Kuzozisiza izimali zikahulumeni ukuqhubeka kukakhomishana okhona, kuloba uJabulani Sikhakhane
KUYANCOMEKA ukusukuma ngokushesha kukaMengameli uCyril Ramaphosa acacise ngekusasa likakhomishana wophiko lukahulumeni oluqoqa intela iSouth African Revenue Service (iSARS).
Lolu phiko lubhekene nenkinga yokwehla kwentela eqoqwayo, ikakhulukazi ngasohlangothini lwezinkampani, okwenza kubaluleke ukuthi luphathwe yizandla ezijwayele.
Inkontileka kaMnu u-Edward Kieswetter yeminyaka emihlanu, njengokusho komthetho owengamele ukusebenza kweSARS, ibizophela ngo-Ephreli. Wangena kulesi sikhundla ngoMeyi ngo-2019.
Isimemezelo sikaRamaphosa asijwayelekile njengoba esedume njengendoda edembeselayo ngezimemezelo kuze kusuke umsindo izwe lonke libabaza ukuthi akasumi masinyane.
Sikhuluma nje usedlulelwe isikhathi sokuvala igebe elavuleka ngonyaka odlule ngesikhathi eshiya lesi isikhundla omunye wamaphini abaphathi beBhange loMbuso uMnu uKuben Naidoo.
Kubikwa ukuthi uNaidoo wabikela kuRamaphosa phakathi nonyaka odlule ukuthi ucela ukukhululwa ukuze abheke amanye amathuba omsebenzi. URamaphosa akalusukumelanga lolu daba, kwagcina ngokuthi uNaidoo ashiye phansi ngasekuqaleni kukaDisemba, okwashiya ibhange lishoda ngephini lomphathi.
Loku kwaba yinto ephawulekayo ngoba ikomiti laleli bhange elithatha izinqumo ngokunyusa nokwehlisa imalimboleko lize lahlangana ngoJanuwari lingaphelele ngenxa yesikhala sikaNaidoo.
Nokho, sekunemibiko ethi uRamaphosa uzomemezela ozovala isikhala sikaNaidoo maduze nje. Kulindeleke nokuthi acacise ngekusasa lomphathi omkhulu weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago, inkontileka yakhe yesibili yeminyaka emihlanu ezophela ngasekupheleni konyaka.
URamaphosa umemezele izolo ukuthi usevumelene noKieswetter ukuthi kululwe isikhathi sakhe njengomphathi weSARS ngeminyaka emibili. Lesi sinyathelo sithathwe ukuze lowo oseyothatha izintambo emva kukaKieswetter athole ithuba lokungena kahle esikhundleni ngaphandle kwezingqinamba, asekwe nawuKieswetter.
U-Kieswetter uzoqhubeka ahole umkhakha wamaqhinga ngekusasa lalolu phiko ngesikhathi futhi engenisa lowo ozothatha izintambo kuyena.

UKhomishana weSARS uMnu u-Edward Kieswetter, uzoqhubeka nomsebenzi wakhe
Nokho, akukamenyezelwa ukuthi wubani ozothatha izintambo emva kukaKieswetter. Isimemezelo sikaRamaphosa sikhomba ukuthi kungase kukhethwe ngaphakathi esibayeni. Naloku futhi kubalulekile ngoba kusho ukuthi umphathi omusha akazukudinga isikhathi eside ukujwayela.
Kubalulekile ukuphathwa ngendlela kweSARS ngoba ingenye yezingxenye zikahulumeni ezakhinyabezeka ngesikhathi kusaphethe uMnu uJacob Zuma. I-SARS yalahlekelwa yizikhulu eziningi ezinamava okuqoqa intela. Sikhuluma nje uKieswetter akakawuphothuli umsebenzi wokuvuselela yonke imikhakha yeSARS.
