Ulwazi lomsebenzi lulodwa alwenele, kubalulekile nokulalela okuzwa ngaphakathi, kuloba uJabulani Sikhakhane
NGAPHEZU kwamakhono aqondene nomsebenzi nobuholi, kubalulekile ukuthi umuntu okwazi ukuzithathela izinqumo nokubanombono wakhe osuka ngaphakathi kuye, loku okutshelwa yigazi.
Kubalulekile loku ngoba ungazithola esimweni lapho kudingeka uthathe isinqumo ngokuphazima kweso ngesimo esingacacile futhi kungekho lwazi oluphelele ngaso.
Lesi kungaba yisimo lapho unesikhathi esincane sokunquma ukuthi kwenziwe njani, noma abaphathi bakho belindele umbono wakho ngaleso simo.
Kwezamakhono, ikakhulukazi aphathelene nomsebenzi, kugcizelelwa ukuthi umuntu okwazi ukubonisana, ukuxhumana nokusebenzisana nabalingani bakhe, ukuxazulula izinkinga nolwazi lokuhlanganisa izinto phecelezi, organisational skills. Singengeza ngokuba wumuntu ongalindi ukuze abizwe noma akhonjwe kodwa ozisukumelayo enze okudingekayo.
Kubalulekile konke loku. Kepha kunezimo, noma kuyizimo ezingafiki mihla yonke, ezidinga umuntu okwazi ukuzithathela izinqumo ngokuphazima kweso futhi okungaba yizimo lapho imininingwane ngazo ingaphelele noma ingacacile kahle. Yilapho-ke le nto engaphakathi kuwe ibaluleka ikhona.
Ngizokwenza isibonelo ngezinsizwa ezimbili, eyaseMelika neyaseSoviet Union. Lezi zinsizwa zasiza umhlaba wonke ngo-1983, isikhathi esasaziwa nge-Cold War, okwakumbango oholwa yiMelika neSoviet Union. Kulo mbango kwakuhamba phambili impi, ikakhulukazi ukuthi iyiphi ingxenye enezikhali zenuzi eziningi nezikwazi ukugadla kwelinye izwe lingalindele.
La mazwe ayehola amanye amazwe ahambisana nawo, iMelika inenhlanganisela yezimpi yamazwe asentshonalanga, esekhona nanamuhla, eyaziwa ngeNorth Atlantic Treaty Organisation (iNato), i-Soviet Union yayihola inhlangano yezokuvikelana iWarsaw emva kwesivumelwano esasayinwa ngamazwe amakhomanisi aseYurophu ehlokodolobha yasePoland ngo-1955.
Lezi zinhlangano zazihlale zizwana amandla kwezempi, okwakudinga ukuthi kwenziwe imidlalo yempi, kufakwe esikalini ukuzulungiselela kwamasosha asolwandle, asezweni nawasemoyeni nokusetshenziswa kwezikhali zenuzi.
Lo mbango, owaqala emva kweMpi yeSibili yoMhlaba, washuba ngeminyaka yo-1980. Lezi zinsizwa zatakula umhlaba wonke esimweni esasingaba wumsusa wempi yesithathu yomhlaba ngo-1983, eyayizohambisana nokusetshenziswa kwezikhali zikamashayabhuqe, inuzi phela.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-1983 abaholi bala mazwe babenamazwi ayiziswana ngezimbangi zabo, owayenguMengameli eMelika, uMnu Ronald Reagan ebiza iSoviet Union ngesidleke samazwe abuswa ngobubi. Wayememezele ngalowo nyaka ukuthi iMelika iphezu komkhankaso wokwakha ihawu elikhulu lokuvika izikhali ezingajikijelwa khona noma emazweni angabahlobo bayo eYurophu. Lolu hlelo lwalubizwa nge-Star Wars.
NgoSepthemba ngo-1983, uKhenela Stanislav Petrov wayesemsebenzini ebheke imishini egade okungahlasela i-Union of Soviet Socialist Republic. Ngomhlaka-27 ngaleyo nyanga imishini exwayisa ngokusuka kwempi yakhomba ukuthi iMelika yabe isithumele izikhali ezijikijelwayo ezinhlanu zisuka eMelika zibheke ngqo eSoviet Union.
