Kuhle okwenziwe yiNational Prosecuting Authority ngokubuyisa uNksz uMoroadi Cholota, owayewumsizi wowayengundunankulu waseFree State uMnu u-Ace Magashule, eMelika ukuzobhekana namacala athinta ithenda yezindlu zika-asbestos. Isithombe: Sithunyelwe

Akusebenzeki uma bengajezi abantu ngokukhwabanisa nenkohlakalo, kuloba uBusi Mavuso

ABANTU bamabhizinisi bazibophezele ekusebenzeni komthetho. Loku kubalulekile ukuze indawo amabhizinisi asebenzela kuyona yeseke ukukhula komnotho. 

Yingakho seseka ezobulungisa ngezinhlelo ezifana neBusiness Against Crime nesivumelwano esinaso noPhiko lokuShushisa eZweni lonke iNational Prosecuting Authority (iNPA) esenza sikwazi ukukhokhela abanye bongoti abaseka lolu phiko luhlanganise amacala.

Umonakalo owenzeka ezikhungweni zethu ngesikhathi sokugwamanda amandla ombuso mkhulu kakhulu kanti sisakha kabusha. Ubuthaka bethu ekulweni nobugebengu obunjengokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zokushokobezi zifake izwe ohlwini lamazwe athathwa ngokuthi awabusukumeli lobu bugebengu, i-grey list, uhlu oluhlanganiswa yiFinancial Action Task Force.  

Yinto embi lena ngezwe lethu futhi ayiwalungele amabhizinisi. Umsebenzi wamabhizinisi awukwazi ukuqhubeka uma abantu bengajeziswa ngokukhwabanisa nenkohlakalo. Nomphakathi wonke uyalimala. 

Ngakho kube buhlungu kakhulu ngesonto elidlule ukufunda izindaba ezithi iNPA iphinde yehluleka ukuthola ubufakazi obaqoqwa ngesikhathi sekhomishini yeJaji uRaymond Zondo. 

Le khomishini eyaqhubeka iminyaka emithathu, yadla cishe uR1 billion, iphenya ukugwamanda amandla ombuso kanti eminyakeni engaphezu kwemibili edlule yaphakamisa ukuthi kushushiswe inqwaba yabantu. 

I-NPA kade izama ukuzisukumela lezo ziphakamiso kodwa inqindwa wukungakwazi ukuthola izigidi zemiqingo eyahlanganiswa yikhomishini ngesikhathi iphenya. 

UmNyango wobuLungisa ngesikhathi usaholwa wuNgqongqoshe uRonald Lamola awukaze uvume ukuthi itholakale le miqingo. Umnyango wathi “kunezinkinga ngokomsebenzi” okufanele wenzeke ukuze kuhlinzekwe lobu bufakazi kodwa inkinga wukuthi le nto sekuphele iminyaka iqhubeka. Akwamukelekile loku.  

Sekuqubuka imibuzo, futhi kufanele, ngokuthi kungabe inkinga wukuthi umnyango awufuni ukusiza nokuthi kungabe uhlupha iNPA ngamabomu? Le nkinga ingalungiseka ngokushesha. Akunikwe iNPA yonke imiqingo, kungaloku kubekwa izaba. 

Kukhona okuya phambili okwenziwa yiNPA. Ngesonto elidlule sibone kuvela enkantolo uNksz uMoroadi Cholota, owayewumsizi wayewendunankulu waseFree State uMnu u-Ace Magashule. Ulandwe eMelika yiNPA ukuze ezobhekana namacala okukhwabanisa, inkohlakalo nokushushumbisa imali. 

Uzobhekana nala macala nabanye asolwa nabo, okubalwa kubona uMagashule ngonyaka ozayo mayelana nezinsolo ezithinta ithenda eyakhishwa yilesi sifundazwe yokuthi kuhlolwe futhi kususwe u-asbestos emizini ethile. 

Leli cala lingelinye layisibonelo salawo aphenywa yikhomishini kaZondo futhi kwaqoqwa ubufakazi ngalo. Maningi namanye angabe ayaqhubeka ukube iNPA iyasekwa ngendlela efanele ngezinye izinhlaka zikahulumeni.  

Ngelanga okumenyezelwe ngalo izibalo zezinga lokungasebenzi kwabantu ngesonto elidlule, kuvele ukuthi lesi sibalo sesimi ku-33.5%, okuyisibalo esibi ngisho kunaleso esabonakala ngesikhathi kuvalwe izwe ngenxa ye-COVID-19. 

Abezinhlangano zamabhizinisi bahlangane noMengameli uCyril Ramaphosa ukubheka inqubekelaphambili ngezinhlelo esibambisene kuzona ezenziwa ngaphambi kweBusiness For South Africa. Lezi zibalo zibenesandla endleleni izingxoxo ezihambe ngayo.

Kuningi osekuzuziwe ngenxa yokubambisana. Inkinga kagesi yiyonanto esinqotshwe kakhulu njengoba i-Energy Action Plan isilethe izinguquko eziningi esezisize ukuqeda ukucinywa kukagesi. 

Ngosuku olulandela umhlangano, izichibiyelo emthethweni olawula ugesi, i-Electricity Regulation Act zisayiniwe zabawumthetho, okungenye into esho inqubekelaphambili ekushintsheni imboni kagesi.  

Lo mthetho ochitshiyelwe uzokwenza ukuthi kusungulwe imboni kagesi encintisanayo lapho kuzoba nabantu abaningi abaphakela izwe ngogesi. Uzonyusa kakhulu nenhlawulo ezokhokhwa ngabantshontsha izintambo zikagesi, osekungenzeka bahlawuliswe uR5 million futhi baboshwe iminyaka eyishumi. 

Zombili lezi zinguquko zizobaluleka ekusimamiseni indlela okuhlinzekwa ngayo ugesi. 

Enye indawo lapho kunomsebenzi omkhulu owenzekayo, yikwezokuthutha. Lapha, ikhona inqubekelaphambili kodwa ayisheshi njengakugesi. Kuneqhinga elihle elihlanganisiwe futhi kwavunyelwana ngalo, elifaka ukuvumela imboni ezimele ukuthi itshale imali kwingqalasizinda futhi kubekhona eyiphathayo kodwa izinto zihamba ngonyawo lonwabu. 

Loku yinto ebaluliwe emhlanganweni ukuthi iyakhathaza futhi wonke umuntu uzibophezela ukulungisa okubambezelayo, ikakhulukazi eTransnet ukuze kusheshe umsebenzi.

Kubewumhlangano omuhle lapho izinto ezinhle ezenzekayo zikhulunyiwe futhi kwanconywa i-Eskom ngokuzikhandla kwayo nabamabhizinisi. Abantu bazibophezele kwinqubekelaphambili.  

Izibalo zezinga lokungasebenzi kwabantu zisinika ubufakazi obanele bokuthi kubaluleke ngani ukusheshisa ukulungisa izinto. 

Ngikubheke ngabomvu ukuqhubeka nokuxoxisana nesibambisene nabo kuhulumeni ukusheshisa umgqigqo.  

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/12/04/kunenhlasi-yethemba-ngendima-esikhathulwe-yiningizimu-afrika-ukuzikhipha-kwi-greylist-uslindile-khanyile/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page