Awudingi izindodla zemali ukuqala ibhizinisi. Uma unombono nemakethe, ungaliqala ibhizinisi ngoR1 000, kuloba uNtokozo Biyela
KULELI sonto ngifisa sibheke ukuthi yiluphi uhlobo lwebhizinisi ongaluqala ngoR1 000 noma ngemali engaphansi kwaleyo.
Uma sibheka isimo sezomnotho esikuso siyizakhamizi zaseNingizimu Afrika kuyacaca ukuthi amandla omnotho awasekho kahle kithina sonke. Loku kusho ukuthi nezimboni azisenzi kahle. Uma izimboni zingenzi kahle, loko kusho ukuthi kunamabhizinisi asekhethe ukudiliza abantu emisebenzini ethile. Kanti nokucinywa kukagesi kudlangile nokushoda kwamanzi, izinto eziphazamisa amabhizinisi eNingizimu Afrika.
Namuhla ngithi ake sibheke amabhizinisi ambalwa abantu abangawaqala ngoR1 000 ngoba isimo siyaphoqa. Iqiniso lithi imisebenzi ayikho, ngakho kufanele sizame ngazo zonke izindlela ukuxosha ikati eziko.
Abantu abaningi baye bazithole benenkinga yokuthi abakwazi ukuqala ibhizinisi ngoba emqondweni wabo banokuthi ukuqala ibhizinisi kufanele bathole izindodla zemali.
Kolunye uhlelo lwamabhizinisi engilwenza ngoMsombuluko ngenze isibonelo sokuthi kulula kanjani ukuqala ibhizinisi. Ungaliqala ngisho nangoR40. Uma uthenga i-Oros kaR40, wenze ijusi ngayo bese uyidayisela izingane zesikole noma abantu.
Ibhodlela le-Oros uma ulixuba namanzi likhipha amalitha ayisishiyagalombili. Uma ufaka leyo jusi ezigujini eziwu-250ml ungakhipha izigubhu ezincane eziwu-32. Ake sithi isigubhu usidayisa ngoR6 ngoba phela ufuna wonke umuntu akwazi ukusithenga ngenani eliphansi. Kusho ukuthi uma udayisa zonke izigubhu eziwu-32, ungalala unoR192.
Uma ususa loR40 othenge ngawo isigubhu esikhulu se-Oros, kusho ukuthi ungasala noR152 oyinzuzo. Kungenzeka ukuthi izigubhu zibiza uR1 sisodwa, okusho ukuthi ungasala noR120 oyinzuzo. Ngakho-ke uyabona ukuthi ngoR40 nje ukwazi ukwenza inzuzo ewuR120. Akhona amabhizinisi angadingi imali eningi ukuze uwaqale kodwa adinga ubuchopho nje namakhasimende.
Uma sithatha isibonelo se-Oros eyenza uR120 njalo ngosuku sisiphindaphinda kabili kusho ukuthi ngosuku umuntu angenza inzuzo ewuR240.
Loku kusho ukuthi ngenyanga umuntu angenza inzuzo ewu-R7 200 uma ebeka uR240 njalo ngosuku. Okunye okulula wukuthi uwusomabhizinisi ubheke ukuthi yiziphi izidingongqangi zabantu lapho uhlala khona.
Elinye lamabhizinisi achuma kalula futhi angabizi kakhulu ngadayisa izimpahla ezindala esezike zagqokwa. Kwabakulona bathi kufika amasaka agcwele izimpahla ezindala adayiswa ngoR1 000. Abawathengayo bathola inqwaba yezimpahla phakathi, okungenzeka kube yizimpahla ezingafika ku-50. Abaningi bazidayisa ngoR250 lezi zimpahla. Loku kusho ukuthi uma kwenzeka bekwazi ukuzidayisa zonke lezi zimpahla isaka nesaka abalidayisayo libenzela uR12 500. Uma ususa uR1 000 othenge izimpahla ngawo, usala nenzuzo ewuR11 500.
Asisabalalise imiqondo yethu uma sicabanga ukuvula ibhizinisi, singaze sidikibale ngoba njalo sibheka ukuthi kufanele sithole izindodla zemali ngaphambi kokuqala ibhizinisi.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting