Abazali abafundile nabangafundile banejoka lokubamba iqhaza emfundweni yezingane zabo. Isithombe: Sithunyelwe

Kukhulu okungakufundwa yizingane uma zixoxelwa ngokwenzeka emsebenzini, kuloba uJabulani Sikhakhane

LIKHULU iqhaza labazali emfundweni yezingane zabo. Isikhathi esiningi leli qhaza alidingi ukuthi umzali abe wumuntu ofunde kakhulu noma onemali etheni. 

Okwesibili, lidinga abaphathi bezikole nothisha bacophelele ukuthi bavula imigudu yokuxhumana nabazali eyenza kubelula nakubazali abangenamfundo etheni.

Ziningi izinselelo ngemfundo ezweni, ikakhulukazi emkhakheni wemfundo yezikole zikahulumeni. Bayashoda othisha kwezinye izikole, ikakhulukazi okungakhokhwa kuzona, okuwuhlobo olugcwele abafundi basemindenini entulayo. 

Nokho, loku akusho ukuthi abazali kufanele bachaye izandla. Likhulu iqhaza abangalibamba ukuthuthukisa imfundo yezingane zabo. Iqhaza labazali lingehlukaniswa kathathu. 

Okokuqala, abazali bangothisha bokuqala bezingane zabo, okuwumsebenzi oqala umntwana ezalwa aze angene esikoleni. 

Okwesibili, uqala ngesikhathi ingane isingena esikoleni, udinga abazali ukuthi babengabelusi benqubekela phambili yezingane. 

Okwesithathu, uphathelene neqhaza labazali ekuphathweni kwezikole zezingane zabo.

Kokuthathu akudingi ukuthi abazali babengabantu abafundile noma abanemali etheni. Kudinga kuphela ukuthi abazali babenothando lekusasa lezingane zabo, benze isikhathi ukubheka imfundo yazo.

Asithathe umsebenzi wokuqala. Kudala, ogogo nabazali bebexoxela izingane izinganekwane. Zibalulekile ngoba injongo yazo wukufundisa izingane ukuziphatha kahle, ukuhlukanisa okuhle nokubi. Okusemqoka kakhulu, izinganekwane zivula izindlebe zabantwana ukuze bakwazi ukubamba okuxoxwayo nengqikithi yendaba, okubalulekile uma ingane isisesikoleni.

Izinganekwane nomlando womndeni akudingi mfundo etheni noma imali kubazali. Uma bekwazi ukufunda iBhayibheli, noma yiphi incwadi, abazali bangakwazi ukufundela izingane zabo noma bazisize ukuthi zikwazi ukufunda iziqephu ebhayibhelini zingakangeni isikole. Uma kuyinkinga loku, abazali bangacela nezihlobo nomakhelwane ukuthi babasize.

Iqhaza lokubawumelusi wengane esesikoleni alidingi imfundo etheni kumzali. Kuphela lidinga ukuthi umzali azinike ithuba lokuphenya ngenqubekelaphambili yengane. Lapha-ke kubalulekile ukuthi othisha nabaphathi bezikole bafake isandla kubazali abangenamfundo etheni ukuze babanike isithombe ngenqubekelaphambili yezingane zabo.

Ukuba wumelusi kudinga  ukuthi umzali abuze ingane ngomsebenzi wesikole. Akudingi ukuthi alinde ukuphuma kwemiphumela yokuhlolwa phakathi nonyaka noma ekupheleni kwawo. Umzali angazisukumela futhi axhumane nothisha ukuze athole imibiko ngenqubekelaphambili yengane.

Bukhulu ubunzima obubhekene nabanye abazali. Abanye abazali abanabani – ikakhulukazi abesimame, abangenamakhono noma imfundo etheni, abangabodwana ngoba behlukana namadoda. Kudinga basebenze ukuze izingane zilale zidlile.

Kunabazali abasebenza kude nalapho behlala khona. Loku kusho ukuthi baphuma ekhaya ngokukhala kwezinkukhu ezibika ukusa, babuye izingane sezilele. Nokho, loku akusho ukuthi alikho iqhaza abangalibamba. Bangafuna izindlela zokuxhumana nothisha, nangezimpelasonto imbala, ukuze bathole imibiko yenqubekelaphambili noma izinkinga ezibhekene nezingane zabo. Nothisha kumele bazimisela ukusiza kulesi sisimo.

Ukuxoxa nje nezingane zakho uwumzali, ubuze ukuthi kuhamba kanjani esikoleni, noma ukuthi zicabanga ukufundela muphi umsebenzi kungenza umehluko. Kukhombisa ingane ukuthi inhliziyo nengqondo yakhe isekusaseni layo. 

Uma ngenza isibonelo. Eminyakeni edlule, ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya, abadala (nabangebona abazali bengane) bebebuza ingane abahlangana nayo endleleni noma abayifica kubo bathi: “Usufunda bani mntanami? Usungayibhala incwadi ibuye eGoli?” 

Kwenye inkathi, izingane esezivuleke amehlo bezibizwa zizofundela abadala izincwadi eziphuma kude. Nokho, bezixwayiswa kuthiwe: “Funda lapha mntanami kodwa uvale izindlebe, angifuni uzwe izindaba zabantu abadala.”

Abazali bangakhuthaza izingane ngokuzincoma uma zisebenze kahle esikoleni noma bazinike ithemba lokuthi uma zizama zingabona umehluko emfundweni yazo. Nezindaba abazali abazixoxela izingane ngomsebenzi wabo zingenziwa ithuluzi elibalulekile.

Lezi zindaba zingaba ngobunzima bomzali emsebenzini, ezingasetshenziswa ukukhuthaza ingane ukuthi ifunde. Noma ingafinyeleli ezingeni lemfundo ephakeme, kodwa ingazama ukuthi ifike ezingeni eliphezulu kunelomzali. 

Ezinye izindaba zingaba ngabantu abaphethe emsebenzini. Sekwaba lula kulezi zinsuku njengoba nabantu abamnyama sebephethe izikhundla. Ukuxoxela izingane ngabantu asebenezikhundla kungazikhuthaza ukuba yisibonelo sokuthi imfundo ingabavulela amathuba. Loku akusho ukuthi wonke umuntu ofundile ugcina enesikhundla esiphezulu.

Elinye iqhaza labazali ngelokusingatha ukuphatha izikole. Loku kudinga ukuthi abazali beluse abaphathi bezikole namalungu amakomiti anabazali. La makomiti aqokwa yibo abazali.

Ukuqoka amakomiti akusho ukuthi abazali sekumele basonge izandla balinde ukuthi ikomiti lenze wonke umsebenzi. Kubalulekile ukuthi abazali benze isikhathi sokuya emihlanganweni yesikole ukuze bazizwele ngesimo sesikole.

Okwesibili, ziningi izinhlangano ezizimele ezingaba wusizo kubazali. Lezi zinhlangano zinemininingwane ejulile ngokusebenza kwezikole zikahulumeni. Abazali bangancela kulo mbele bathi beya emhlanganweni babengabantu abanemibuzo ebukhali, ikakhulukazi ngamalungelo abo nesimo sezimali zezikole.

Nalapha, othishanhloko namakomiti kufanele bazame ukufinyelela nakubazali abangenathuba (ngenxa yesimo semisebenzi nezinye izingqinamba). Imihlangano ingaba ngezimpelasonto kunaphakathi nesonto.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/04/24/izikhala-zothisha-zisho-lukhulu-ngesimo-somnotho-wezwe-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page