Ukusayina i-health compact yiPhini likaMengameli uMnu uPaul Mashatile ngesonto elidlule akuyona indlela yokusebenzisana phakathi kukahulumeni namabhizinisi, kusho umbhali. Isithombe: Sithunyelwe

Iyakhathaza imigomo ebonakala izonquma ikusasa lezokuthutha, kuloba uBusi Mavuso  

SESICISHE sakuqeda ukucinywa kukagesi ngoba imboni ezimele isiphehla ugesi. Kunezigidi ngezigidi ezitshalwa kwingqalasizinda yokuphehla ugesi ovuselelwayo, okwenza wande ugesi. 

Okunye okwenzekayo wukuthi ukubambisana phakathi kwabamabhizinisi nohulumeni sekwenze abantu abanamakhono embonini ezimele bakwazi ukuseka i-Eskom iphucule ukusebenza kweziteshi zayo zikagesi okuhambisana nohlelo i-Energy Action Plan.

Indaba kagesi eNingizimu Afrika iyisibonelo sokuthi yini esingayenza uma sixazulula inkinga ngendlela entsha, isitshengisa okungenzeka nokukhulu kakhulu kunesake sakucabanga. 

Ngizithole ngiqhathanisa indaba kagesi neyezokuthutha ngesonto elidlule emhlanganweni nezikhulu zeTransnet nomkhandlu weBusiness Leadership South Africa (iBLSA). 

Kuningi okuhle okwenziwa ngabaphathi abasha beTransnet, ikakhulukazi uma kukhulunywa ngokuthekela embonini ezimele, kuningi okungenzeka. Ziningi izinhlelo okubambisene uhulumeni nemboni ezimele iTransnet ezenzayo, okufaka kuzona nokuvumela abemboni ezimele ukuthi babambe iqhaza emachwebeni aseRichards Bay naseThekwini. Kepha uma kuqhathaniswa nemboni kagesi okuholele ekutshaleni imali kakhulu, okwenzeka kwezokuthutha, akunasimanga esitheni. 

I-Transnet iyahluleka wukuhlanganisa imali ngenxa yesikweletu sayo esiphezulu esiwuR13 billion ngonyaka futhi kukhona noR60bn, isikweletu esenzeka ngesikhathi sokugwamanda amandla ombuso, okungayisizanga ngalutho le nkampani. 

Manje ihlalelwe wumsebenzi wokunakekela novuselela olayini bezitimela okuzobiza uR51.4bn kanti namaguzu ayo aphele inkani wukuguga. I-Transnet iphezu kwezinhlelo eziningi lapho izobambisana khona nemboni ezimele, ikakhulukazi ngokuthi “imboni ezimele ibambe iqhaza”, okuzokwenza abatshalimali bathenge amasheya noma kube khona izindawo abaqashisa ngazo. 

Kuhle konke loku kodwa njengoba kubonakele kugesi, uma imboni ezimele ivunyelwa ukuthi ibewumkhiqizi futhi ihlinzeke, kuningi okungenziwa. Imboni yezokuthutha inomlando wokusebenzisana nemboni ezimele. Imigwaqo lena ethelelwayo esinye sezibonelo. 

Imigwaqo ethelelwayo uN1 noN3 yaba ngezinye zezinhlelo zokuqala zokubambisana kukahulumeni nemboni ezimele ngesikhathi sekubusa uhulumeni wentando yabantu futhi kwangenisa imali eningi eqhamuka embonini ezimele ukuseka ukukhula komnotho.

Leyo misebenzi yenza imboni ezimele ikwazi ukwakha nokulawula imigwaqo, inkontileka eyiminyaka ewu-30. Le ndlela isebenzile futhi nasekwakheni ingqalasizinda esiyisebenzisa namanye amazwe, ikakhulukazi iMaputo Corridor exhumanisa iGoli neMaputo.

Uma singenza konke okusemandleni, singaba nombono omkhulu ngesingakwenza ngezitimela namachweba. Imihubhe yezitimela yonke ingalawulwa yimboni ezimele namachweba. Loko kungenza kuncintiswane ngempela njengoba bonke abantu bengabe befuna ukukhipha unyawo ezindaweni abazilawulayo. 

Loko kungenza kubenokuncintisana kangcono emnothweni endleleni okunakekelwa ngayo amakhasimende adayisa imikhiqizo yawo kwamanye amazwe, kusimamise umnotho futhi kwakhe nemisebenzi, kungenise nentela. Njengoba imboni kagesi itshengisile, kungashesha uma izinqumo ezimqoka sezenziwe. 

