Awanikwe amandla amabhodi alawula amabhizinisi kahulumeni, kuloba uBusi Mavuso

IZINKAMPANI ezimbili zikahulumeni ezisekhaleni lezinkinga esinazo ngogesi nezokuthutha zombili azisenazo izikhulu eziphezulu. Amaqhinga okulungisa iTransnet ne-Eskom athembele kakhulu ekutheni osomabhizinisi nohulumeni bakwazi ukusebenzisana namabhodi nabaphathi abanamava ezinkampanini zombili.  

Nokho, kusukela ngoFebhuwari, i-Eskom ayinaso isikhulu esiphezulu kanti neTransnet ayisenamholi njengoba kunenqwaba yezikhulu ezishiyile emasontweni amabili edlule.

Ukuphatha ngendlela efanele kuqala ngokuthi ibhodi ikwazi ukuthola izimpendulo kwabaphethe. Ukuze kwenzeke, ibhodi kufanele iqoke futhi ibe nelungelo lokuxosha isikhulu esiphezulu. Kepha e-Eskom, eTransnet nakwamanye amabhizinisi kahulumeni, isikhulu esiphezulu siqokwa futhi sixoshwe wungqongqoshe, okwazi nokuyishaya indiva indlela yokwenza izinto elandelwa yibhodi. Yilena-ke inkinga eyenza kungasebenzeki kulezi zinkampani.

Ungqongqoshe ongomuntu omele umnikazi wenkampani kufanele akwazi ukuqoka abaqondisi njengokusho komthetho olawula izinkampani i-Companies Act. Kodwa labo baqondisi kufanele banikwe amandla futhi bakwazi ukuphendula ngokwenzeka kulezi zinkampani. Yinto lena engakwazi ukwenzeka emabhizinisini kahulumeni ngoba amabhodi awanamandla okuthatha isinqumo okuyisona esibaluleke kakhulu.

Yize ikhona inqubekelaphambili ngecebo lekomidi elengamele ukulungisa inkinga kagesi iNational Energy Crisis Committee, ukuqokwa komphathi ozosebenza ngokugcwele kungasicacisela kahle indlela yokuxoxisana nokusebenza ne-Eskom ukuze kuhanjiswe ngokwaleli cebo. 

Ukuqokwa kwesikhulu esiphezulu eTransnet yithuba lokubeka ubuholi obuzokwazi ukwamukela nokusebenzisa iFreight Logistics Roadmap, ehlanganiswa yikomidi elengamele ukulungisa inkinga yezokuthutha iNational Logistics Crisis Committee(iNLCC). 

Leli qhinga lihlanganiswe ngokuhlanganyela wuhulumeni nabamabhizinisi ukulungisa ngokushesha izinkinga zezitimela nezamachweba ukweseka umnotho. 

Ukuhluleka kwalezi zinkampani kuphoqa ukuthi kudilizwe izinkulungwane zezisebenzi kanti kulahlekisela uhulumeni ngezigidigidi zemali engabe ingena iyintela. Kungenza umehluko ukuba khona kwethimba elinamava eTransnet elizimisele ukusebenzisana namabhizinisi, uhulumeni nezinye izinhlaka ukuphucula indlela okusetshenzwa ngayo.

Nokho, ukuvala lezi zikhala kufanele kwenziwe ngendlela enika ibhodi amandla. Yizinkampani ezinkulu lezi futhi ezinemicikilisho eminingi ezidinga abantu abazinikele, abawufundele umsebenzi namabhodi azibophezele ukuphatha elandela imigomo eyaziwayo yokulawula.

Kepha uma amabhodi ephucwa amandla okuqoka okufanele bavale izikhala ezimqoka, umsebenzi wawo awuhlonishwa futhi abayizichuse nje ezenza umsebenzi kodwa zingenamandla.

Umthethosivivinyo omusha ohlongozwayo wamabhizinisi kahulumeni i-National State Enterprises Bill uzokushintsha loku. Uzosungula inkampani entsha ezokwengamela la mabhizinisi, isikhulu sayo sizoqokwa yibhodi. Le nkampani isizomela uhulumeni kula mabhizinisi. Loku kuzokwenza umehluko kodwa kusekude ukuthi iqale ukusebenza. 

Kufanele sifinyelele esikhathini lapho kuzoba nomthetho onika amabhodi amabhizinisi kahulumeni amandla okuqoka izikhulu eziphezulu ngaphandle kokugxambukela kwepolitiki. Kepha uma singakafiki leso sikhathi, ungqongqoshe angahambisana nezifiso zebhodi ekuqokeni izikhulu eziphezulu. 

Ukubonisana namabhodi nokuzibophezela ekulandeleni iziphakamiso zawo kuzonika lawo mabhodi amandla okuhola ngendlela efanele izinkampani aziphethe. 

I-NLCC isisungule amathimba azobheka imigudu emqoka. La mathimba ahlanganisa amabhizinisi, iTransnet, abomthetho neminye iminyango kahulumeni ukuqinisekisa ukuthi ukuthuthwa kwezimpahla kuqhubeka ngendlela efanele. 

Izinkampani zemikhumbi, izimayini, ezolimo nezezimoto zineqhaza ekwesekeni uhlelo lokuvuselela izinto. Loku kuyingxenye ye-Freight Logistics Roadmap ebeka izinto okufanele ziphuthunyiswe nezizothatha isikhathi nezidingekayo ukuphucula ezokuthutha. Iyadingeka ngokushesha futhi kufanele ibe seqhulwini lwezinto zobuholi obusha eTransnet. 

Ubuholi obusebenza ngokugcwele ezinkampanini zombili futhi obuqokwe ngamabhodi anamandla futhi awaziyo umsebenzi kungaphucula kakhulu indlela izinto ezibukeka ngayo ezimbonini zombili futhi kungenza amabhizinisi afake isandla kakhulu nakahle ekuxazululeni lezi zinkinga. 

Ngakho-ke nginxusa ungqongqoshe ukuthi akanike amabhodi awaqokile amandla okwenza umsebenzi ngokushesha.

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page