Umbiko ngeLady R uqubule imibuzo eminingi, kuloba uBusi Mavuso

UBUDLELWANO phakathi kwamazwe akuyona into ebinomphumela otheni ekusebenzeni kwamabhizinisi. Kodwa konke lokho kushintshile ngonyaka odlule ngesikhathi umkhumbi waseRussia iLady R ufika eSimon’s Town kodwa ungafuni kwaziwe. 

Yizindaba lezi ezawisa irandi futhi esezinyuse izindleko zokusebenza. Ngiyaqonda ukuthi kungani abahambisana ne-Ukraine empini yayo neRussia bamangala. Indlela lo mkhumbi owafika ngayo yayisolisa kanti akusizanga nokuthi uMbutho wokuVikela awusheshanga nencazelo. 

Amazwe ahambisana neNato yiwona athenga kakhulu izimpahla esezikhiqiziwe nokumbiwa phansi futhi yiwona atshala kakhulu imali. 

Kusukela kulesi sigameko, sekukhona abayibheka ngamanye amehlo iNingizimu Afrika emazweni aseNtshonalanga ahwebelana nayo, okungenye ingozi osekufanele nayo icatshangwe uma umuntu ecabanga ukutshala imali kuleli zwe.

Yisigameko esibeke engcupheni namathuba okuthi siqhubeke sihlomule esivumelwaneni esinaso neMelika i-African Growth and Opportunity Act, esizobuyekezwa maduze.

Ngesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa ememezela ithimba eliholwa yijaji esalathatha umhlalaphansi ukuthi liphenye, sacela ukuthi lusheshiswe uphenyo, ukunciphisa umonakalo. Wuphenyo obelungasiza ukulungisa umonakalo esesibhekene nawo manje. Bekudingeka ukuthi lilwenzisise uphenyo, libe qotho futhi liqede uvalo kulabo ebesebecabanga ukuthi iNingizimu Afrika iyingxenye yempi yeRussia ne-Ukraine.

Ngesonto elidlule kushicilelwe umbiko ofingqiwe ngokutholwe yilolu phenyo ngoba kuthiwe umbiko ogcwele unemininingwane okungafanele ishicilelwe emphakathini ngoba loko kungabeka engcupheni ezokuphepha ezweni. 

Ngeshwa lo mbiko ofingqiwe awuchazi kahle konke okwenzekile. Akucaci kahle ngezimpahla ezathululwa. Isibonelo, awuchazi ukuthi iyiphi ilayisensi kwalawulwa yiNational Conventional Arms Control eyalandelwa ukuthenga izimpahla kwamanye amazwe.

Kukhona abathi ukufika kwalo mkhumbi kwaphula imithetho yomqoqintela yokungena echwebeni kodwa lo mbiko awusho lutho olunye ngokonakala.

Into edidayo wukuthi kuthiwa umkhumbi kwakufanele ufike ebusuku ngenxa yohlobo lwezimpahla owawuziphethe kodwa ezingadalulwa. Kepha futhi umbiko uthi empeleni lo mkhumbi kwakufanele ufikele eNgqura noma eGqeberha ngoba yilona chweba elikulungele loko ngoba kunenqubo ethile elandelwayo. 

Lo mkhumbi kuthiwa waphelela eSimon’s Town ngoba ichweba laseNgqura/iGqeberha lanqaba ungene kulona.

Yize lo mbiko uqubule imibuzo emingaka, uyakuqinisekisa ukuthi ayikho into eyalayishwa emkhunjini. Lezo zinsolo zadala umonakalo omkhulu njengoba inxusa laseMelika elizinze eNingzimu Afrika uMnu uReuben Brigety lasho ngeqholo ukuthi kwalayishwa izikhali.

Ababhale umbiko ngeLady R ngabameli namajaji ahlonishwayo, yize imininingwane edaluliwe, ingachazi kahle konke okwenzeka. 

Okusolisayo ngeLady R akukapheli, nokusho ukuthi osomabhizinisi kufanele baqhubeke nokubhula umlilo.

UMnu uRaymond Ackerman ubengomunye wezingqalabutho zamabhizinisi eNingizimu Afrika. Imboni yethu edayisa izimpahla ingenye yezihlonishwayo emhlabeni kanti ukwakha kuka-Ackerman u-Pick n Pay ngenye yezinto esizile. 

Ubezinikele eNingizimu Afrika, wakhetha ukuhlala akhe izwe ngesikhathi abanye bekhetha ukushiya. Ziyaziwa izimpi azilwa nohulumeni wobandlululo, kungabe yilezo ezithinta ukuncintisana nendlela okukhangiswa ngayo nemigomo yobandlululo eyayihlupha izisebenzi namakhasimende akhe. 

Imizamo yakhe yehlisela amakhasimende amanani. Ngesikhathi sekubusa uhulumeni wentando yabantu, ubengomunye wosomabhizinisi abangomakadebona abebelwela ukuthi izinkampani ziphathwe kahle nokuthi kwande ukuncintisana emnothweni. 

Sizomkhumbula, ududuzeke umndeni nabangani bakhe.

Inkosi uMangosuthu Buthelezi naye ngomunye umuthi omkhulu owile, yena ubesembonini yezepolitiki. Ubambe iqhaza elibalulekile ekutheni kube nobumbano, ukuthula futhi izwe likhule emva kokuphela kombuso wobandlululo, isikhathi esiwukhulisile umnotho wethu. 

Usebenze no(Mnu uNelson) Mandela no(Mnu uThabo) Mbeki futhi wake wabamba njengomengameli izikhawu ezimbalwa. Ubekuqonda ukuthi ukukhula komnotho kubalulekile ekwakheni ubumbano nokunciphisa igebe phakathi kwemboni ezimele nohulumeni.

Ubefuna wonke umuntu aphumelele kwezomnotho futhi ubeweseka umnotho wethu. Duduzekani eNdlunkulu nesizwe samaZulu. 

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page