UNgqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uqhamuke nezixazululo zesikhashana kwiSabelomali sayizolo. Isithombe: wu-Ashraf Hendricks/yi-GroundUp

Ukugqekeza isikoqokoqo sikagadingozi akuyixazululi inkinga yezwe – ukubhasha komnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISABELOMALI salo nyaka esethulwe izolo wuNgqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana asibekanga umgudu ocacile ngekusasa lezimali zikahulumeni. 

Umnyombo wezinkinga ngesimo sezimali yizinga eliphansi lokukhula komnotho kodwa isabelomali asicacisi ukuthi kuzoxazululwa kanjani loku.

Kunaloko uGodongwana umemezele izinyathelo zesikhashana. Esisha esokugqekeza isikhwama sikagadingozi ukuze uhulumeni uthole uR150 billion. Lesi sinyathelo singathathwa kanye kuphela.

Yebo, uhulumeni uzothola ithutshana lokuphefumula kodwa lesi sinyathelo asizukwenza mehluko kwizingqinamba ezibambezela ukukhula komnotho. Nokukhuthuza abakhokhi bentela ukuze kutholakale uR15bn wokuphesha igebe kwiSabelomali yisinyathelo sesikhashana, nokho esingagcina sibe yingqinamba ekukhuleni  komnotho. 

Kubalulekile ukukhula komnotho ngoba ingxenye enkulu yemali yeSabelomali incike emnothweni. Lapha sikhuluma ngemali yentela, ingxenye enkulu yayo emikhakha mithathu – ekhokhwa njengengxenye yemiholo, eqoqwa ezimpahleni i-VAT neyenzuzo eyenziwa izinkampani. 

Zontathu lezi zingxenye zincike ekukhuleni komnotho. Uma imali yentela ingenyuki ngezinga elifanele, uhulumeni uyaphoqeka ukuthi wandise imalimboleko. Okwesibili, isikali sobungako bemalimboleko yezwe sincike kakhulu kubungako womnotho. Kuthathwa isamba semali ebolekwe wuhulumeni sehlukaniswe ngobungako womnotho wezwe, phecelezi i-GDP.

Lesi sikali sibhekwa ngabatshalimali njengenkomba yamandla kahulumeni okukhokha inzalo nokubuyisa imali ayibolekile. Uma imali ebolekwa wuhulumeni inyuka ngezinga elingaphezu kwelokukhula komnotho, kusho ukunyuka kwesikweletu uma kuqhathaniswa nobukhulu bomnotho, okuyisimo izwe elibhekene naso.

Loku kukhomba ukuthi uma uhulumeni ufuna ukwehlisa ingxenye yomnotho wezwe elinganiswa neyezikweletu zakhe kumele unyuse izinga lokukhula komnotho. 

Okwesibili, ukukhula komnotho ngezinga eliphezulu kubalulekile ngoba kunyusa intela.

Ngakho, ingqinamba enkulu ebhekene nohulumeni yisimo somnotho, ikakhulukazi izinga lokukhula kwawo. Enkulumweni yakhe ePhalamende uGodongwana uthe izinto ezibambezela kakhulu ukukhula komnotho ukwehla kwentengo yezinto ezimbiwayo neziphathelene nokusebenza komnotho wezwe.   

Sekuyiminyaka engaphezu kwewu-15 uhulumeni eshumayela ivangeli lezinguquko ekusebenzeni komnotho. Inhloso yalezi zinguquko wukususa izingqinamba ezivimba ukukhula komnotho ngezinga elidingekayo ukuze uhulumeni uqoqe intela ethe xaxa futhi kudaleke namathuba emisebenzi amaningi ukuze kwehliswe inani labantu abangasebenzi.

Eziqavile yizingqinamba eziphathelene nokukhiqiza ugesi owanele izidingo zezwe notholakala ngaso sonke isikhathi, ukuphucula ukusebenza kukaloliwe namachweba ezweni, ukuvuselela imigwaqo yezwe ukuze ibe sezingeni eliphezulu. Ukungatholakali kukagesi owanele nangezikhathi zonke yisifo seminyaka engaphezulu kwewu-13.

