Umnotho waseNingizimu Afrika usabenzela phansi abantu besifazane, kuloba uJabulani Sikhakhane
BASATHWELE kanzima abantu besifazane eNingizimu Afrika ngokwamathuba omsebenzi. Sekuvele ukuthi eminyakeni eyishumi edlule igebe phakathi kwabo nabantu besilisa landile. Amazinga abo emfundo awenzanga mehluko otheni.
Ziningi izizathu zaloku. Zihambisana nomlando wezwe wokubandlulula abantu abamnyama nabesifazane uma beqhathaniswa nabesilisa nendlela umnotho wezwe osebenza nowakhiwe ngayo.
Leli gebe phakathi kwabantu besilisa nabesifazane likhona nakwamanye amazwe. Umehluko phakathi kwamazwe udalwa wumlando wezwe ngalinye nemizamo eyenziwayo, ikakhulukazi ngasohlangothi lukahulumeni ngokubambisana nosomabhizinisi.
Umbiko osanda kukhishwa yiStatistics South Africa (iStats SA) ukhomba ukuthi eminyakeni eyishumi edlule likhulile leli gebe eNingizimu Afrika kanti namazinga emfundo awenzanga mehluko otheni. Kubi loku ngoba zonke izinkomba zithi izinga lemfundo libalulekile.
Imfundo ithathwa njengesikhali sokuvala amagebe phakathi kwabantu besifazane nabesilisa namanye amagebe akhona ezweni. Uma silinganisa nje, umlando waseNingizimu Afrika lapho abantu abamnyama babencishwe amathuba kwezomnotho likhulu igebe phakathi kwabo nabelungu.
Kuthathwa ngokuthi uma kunyuswa amazinga emfundo abantu abamnyama lingagcina livalekile leli gebe. Nasohlangothini labantu besifazane, okunomlando wokuthi bancishwa amathuba emfundo nawomsebenzi, kuthathwa ngokuthi imfundo ingasiza ukubavulela amathuba alinganayo nabesilisa kuze kugcine kuvaleke leli gebe.
ENingizimu Afrika nakwamanye amazwe ubufakazi ngamathuba omsebenzi buveza ukuthi sincane isibalo sabantu abanemfundo engaphezu kukaMatikuletsheni abaswele amathuba omsebenzi uma beqhathaniswa nabangaphothulile esikoleni.
Nokho iStats SA ithi kubantu besifazane akwenzi mehluko otheni uma beqhathaniswa nabesilisa, okuyinkomba yaleli gebe esikhuluma ngalo. Uma abantu besifazane abanoMatikuletsheni nangaphezulu beqhathaniswa nabesilisa abanezinga elifanayo lemfundo kutholakala ukuthi abantu besifazane abantula amathuba omsebenzi badlula abesilisa.
Kutholakala ukuthi kubantu besifazane abawu-100 izinga lemfundo yabo elingaphezu kukaMatikuletsheni ngasekuqaleni kuka-2014 babewu-15 ababentula umsebenzi. Kulo nyaka bebecishe bafinyelele kwabangu-27 kwabangu-100, abantula amathuba omsebenzi. KwabanoMatikuletsheni babecishe babewu-29 kwabangu-100 ababentula umsebenzi ngo-2014. Bacishe bafinyelele ku-40 kulo nyaka.
Nabantu besifazane abaneziqu bathwele kanzima ngaphezu kwabesilisa. Kulo nyaka bacishe bafinyelele ku-11 kwabawu-100 abaswele umsebenzi, kuthi abesilisa babengaphezudlwana kancane kwabayisishiyagalombili.
Esinye isikali esisetshenziswa ukukala leli gebe phakathi kwabesilisa nabesifazane yizinga lokuthola umsebenzi kwabayifunayo, phecelezi i-labour absorption rate. Leli zinga liyinkomba ebalulekile ngoba lisitshela ngempumelelo yomnotho wezwe ekudaleni amathuba omsebenzi enele abantu abayidingayo.
