I-Digital nomad visa, evumela abantu bakwamanye amazwe ukuthi bazosebenza eNingizimu Afrika kodwa bangahlali lapha ezweni uma behola ngaphezu kuka-R1 million, isiphasisiwe kodwa ibanjezelwa yimidanti yomNyango wezaseKhaya. Isithombe: yiPexels

Ayithi shu imigomo emihle kodwa engawenzi umehluko emnothweni, kuloba uBusi Mavuso 

KUNOKUHLE okwenzekayo ngokuguqula Umgomo othinta imithetho emisha yezimvume zokusebenza ezinikwa abantu bakwamanye amazwe, phecelezi ama-visa, ezoshintsha indlela lezi zimvume ezikhishwa ngayo eNingizimu Afrika.

I-Digital nomad visa ivumela abantu bakwamanye amazwe ukuthi bazosebenza eNingizimu Afrika kodwa bangahlali lapha ezweni uma behola ngaphezu kuka-R1 million. Usushayiwe umthetho manje ozosebenzisa amaphuzu ukuvala izikhala zamakhono anqabile.

Indlela ezosetshenziswa ukubala amaphuzu izoshicilelwa ekupheleni kwenyanga. Ezinye izinguquko zithinta ukuxegisa okuzodingeka ukuze amaphoyisa aqinisekise ukuthi umuntu akanacala nokunye okudingekayo.

Sengake ngasho ukuthi imicikilisho yendlela okukhishwa ama-visa ngayo yenza kube lukhuni ukuthi amabhizinisi alethe abantu bakwamanye amazwe abanamakhono.  Kubatshalimali baphesheya kunzima ukuzibophezela ukutshala imali yabo ezweni.  

Amabhizinisi awakwazi ukuthi angalindelwa ukuthi akhe amafemu amasha nama-data centre engenasiqiniseko sokuthi azokwazi ukuthumela abantu bawo agabe ukuthi bavule lezo zinkampani futhi baziphathe.  

NgoMeyi ngonyaka odlule, i-Operation Vulindlela, uhlelo okubambisana kulo iHhovisi likaMengameli nomNyango weziMali ukuletha uguquko, ishicilele umbiko obuchaza imininingwane yokufanele kwenzeke ukuphucula indlela ama-visa akhishwa ngayo futhi wumbiko obuneziphakamiso eziningi ezinhle. 

I-Business Leadership South Africa (iBLSA) yasiza ukuxhasa. Umbiko utshengise ukuthi izisebenzi zakwamanye amazwe ezinamakhono ziyalekelela ngemisebenzi, okunyusa intela engenayo nokweseka ukukhula komnotho.

Isimemezelo esenziwe ngaphambi kwePhasika siyasenza ezinye zalezi zinto. Yize lesi simemezelo sisalele emuva esikhathini esasibekwe wumNyango wezaseKhaya ukuletha izinguquko (ezinye zazo owathi zizokwenzeka ezinsukwini eziwu-30), isikhathi owasibeka ngesikhathi umbiko we-Operation Vulindlela ushicilelwa, kuyinto enhle ukuthi le mithetho isikhona manje.

Nokho, akusho ukuthi le mithetho izokwenza kube lula ukuthi izisebenzi zakwamanye amazwe ezinamakhono zisebenze eNingizimu Afrika. 

Njengoba sonke sazi, imithetho iyakwazi ukusiza uhulumeni usebenze kahle kodwa kudingeka izinsizakusebenza nobuholi obuzoletha izidingo. Loku kudingeka kakhulu uma sikhuluma ngama-visa. 

Ngenxa yesikhundla sami, ngihlale ngithola imiyalezo eqhamuka kubaholi bamabhizinisi bexakekile bezama ukuthi umNyango wezaseKhaya ubheke izicelo zabo. Enye inkampani yaseMelika eyayifuna ukuletha onjiniyela ababili abanamava kwachithwa izicelo zayo kodwa ayichazelwanga izizathu nokwazi ukuthi kunezinto ezibucayi engakwazi ukuzenza. 

Izinhlangano eziningi zamabhizinisi zaseYurophu ezinabatshalimali lapha ezweni sekuphele izinyanga zizama ukuxoxa nommyango ngenqwaba yezicelo zama-visa ezingaphelile zezikhulu eziphezulu nemindeni yazo okufanele ngabe kade bafika ezweni.

Sengike ngabhala nangezinye izibonelo ezinjengalezi zokubambezeleka kwezicelo nokuthula nje komnyango ungaphenduli. 

Ngokwezibalo zomnyango, kunezinkulungwane zezicelo ezibambezelekile kanti ziyaqhubeka nokukhula. Uma ngibheka ngokwenqwaba yemiyalezo engiyitholayo, isekude ukuxazululwa le nkinga.

Ngakho yize kukuhle ukuthi kubenezinguquko futhi kungenzeka zenze umehluko omkhulu ekutheni kube lula ukuthi abamabhizinisi akwazi ukuthola abantu abanamakhono anqabile kwamanye amazwe, okungikhathazayo wukuthi kungabe umnyango unabo yini abantu abanele ukwenza kahle lo msebenzi. 

Uhulumeni udinga iqhinga lokuthi uzokulungisa kanjani loku kubambezeleka bese uqhamuka nohlelo lokungamela ukuthi imicikilisho kahulumeni izohambisana kanjani nezinguquko ezizokwethulwa.  

Kufanele siqinisekise ukuthi siyalivala igebe phakathi komgomo nokusebenza kahle kwawo. 

Akusona sodwa lesi isibonelo lapho kungenzeka izinto zingenzeki kahle khona yize umthetho usushintshiwe ukulungisa izinto. 

Ukwenza esinye isibonelo ngokwenzeke ngesonto elidlule, iBritish American Tobacco inciphisa umsebenzi ophikweni lwayo lwe-retail, nokuzothinta imisebenzi ewu-500 ngenxa yendlela ibhizinisi layo elithinteke ngayo ngenxa yokudayisa ugwayi ongekho emthethweni.

Yinkulu imali izwe elilahlekelwa yiyona ngenxa kagwayi ongekho emthethweni kodwa amaphoyisa nophiko oluqoqa intela bayahluleka ukushintsha izinto. 

Ziningi nezinye izibonelo lapho kungesiwo khona umgomo oyinkinga. Umgomo ungawusiza uhulumeni usebenze kahle kodwa awenele uwodwa. 

I-BLSA isebenzisa inqwaba yezinsizakusebenza ukuseka uhulumeni ukuze usebenze kahle, okufaka nokukhokhela abazocathulisa abantu ngohlelo lweTamdev ezindaweni ezinjengobunjiniyela. 

Sikwenza loku ukuxazulula ukubambezeleka kwezinto ukuqikelela ukuthi uhulumeni ungazisebenzela kahle ngokwawo.

Ukusebenza kahle kukahulumeni yisifiso sethu sonke kodwa kuwumsebenzi kahulumeni ukuhlinzeka ngezidingo. 

Udaba lwama-visa seludinga uhlelo oluzobeka lolu daba eqhulwini ukuqinisekisa ukuthi imigomo emihle yenza umehluko obonakalayo emnothweni.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/05/31/kudinga-ukushayelwa-ihlombe-okusha-ngezimvume-zokusebenza-phesheya-kuloba-ubusi-mavuso/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page