Lezi zinguquko zibalulekile ekusebenzeni komnotho wezwe. Ichweba laseRichards Bay nojantshi wesitimela osuka eMpumalanga obheke kuleli chweba ubalulekile kwizimayini zamalahle ezidayisa umkhiqizo wazo phesheya. Sekuneminyaka lo layini ungasebenzi ngendlela, kangangoba abezimayini sebaphoqeka ukuthi basebenzise amaloli.

Le ndlela yokuthutha inezinkinga zayo. Phakathi kwazo singabala ukunyuka kwezindleko zokuthutha. Ngoba sidonsa izinqola eziningi ngesikhathi esisodwa, isitimela esisodwa sithwala umthamo omkhulu. Amaloli awakwazi ukukwenza loku, ngakho kudingeka kusetshenziswe amaningi ukuthwala umthamo wesitimela esisodwa. 

Ukwanda kwamaloli emgwaqweni kudala ukucinana kwezimoto nezingozi futhi kubulale imigwaqo.

UGodongwana uthe noma isibikezelo somnyango wakhe sikhomba ukuthi umnotho uzokhula kulo nyaka, u-2025 nango-2026, kodwa zisekhona izingqinamba ezikhubaza loku. Ubale isimo sikagesi, ukuthutha impahla engena ezweni nethunyelwa kwamanye amazwe noshintsho abatshalimali ababheka ngalo isimo sezimali zikahulumeni.

“Inkinga yethu wukuthi usayizi wesinako awandi masinyane ukwenela izidingo zokuthuthukisa izwe,” kusho uGodongwana.

Uma loku kuyingqinamba enkulu osekuneminyaka uhulumeni ubhekene nayo, kumele ngabe uhulumeni ulusukumela ngomfutho nesivinini esikhulu udaba lwale ngqinamba. Kepha njengoba sibalule ngenhla, akukho zimpawu zaloku. Kunaloko, izingqinamba zanda ngesivinini esikhulu. 

Izinga neziqubu zokucima ugesi nyakenye kwande kakhulu kwafinyelela ezingeni eledlule yonke le minyaka ewu-14 seloku kwaqala ukucisha ugesi.

Ukuthenga izimpahla nezinye izidingo, phecelezi, i-household expenditure, kunegalelo elikhulu ekukhuleni komnotho. Enkulumweni yakhe uGodongwana uthe behlisa ababekubikezele ngokukhula komnotho ngo-2023 ngenxa kokwehla kokuthenga izimpahla nezinye izidingo abathengi nangenxa yohlobo lwabatshalimali abandisa amathuba okukhula komnotho, phecelezi, i-fixed investment.

Lesi sitatimende sikhomba ukubaluleka kwabathengi. Yingakho nje ongoti kwezomnotho ezweni nakwamanye amazwe behlale bekala izinga lethemba kubathengi bezimpahla uma behlanganisa abakubikezelayo ngokukhula komnotho. Uma abathengi bezithola becindezelekile noma bengenathemba ngekusasa, bavame ukwehlisa inani nenhlobo yezimpahla abazithengayo.

Okwethulwe wuGodongwana kusho ukuthi isisebenzi esinyuselwe umholo kulo nyaka sizozithola singene esigabeni esiphezulu sokukhokha intela, phecelezi i-income tax bracket.  

Intela ebanjwa emholweni ikalwa njengephesenti lomholo. La maphesenti aqala ezingeni eliphansi enyuke ngezigaba ezikalwa ngesamba somholo wonyaka aze afinyelele ku-45%. 

Ukuvikela imiholo yezisebenzi uhulumeni sekuneminyaka unyusa inani lalezi zigaba ngezinga elihambisana nokwehla kwamandla emali. Uma kungenziwa loku, abakhokhintela bavuka bazithole besesigabeni esiphezulu sokukhokha intela,  itemu i-tax bracket creep

Kungaba yingozi loku ngoba kungasusa umsindo phakathi kwezisebenzi nabaqashi uma izisebenzi zithola amaphakethe emiholo emancane kunaloku ebezikulindele ngokwesivumelwano sokunyuka kwamaholo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/02/21/isabelomali-sizame-ukulungisa-eyesikweletu-sezwe-ngaphandle-kokuvala-umpompi/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page