Lesi simo sasidinga ukuthi abavikeli beSoviet Union bathathe isinqumo ngokuphazima kweso ngokumele kwenziwe ukuvikela izwe labo nokuziphindiselela kwiMelika.
Imigomo yempi yabeka ukuthi uKhenela Petrov kumele avuse izikhulu zempi azibikele ukuthi sekusukile loko. Nokho uKhenela Petrov wathatha isinqumo sokuthi akukho zikhali ezisuka eMelika, inkinga inama-satellite aseSoviet Union. Wazibikela izikhulu zempi ukuthi kunenkinga ngama-satellite.
Wathatha lesi sinqumo engenamininingwane eqondile ngesimo kodwa emva kophenyo kwatholakala ukuthi wayeqinisile. Nokho isinqumo sakhe, esasindisa umhlaba wonke esimweni esasingasusa impi yomhlaba yesithathu, samfaka kwenkulu inkinga. Abaphathi bakhe abakuthandanga ukuthi uveze ihlazo lokuthi imishini yezempi inezinkinga.
Zingakapheli izinyanga ezimbili kwenzeke loku, iMelika neNato bahlela imidlalo yempi eYurophu. Le midlalo, eyayibizwa nge-Able Archer 83, yenyusa amaphaphu kwizikhulu zempi eSoviet Union. Amabhanoyi amazwe eNato ayehlome ngezikhali okwakubonakala kwizikhulu zeSoviet Union kungezenuzi (kodwa kungezomdlalo).
Izikhulu zempi eSoviet Union zathatha isinqumo zokuviva, zakhipha zonke izikhali zazilungiselela ukuvikela izwe lazo nokugadla emazweni eNato eYurophu naseMelika.
Ngalesi sikhathi u-Lieutenant-General Leonard H Perroots wayeyiphini lwezobunhloli ehhovisi lophiko lwamabhanoyi ezempi aseMelika ayezinze eWest Germany. Ethola imininingwane ngokuviva kweSoviet Union, uPerroots akethukanga, wanquma ukuthi iNato akumele ivive nayo njengoba kwenze iSoviet Union. NoPerroots wayengenalwazi namininingwane ephelele ngesimo ayebhekene naso.
Noma engathathelwanga izinyathelo yizikhulu zempi eMelika kodwa umbiko owakhishwa yibhodi eyayeluleka umengameli waseMelika emva kweminyaka ewu-30 kwenzeka loku waveza ukungagculiseki ngesinqumo sakhe. Lo mbiko wachaza isinqumo sikaPerroots njengesathathwa ngeshansi nangaphandle kobufakazi. U-Perroots waqhubeka nomsebenzi wakhe, esewumqondisi wophiko lwezobunhloli ngaphansi kukaMengameli uReagan (1985-88).
Nokho umlobi wencwadi ngemidlalo yezempi i-Able Archer 83 uMnu Nate Jones uthi isinqumo sikaPerroots, asithatha ngokulandela akuzwa ngaphakathi kuye sanqanda isimo esasingasusa impi yomhlaba yesithathu.
Indodana kaPerroots, uLen Perroots Jr yathi emva kokushona kwakhe uyise wabeka ikusasa lakhe emnyangweni wezempi engcupheni ngokuthatha isinqumo esinje, asithatha engenalwazi nobufakazi obugcwele ngesimo ayebhekene naso.
Izenzo zalezi zinsizwa ziyisifundo ngokubaluleka kwabantu abazimisele ukuthatha izinqumo zalolu hlobo, ezidinga ukuthathwa ngokuphazima kweso ngaphansi kwesimo lapho imininingwane ingaphelele noma isimo singacacile ukuthi sinhloboni.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/09/13/umbiko-ngelady-r-uqubule-imibuzo-eminingi-kuloba-ubusi-mavuso/