Izinga eliphezulu lisho ukuthi isibalo esikhulu sabantu abathungatha umsebenzi liyayithola. Izinga eliphansi likhomba ukuhluleka komnotho ukudala amathuba omsebenzi anele isibalo sabantu abayidingayo. Yingakho nje siphezulu isibalo sabantu abantula umsebenzi eNingizimu Afrika. Umbiko weStats SA okhishwe izolo uthe lesi sibalo sesifinyelele ku-8.4 million ekupheleni kwangoJuni kulo nyaka.
Kuzokhumbuleka ukuthi uma kubalwa abantu abathathwa ngokuthi bangabayizisebenzi akubalwa wonke umuntu okhona ezweni. Ebantwini abalinganiselwa ku-62m baseNingizimu Afrika, kuqalwa ngabantu abaphakathi kweminyaka ewu-15 newu-64, ababelinganiselwa ku-42m ekupheleni kwangoJuni kulo nyaka.
Kulesi sibalo kuhluzwa labo abangeke bathathwe njengabantu abangaba izisebenzi. Lesi sibalo besilinganiselwa ku-16m ekupheleni kwangoJuni. Phakathi kwabo esingabala abasafunda ezikoleni nabasezikhungweni zemfundo ephakeme, abakhubazekile kangangoba ngeke bakwazi ukwenza nanhloboni yomsebenzi.
Kukhona-ke nezinkunzimalanga ezasayina phansi ukuthi kungabhubha izwe kunokuthi ziyofesa esangweni lefemu.
Laba bantu abawu-16m baxube nabantu abangaphezudlwana kuka-3m abathathwa ngokuthi sebeyekile ukuthungatha amathuba omsebenzi, phecelezi discouraged workseekers. Lesi sibalo sivame ukususa impikiswano enkulu phakathi kongoti bezomnotho, ikakhulukazi labo abacwaninga ngezemisebenzi.
Impikiswano iqutshulwa wukuthi lesi sibalo sisuselwa empendulweni enikwa ngabeStats SA uma bebuza umuntu ukuthi ugcine nini ukuthungatha umsebenzi. Labo abaphendula ngokuthi sekuphele amasonto amabili nangaphezulu bafakwa kulesi sibalo.
Abaphikisana nalendlela yokuqoqa imininingwane bakhononda ngokuthi ziningi izizathu ezingenza umuntu ame ukuthungatha umsebenzi, ngaphandle kokuthi usephelelwe yithemba. Kungaba wukungabi namali yokugibela.
Kusala abantu abangaphezudlwana kuka-25m, abathathwa njengabantu abangaba yizisebenzi. Kuleli qoqo, bebengaphezulu ku-16.65m abaqashiwe, kusale abawu-8.4m abantula amathuba omsebenzi.
Lokhu kuyinkomba yezinga eliphansi lokutholakala kwamathuba omsebenzi, phecelezi i-labour absorption rate. Kusho izinga elingaphezudlwana kancane kuka-40%, okuyizinga eliphansi uma liqhathaniswa namanye amazwe asezingeni elicishe lilingane neleNingizimu Afrika, lapho lelizinga lingaphezulu kuka-60%.
Uma siphothula ngodaba lwabesifazane nokuthwala nzima kwabo ngamathuba omsebenzi, kubalulekile ukuthi uhulumeni ubabheke ngezinsiza. Phakathi kwazo kungaba amathuba okuqeqeshelwa amakhono omsebenzi nezinhlelo zokubaxhumanisa nabaqashi.
Ezokuthutha zibalulekile futhi, ikakhulukazi ezokuhamba kuze kube sebusuku kakhulu, ezishibhile futhi eziphephile. Ukuphepha kukabili. Kuhlanganisa ukuphepha kwezokuthutha qobo nokuphepha ezigebengwini.
Kubalulekile nokuhlinzeka abantu abesifazane ngamathuba omsebenzi afanele isimo sabo samakhono, ikakhulukazi njengoba besilele emuva nje emikhakheni eminingi ngenxa yomlando wezwe.
Ongoti bezomnotho bakhomba ukuthi izimboni ezinjengezokuvakasha zingadala amathuba amaningi omsebenzi angathathwa ngabantu besifazane nentsha.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/13/sebewu-8-4m-abantu-abangasebenzi-ezweni-izibalo/