Kubalulekile-ke ukusukuma ngokushesha kukaRamaphosa ngenxa yesimo sezimali zikahulumeni. Kulo nyaka uhulumeni kulindeleke ukuthi uqoqe imali yentela engaphansi kweyayibikezelwe ngonyaka odlule. UNgqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ubike ngesonto elidlule ukuthi intela ezoqoqwa kulo nyaka izoba ngaphansi ngo-R56 billion.
Uthe ukwehla kwenzuzo eyenziwa yizinkampani nentela etholakala ezinkampanini zokumbiwayo kuzoba nomphumela omkhulu. Izinkampani zokumbiwayo zibe negalelo elikhulu eminyakeni edlule, ikakhulukazi emva kobhubhane i-COVID-19, ngesikhathi zihlomula ngokwenyuka kwentengo yomkhiqizo wazo ezimakethe zomhlaba. Loku kwenyusa inzuzo yazo, okwahambisana nokwenyuka kwemali yentela.
Ezinyangeni eziyishumi zalo nyaka wezimali zikahulumeni intela evela ezinkampanini zokumbiwayo yehla ngo-39%, eyamafemu akhiqiza izimpahla ngo-6%, kwathi eyezokuthutha yehla ngo-3%. Izingxenye zomnotho ezinyuse igalelo lazo kube ezezimali (2.6%), ezikagesi (2%) nezolimo (1.7%).
ISabelomali esithulwe ngesonto sibikezele ukuthi isimo sentela ngonyaka ozoqala ngo-Ephreli sizoba ngconywana. Nokho sixwayisa sathi intela eqoqwayo incike kakhulu ezingeni lokukhula komnotho wezwe.
Zintathu izinhlobo zentela ezinegalelo elikhulu emalini yentela yonkana – ilindeleke ukuthi ifike ku-R1.86 trillion intela ezoqoqwa ngo-2024/25. Igalelo elikhulu (u-36%) imali ebanjwa emiholweni, eyingxenye yenzuzo eyenziwa yizinkampani (u-20.6%), neqoqwa uma abantu nezinkampani bethenga izimpahla, i-value-added tax (i-VAT) (u-25%) nezinye izidingo.
Lo mqulu uthi evela ezinkampanini ne-VAT kulindeleke ukuthi idanjiswe wukwehla kwenzuzo ezimbonini eziningi zezwe nezindleko ngasohlangothini lwentela ezizodalwa ukunyuka kwezinga lokutshala imali kwezizinda zokukhiqiza ugesi ngendlela engangcolisi umkhathi nezindlela zokulondoloza lo gesi.
Imithetho elawula intela ivumela izinkampani ukuthi zehlise inani le-VAT eziyikhokhayo uma zitshali imali ezakhiweni nezizinda zokukhiqiza. Izinkampani ziqale zikhokhe i-VAT uma zithenga imishini nezinye izidingo zokutshala imali bese zifaka isicelo sokubuyiselwa i-VAT.
Izindlela zokukhiqiza ugesi ezingangcolisi umkhathi zixube ukuphehla ugesi welanga nomoya. Le nhlobo kagesi ayifani nekhiqizwa ngamalahle ngoba ayikhiqizeki ngaso sonke isikhathi. Imisebe yelanga iba semini kuphela.
Loku kudala inkinga ngoba ukusebenzisa ugesi kunyuka kakhulu ilanga seliyoshona, kuthi emini kwehle. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi ugesi okhiqizwa ngale ndlela ubekwe ukuze usetshenziswe uma sesinyukile isidingo sawo.
Zonke lezi zizathu zidinga ukuthi iSARS iphathwe ngesandla esifanele ukuze ikwazi ukumelana nomsebenzi wokuqoqa intela ezweni elikhungethwe wukwehla kwezinga lokukhula komnotho nokuncipha kwemisebenzi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/04/04/uhleka-yedwa-umqoqintela-wezwe-ngemali-engenile-uslindile-khanyile-uyabika/