Usemkhulu umsebenzi wokufukula osomabhizinisi besifazane, kuloba uMoipone Malefane
OSOMABHIZINISI besifazane babamba iqhaza elibalulekile ekuthuthukiseni nasekukhuliseni umnotho lapha ezweni naphesheya. Yize kunenqwaba yezinselelo ababhekene nazo kodwa ucwaningo oluhlukene lutshengisa ukuthi bafaka isandla ekuphuculeni inhlalakahle ngokwakha umsebenzi, ukunciphisa ububha, ukuqhamuka nezinto ezintsha nokuthi amabhizinisi afake wonke umuntu.
Kule nyanga iNingizimu Afrika isuke igubha iNyanga yabaNtu besiFazane kanti ingqikithi yalo nyaka ithi: “Ukugubha iminyaka ewu-30 yeNtando yabaNtu okuThuthukisa abesiFazane.”
Yisikhathi esifanele sokubuyekeza ukuthi yini ezuzwe yizwe uma kukhulunywa ngokwakha nokuseka amabhizinisi abantu besifazane nokuthi yiziphi izinselelo ezidinga ukusukunyelwa.
Akubuzwa ukuthi kuningi osekwenziwe ezweni ukuguqula indlela okubukwa ngayo uma kucatshangwa osomabhizinisi eminyakeni ewu-30 edlule. Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ngoSuku lwabesiFazane, uMengameli uCyril Ramaphosa waqhakambisa ezinye zezinhlelo uhulumeni azithulile ukufukula abantu besifazane.
Lezi yizinhlelo ezifana nokuthula i-Women’s Economic Assembly ngo-2021, ehlose ukutholela amabhizinisi abantu besifazane amathuba okuthi kuthengwe kuwona izimpahla nohlelo i-Women’s Economic Empowerment Programme oseluqeqeshe abantu besifazane abalinganiselwa kwabawu-8 000 ukusungula nokuphatha amabhizinisi.
Enye futhi indlela uhulumeni aseke ngayo amabhizinisi abesifazane wukusebenzisa izikhungo zokuthuthukisa ngemali zikahulumeni futhi kuningi okunye okwenziwayo ukuqinisekisa ukuthi abesifazane banomhlaba ukuze balime futhi babe nezimpahla ezibangenisela imali ezithi bona.
Yize kukhona okuhle osekwenzekile, ukuze abantu besifazane bathathe indawo yabo efanele emnothweni, kunenqwaba yezingqinamba okufanele babhekane nazo, okukhona kuzona amathuba amancane okuxhaswa ngemali, amakhasimende angabangenisela inzuzo nezinhlelo zokubaqeqesha nezemfundo.
Umbiko osanda kushicilelwa yi-Global Entrepreneurship Monitor, osihloko sawo sithi: “Osomabhizinisi besifazane eNingizimu Afrika: Libaphatheleni ikusasa?” ukushiya unkemile.
“ENingizimu Afrika, njengakwamanye amazwe emhlabeni, abantu besifazane yibo abasekhaleni loshintsho njengoba besungula futhi bephethe amabhizinisi aphumelelayo emikhakheni ehlukene. Nokho, bagcwele emabhizinisini amancane, lapho besebenza khona endaweni okuncintiswana kakhulu kuyona kodwa ezimbonini ezingenamali etheni kanti iningi labo ligcwele kwi-informal sector lapho lisekwa kancane noma lingasekwa nhlobo khona.
“Bambalwa abantu besifazane abathuthukayo ezimbonini ezigcwele abantu besilisa lapho benza khona izinto ezintsha futhi bezama ukuvulela nabanye iminyango,” usho kanje lo mbiko.
Ucwaningo lukhombisa ukuthi abantu besifazane baseNingizimu Afrika yibona amabhizinisi abo awa kakhulu kunawabantu besilisa njengoba kuwu-5.1% ekubeni awabesilisa kuwu-4.8%.
Isizathu esikhulu esenza amabhizinisi abantu besifazane angaphumeleli wukuthi awayenzi inzuzo (34.5%), kulandele izizathu ezithinta imindeni nokungaxhaswa ngemali, kokubili okuthinta u-21.5% wabantu besifazane.
Yize kubonakala ukuthi bangenza lukhulu, osomabhizinisi besifazane eNingizimu Afrika babhekene nenqwaba yezingqinamba kanti imali yabo eningi iphelela kwezempilo, imfundo nenhlalakahle emphakathini.
Lo mbiko uthi: “Kuyakhathaza ukubona ukuthi izinga lokuvalwa kwamabhizinisi lingaphezu kwalelo lokuvulwa kwamabhizinisi amasha nelalelo avele ekhona, nokusho ukuthi abantu besifazane abaningi bawayekile amabhizinisi kunokubanawo nokuwaphatha. Loku kusho ukuthi abantu besifazane badinga ukusekwa kakhulu ukuphatha nokuthuthukisa amabhizinisi abo amasha.”
Yize osomabhizinisi besifazane beqhamuka ezimweni ezingafana ezweni futhi bengadinga usizo oluhlukene ukwakha amabhizinisi abo, ukusekwa wuhulumeni, imboni ezimele nangabanye abantu besifazane uqobo kufanele kukhuthazwe.
Loku kusukela ekufukuleni osomabhizinisi besifazane ngokuphucula imithetho nokwandisa amathuba okuthi basizakale ngemali nangobuchwepheshe kuye ekutheni abantu besifazane babumbe izinhlangano ukuthuthukisa amabhizinisi nokucathulisana.
Njengoba iNingizimu Afrika itabalasa ukuvuselela umnotho nokwakha imisebenzi, kuwumqondo ophusile ukufukula osomabhizinisi besifazane. Abantu besifazane yibona abaningi ezweni kanti uma banda ababamba iqhaza emnothweni, kuzowusiza umnotho, kunciphise ububha nokungalingani.
- UNks uMalefane uwusomabhizinisi nomshicileli weziko lezindaba zamabhizinisi iVutivi Business News
- Lo mbono uqale washicilelwa kwi: www.vutivibusiness.co.za