UmNyango wezaseKhaya ohoxise imithetho emisha ebizophucula indlela yokukhipha ama-visa, ukhalisa umbhali wengosi. Isithombe: yiFreepik

Abashaya imithetho bakushaya indiva ukuphawula komphakathi, kuloba uBusi Mavuso

UKUHOXISA imithetho emisha ehlongozwayo ngezimvume zokusebenza eNingizimu Afrika, phecelezi ama-visa, ngesonto elidlule ebizokwenza kube lula ukuthi izisebenzi ezinamakhono zize eNingizimu Afrika kuyisibonelo sokuthi kuthathwa kancane kangakanani ukubonisana nomphakathi ezinhlakeni eziningi zikahulumeni. 

Le mithetho ihoxiswe ngoba uNgqongqoshe womNyango wezaseKhaya uDkt u-Aaron Motsoledi wayeyishicilele ngaphambi kosuku okwakuhloswe ukuthi kuvalwe ngalo ukuphawula komphakathi. 

Loku kungabonakala njengephutha nje endleleni okuphathwa ngayo kodwa ngicabanga ukuthi kuveza ukuthi abahlanganisa imigomo bakuthatha kancane kangakanani ukuphawula komphakathi.

Kuyacaca ukuthi kusukela kungqongqoshe, kwehle, ukuphawula komphakathi bekuvele kuyinto abangenendaba nayo emnyangweni.

I-Business Leadership South Africa (iBLSA) iyazimisela ukuze ibeke umbono wayo uma kuthiwa umphakathi awuphawule ngomthetho osuke uhlongozwa. Kwesinye isikhathi sicela ochwepheshe basicwaningele ukuze sikwazi ukubeka umbono ophusile. Sivame futhi ukucela amalungu ethu ukuthi anikeze imibono, ikakhulukazi uma enongoti ngaphakathi ngokusuke kubhungwa ngakho. 

Loku kusebenzisa izinsiza, futhi ngikholwa wukuthi kuwukutshala imali ngendlela efanele, okuholela emithethweni engcono. Ngakho uma ngibona okufana nokuhoxiswa okwenzeke ngesonto elidlule, ithemba liyaphela.

Mayelana nemithetho emisha ye-visa, izinguquko ezihlongozwayo besizamukela siyiBLSA. Nokho-ke, umthetho ongacatshangisisiwe uvame ukugcina ushaywe ngaphandle kokuphawula komphakathi. Isibonelo esicacile wuMthethosivivinywa wokuChibiyela umThetho weziNkampani omusha, i-BLSA neBusiness Unity South Africa babeka umbono obalulekile ngawo. 

Kunokuhle ezichibiyelweni ezinjengokwamukela ubuchwepheshe ukuze kuthuthukiswe ukusebenza kahle amabhizinisi kodwa kukhona okubi okungaba nemiphumela engahlosiwe, ukukhulisa izindleko zokuthobela umthetho, ikakhulukazi emabhizinisini amancane kanti kwezinye izimo kungenza izinkampani zingakwazi ukusebenza nhlobo.

Isibonelo saloku wumthetho othi abaqondisi bebhodi abasekomidini elengamele imiholo kufanele bahoxe uma abanikazi benkampani bengavumi ukuthi kulandelwe umbiko womgomo wokunquma imiholo. Loku kuzokwenza kubelukhuni kuwo wonke umuntu kodwa ikakhulukazi izinkampani ezinkulu ukuthi zibenabaqondisi abazohlala kula makomidi anquma imiholo.

Kukhona futhi izingxenye ezimbalwa zoMthethosivivinywa ezingacacile futhi ezizoholela ekumangaleleni njengoba abanikazi bezinkampani bezoya ezinkantolo ukuze bacaciseleke.

Ngaphandle kwezethulo zethu ezinemininingwane ngazo zonke lezi zinto, iPhalamende livele lagunyaza umthethosivivinywa osalungiswa ngaphandle koshintsho futhi lawuthumela kumengameli ukuze awusayine.