Nokho-ke ngikhathazekile ngemigomo ebukeka izolawula imboni yezokuthutha ngomuso; sengathi yenza kubenzima ukwenza lezi zinqumo. 

Akucacile kahle ukuthi yumuphi umnyango kahulumeni owengamele amabhizinisi kahulumeni amakhulu. Emva kokuvalwa komNyango wamaBhizinisi kaHulumeni emva kokhetho lokugcina, la mabhizinisi abenganyelwe yiHhovisi likaMengameli. 

Basezinhlelweni zokuwathuthela eminyangweni eqondene nemigomo, i-Eskom izoya kowaMandla, kuthi iTransnet iye kowezokuThutha kodwa futhi kufanele ngabe bazoya enkampanini entsha yamabhizinisi kahulumeni uma usushayiwe umthetho ofanele. 

Kungenzeka kubeyisikhathi eside futhi esididisanayo lesi lapho kuzoba nzima ukuba nombono odingekayo ukuhlanganisa iqhinga lalezi zimboni. Akulilethi ithemba loku, ikakhulukazi uma ucabanga umbono esiwudingayo ukuqikelela ukuthi ezokuthutha ezweni lethu zisezingeni lomhlaba.

Kuningi esikuzuzayo uma uhulumeni nemboni ezimele besebenzisane ngendlela ekhuthaza ukuthi wonke umuntu agxile entweni akwazi ukukwenza kahle. Yingakho ukucaza iqhinga ukuze izinto zenziwe ngamancozu kusiza ekuhlanganiseni umbono wonke umuntu azovumelana ngawo.  

Nokho-ke indlela “okuhleshulwe” ngayo iqhinga lezempilo elisayinwe yiPhini likaMengameli uMnu uPaul Mashatile ngesonto elidlule lenza inhlekisa yonke leyo nto. 

Uhlelo olungazifaki izinhlangano zamabhizinisi alitshengisi umbono wonke umuntu avumelana ngawo futhi akuyona indlela yokuthi siye phambili siyizwe. 

I-Business Unity South Africa (iBusa), inhlangano eyengamele amabhizinisi, nezinye izinhlangano ezimqoka kwezempilo zilibeke ngembaba elokuthi indlela leli qhinga lezempilo elihlanganiswe ngayo libuyekezwe wuhulumeni yedwa ukuze lizogxila kumshwalense wezempilo, i-National Health Insurance (iNHI). 

I-Busa neBLSA bayibeka yacaca imibono yabo ngeNHI ukuthi indlela ehlanganiswe ngayo ngeke isebenze futhi iyingozi enkulu emnothweni. 

Asikwazi ukuvumelana nohulumeni ngaphandle uma izohambisana neziphakamiso eziningi esazenza ezazisho ukuthi iyiphi indlela yokwenza iNHI ukuthi iphumelele ngaphandle kokudala umonakalo omkhulu emnothweni.  

Ukuthi uhulumeni uqhubekile wasayina leli qhinga elingasondeli nakancane kulezi ziphakamiso, yinto embi.  

Sithi halala kwiJaji uRaymond Zondo osethathe umhlalaphansi emva kweminyaka ewu-27 kulo msebenzi. Ushiya umlando omuhle wokusebenza komthetho eNingizimu Afrika. 

Isikhathi asiphathile eyinhloko yamajaji neqhaza alibambile ehola 

iKhomishini eyayiphenya ukuGwamanda amaNdla oMbuso lisize izwe lakwazi ukuvuka lizithathe emva kokuthi izinhlaka zethu zokulwa nobugebengu zithenwe amandla. 

Kunezinqumo eziningi eziphume ezinkantolo ezithinte izwe lethu, ikakhulu ezikhishwe wuyena. Sinenhlanhla yokuthi umuntu ofana naye uke wayinhloko yamajaji. 

Ngifisela iJaji uMandisa Maya okuhle kodwa njengoba ethatha izintambo zokubayinhloko yamajaji. 

Izinhlangano zamabhizinisi ziyayihlonipha kakhulu iNkantolo yomThethosisekelo nomsebenzi wamajaji esifisa ukuwubona uvelela ngaphansi kwesandla sakhe. 

 FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/02/29/kwethulwe-abaholi-abasha-ukubuyisela-inqola-esipolweni-etransnet/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page