Asihlabe ikhefu ukuze siwulungiselele kahle u-2024, kuloba uNtokozo Biyela
SESIFIKE ekupheleni kwango-2023, amabombo asebheke ku-2024. Loku kusho ukuthi kufanele sivale lo nyaka ngomfutho bese sivula ozayo ngomfutho.
Engosini edlule ngithe kubaluleke kangakanani ukuthi singosomabhizinisi senze imali ngala maholidi ukuze siqale unyaka sithokozile. Okubaluleke kakhulu manje wukuhlela ukuthi u-2024 uzohamba kanjani, singaziboni sesiqala unyaka singenahlelo lokuthi isigaba sokuqala sonyaka sizosimisa kanjani futhi siwuvale kanjani unyaka.
Okufanele sikubeke emqondweni wukuthi u-2024 uzobe wehlukile kunayo yonke iminyaka ngenxa yokuthi maphakathi nonyaka siyiNingizimu Afrika sizovotela uhulumeni omusha ozophatha. Loku kusho ukuthi maphakathi nonyaka sizobona ushintsho oluzoba khona ezinhlakeni zikahulumeni ezweni lonke nasezifundazweni.
Kungenze-ka abazongena esihlalweni sikahulumeni bashintshe izinto eziningi. Loko kuzoncika ekutheni beza namiphi imithetho yeqembu labo noma yenhlanganyela yamaqembu azophatha.
Loku kukubeka ngokusobala ukuthi noma ngabe yiziphi izinhlelo ezintsha abeza nazo zizoba zizokuthinta wena mnikazi webhizinisi, ngakho-ke kufanele uzilungiselele. Kufanele wenze isiqiniseko sokuthi uma uhlelela u-2024, uyakufaka loku ezinhlelweni zakho. Ukushintsha kukahulumeni kuza noshintsho olukhulu emnothweni wezwe nasendleleni uhulumeni enza izinto ngayo.
Ngakho-ke thatha isikhathi sakho wenze isiqiniseko sokuthi uhlela kahle. Okunye okumqoka nokufanele ukwenze wena somabhizinisi wukuthatha leli thuba lamasonto amabili uphumule, uma kuwukuthi uzobe ungasebenzi ngoDisemba. Kungenzeka ukuthi uhlobo lwebhizinisi lakho lukwenza ukuthi uvale ngoDisemba uma kuvala imboni okuyona. Nalokho akunankinga, hlaba ikhefu ngalesi sikhashana ozosithola.
Ungathi uhlaba ikhefu kodwa futhi ube usebenza. Kungakuhle ukuthi iselula okungena kuyo izingcingo zebhizinisi uyibeke noma kulo leli sonto wazise amakhasimende akho ukuthi kusukela ngosuku oluthile nizobe nisekhefini, niyobabona ngonyaka ozayo.
Thatha ikhefu nomndeni wakho niye lapho nizojabula khona ningaphazanyiswa muntu. Osomabhizinsi abaninigi abavamisile ukuthatha ikhefu ngoba kufanele bafukuze njalo.
Ngisho ungasayanga eholidini kodwa aisikhathi utotose umzimba osebenza kanzima. Ungaya ezindaweni okubhucabhujwa umzimba kuzona noma ezindaweni ezifaka uketshezi lokuvuselela amasosha omzimba noma lapho begeqa khona ingaphakathi lesisu ukuze uzizwe unamandla amakhulu emva kwalokho, okubizwa ngokuchatha kodwa ngesilungu kuthiwa yi-intestinal hydration.
Ziningi nezinye izinto ongazenza ukuvuselela amandla emzimbeni kodwa engingakusho wukuthi sizame ngakho konke esinakho ukugwema ukuphuza utshwala ngokweqile. Asifuni kuthi kuqala unyaka wena ube uyongena esibhedlela. Khumbula ukuthi umzimba wakho yiyona njini yakho oyidingayo ukuze ukhiqize imali, ngakho-ke uma ungawunakekeli ngendlela okufanele uwunakekele ngayo, loko kusho ukuthi uzibulala wena qobo ngoba ubulala umzimba ozowudinga ukwenza imali.
Nginifisela uKhisimuzi noNcibijane omuhle. Nginifisela amaholidi amahle nivikeleke ezingozini nasesiphithiphithini sangoDisemba. Sengathi oNgaphezu konke anganivikela niqale unyaka ngomfutho nezindlela zenu zonke ebhizinisini zibe mhlophe.
Nami ngisathatha ikhefana ukuyopholisa ikhanda ngitotose nomzimba wami. Okuhle kodwa.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting