengoba abantu ababegwamanda umbuso babefuna izindlela zokugwema ukuphendula ngezenzo zabo zokuzithathela izinsizakusebenza zikahulumeni.
Njengoba zase zinciphile izikhungo okuphendulwa kuzo, inkohlakalo yadlondlobala kuwo wonke amazinga kahulumeni. Izikhungo ezimbalwa ezama njengeBhange loMbuso nomGcinimafa ezweni lonke zahlaselwa.
Ubudlelwano phakathi kukahulumeni namabhizinisi baphazamiseka kakhulu ngalesi sikhathi.
Nokho izinkantolo zama ngalesi sikhathi zaguqula izinqumo ezazingafanele kuhulumeni. Abezindaba benza umsebenzi omuhle ukuveza inkohlakalo.
Cishe okwaba kubi kakhulu wukuxoshwa kukaMnu uNhlanhla Nene, owayewungqongqoshe wezMali, kwafakwa umhlobo wabakwaGupta nowayengaziwa uMnu David van Rooyen.
Izimakethe zaphendula ngendlela eyayilindelekile, kwehla inani lama-bond kahulumeni kakhulu. U-Van Rooyen waphatha isonto kuphela ngaphambi kokuthi uZuma agobe uphondo waqoka uMnu uPravin Gordhan.
Ngemva kokuphatha kukaZuma, amabhizinisi ayesekulungele ukuseka uhulumeni ukuvuselela izinto. Sisabele ngesasasa kwikhwelo likaMengameli uCyril Ramaphosa elithi “Thuma Mina”, sihlanganisa izinsiza ukuze siseke ukuvuselela.
Ngicabanga ukuthi ngiqinisile uma ngithi, nokho amabhizinisi nabaphathi abasha bakuthatha kancane ukuthi umsebenzi wawuzoba mkhulu kangakanani.
Sineminyaka emihlanu siqale ukulungisa. Amabhizinisi asebenzisane nohulumeni emikhakheni eminingi, kusukela ohlelweni iTamdev, olubuyise onjiniyela nabanye ochwepheshe abanamakhono empeshenini ukuze bacije abalingani babo kuhulumeni, ohlelweni lweBusiness for South Africa olusebenzisana nohulumeni kakhulu ukulungisa inkinga kagesi nokuhlinzeka izidingongqangi ukubhekana nobugebengu nenkohlakalo.
Mhlawumbe isibonelo esihle kakhulu sokusebenzisana yindlela esabambisana ngayo ngesikhathi se-COVID-19, lapho iSolidarity Fund yaqoqa izinsiza ezimangalisayo ezivela emphakathini wethu namabhizinisi asebenza nohulumeni ukuthola imishini nemithi yokugoma okwasatshalaliswa ezweni lonke.
Sesizuze lukhulu emizamweni yethu.
Ekugcineni siyazibona izithelo zezinguquko ezinkulu emkhakheni kagesi ezisize ukuletha abatshalimali bemboni ezimele ekukhiqizeni ugesi omusha ovuselelwayo. Eminyakeni emibili ezayo ukucishwa kukagesi kuzophela.
Siyazikhandla ukulungisa inkinga yezokuthutha kanti sekukhona okuthuthukile emizileni emqoka yezokuthutha.
Le mpumelelo inginika ithemba ngesigaba esilandelayo sentuthuko yezwe lethu. Indlela esihlanganisa ngayo imigomo imqoka futhi uma sikwenze kahle, sizophumelela.
Isikhathi sokugwamanda amandla ombuso sitshengise ukuthi kwenzekani uma unabaholi nemigomo engalungile. Siyizwe elifunda emaphutheni alo. Uma ufuna indawo yamabhizinisi ezokhulisa umnotho futhi isungule imisebenzi, akukho simanga ngokufanele ukwenze, shaya imithetho efanele, fukula imboni ezimele ukuze itshale imali futhi uqinisekise ukuthi uhulumeni uyasebenza.
Akunandaba ukuthi wubani ophethe kuhulumeni, lezo zinto azishintshi.
Nginesiqiniseko sokuthi sizokwenza kahle eminyaka ewu-30 ezayo futhi sizozuza okufanele siyizwe.