Okubi nakakhulu kwakuwuMthethosivivinywa womShwalense wezeMpilo ezweni iNational Health Insurance (iNHI). Lo mthethosivivinywa awusebenziseki. Ayikho indlela ongesekwa ngayo. Ubeka engcupheni imboni yezempilo ezimele futhi ungase uxoshe izisebenzi zezempilo. 

Amabhizinisi enza umsebenzi omkhulu ukwethula ezinye izindlela ezisebenzayo nezizosekela intuthuko ekufezeni ukunakekela ezempilo, okudinga ukuchitshiyelwa okuncane kumthethosivivinywa osalungiswa.

Isikhathi seCOVID-19 sikhombise ukuthi uhulumeni namabhizinisi bangasebenzisana ngempumelelo kangakanani ukuze kunakekelwe abantu ngendlela. Nokho iziphakamiso zethu zishaywe indiva futhi iPhalamende laqhubekela laphasisa umthetho ongasebenzi nhlobo. Ngomunye umthetho olinde ukusayinwa wumengameli kanti uma nje eke wawusayina, baningi abazothatha izinyathelo zomthetho kusukela ekutheni uyahambisana yini noMthethosisekelo nendlela ohlanganiswe ngayo.

Uhlaka lwethu lomthethosisekelo luthi ukubonisana ngenye yezinto ezibalulekile ukuphucula imithetho. INkantolo yoMthethosisekelo yake yawuchitha umthetho ngenxa yokwehluleka kombuso ukuthobela izibopho zawo zokufaka umphakathi ekuhlanganiseni umthetho. 

Ukubonisana nomphakathi akukwazi nje ukuba yindaba yenqubo kodwa kufanele kufake ukucubungula okufanele kwemibono etholiwe, njengokusho kwePromotion of Administrative Justice Act.

Kunzima ukukholwa wukuthi kucatshangwe ngendlela efanele uma umthetho osalungiswa uphothulwa ngaphandle koshintsho ngemva kokuthi abantu sebephawulile. 

Lokhu akuzona nje izindleko kithina esisebenzisa isikhathi nemali ukuphawula kodwa nakuhulumeni. Uma imithetho ingacacile noma iphambene nomthethosisekelo, nakanjani izophikiswa enkantolo, idinga uhulumeni ukuthi akhokhele izindleko zomthetho. Eziningi zalezi ziholela ekuchitshiyelweni. 

Kungagwenywa konke ngokulalela ngendlela efanele nemibono yomphakathi nokulungisa umthetho kwasekuqaleni.

Izwe lethu lidinga imithetho emihle, ehlomulayo embonweni yabantu ebathintayo. Imithetho kufanele futhi ibhekwe ukuthi inamphumela muni kwinhlalakahle nasesimweni somnotho sabantu okuphethwe yHhovisi likaMengameli.  

Loku kuhlola, lapho kwenziwa, kuvame ukwenzeka nje futhi yithuba elisiphunyukayo lokuthuthukisa imithetho nemithethonqubo ukusiza umphakathi. Kukhombisa ukungenzi kahle nokunganaki ukushaya imithetho ezosebenza futhi ihlomulise izwe. 

Ngihlaba ikhwelo kubalingani bethu kuhulumeni abasebenza ngemithetho nemithethonqubo. Sinezinsiza ezikhonela ukulekelela. 

Sidinga ukuxoxisana nabalingani bethu abazoyibhekisisa imibono futhi kube khona abakwenzayo uma kunethuba lokuphucula umthetho. Yilokho okushiwo wuMthethosisekelo ngoba yiyona ndlela esizoba ngayo yizwe elikufezayo elikuhlosile.

FUNDA NALAPHA:  https://www.umbele.co.za/2023/04/05/inyakanyaka-yama-visa-ihlehlisela-emuva-umsebenzi-omuhle-osuwenziwe-kuloba-ubusi-mavuso/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page