Kuzoliwa nemicikilisho kahulumeni ekhinyabeza amabhizinisi asafufusa

UHULUMENI usumemezele olunye uhlelo ohlose ngalo ukuphucula indawo okusebenzela kuyo osomabhizinisi abancane. Ngesikhathi wethula iSabelomali saphakathi nonyaka wezimali i-Medium-Term Budget Policy Statement (i-MTBPS), umNyango weziMali uthe kuzoqeqeshwa abantu komasipala.

URamaphosa noKhongolose babhekene nenkanankana yobambiswano ngokusimama komnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane

LIKHULU ithemba ngekusasa lomnotho weNingizimu Afrika uhulumeni, oholwa wuMengameli uCyril Ramaphosa, olibeka empumelelweni yokuphatha izintambo zombuso ngokubambisana kwamaqembu epolitiki.

‘Yize sinezinto ezinqindayo kodwa iSabelomali sibeka eqhulwini izinto ezibalulekile’

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) iyamncoma uNgqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngokukhipha iSabelomali esifanele esitshengisa ukucophelela kodwa futhi siyise imali ezindaweni ezifanele ezizokhulisa umnotho ngokuhamba kwesikhathi.

Umnotho ngeke usakhula ngendlela ebilindelwe

UMNOTHO waseNingizimu Afrika sekulindeleke ukuthi ukhule ngo-1.1% kulo nyaka, esikhundleni sika-1.3% owawubikezelwe kwiSabelomali ngoFebhuwari kanti nemali esizongeniswa wuhulumeni kulo nyaka wezimali u-2024/25 sekulindeleke ukuthi inciphe ngoR17.7 billion. Loku sekunyuse nemali uhulumeni ozoshoda ngayo ngoR34.7bn.

Umgcinimafa uyoshela abatshalimali phesheya

UMNYANGO weziMali usujube i-Absa neJP Morgan ukuthi bahlele izingxoxo nabatshalimali bakwamanye amazwe ngemva kokuthula iSabelomali saphakathi nonyaka wezimali i-Medium-Term Budget Policy Statement (iMTBPS).

Kuzocaca ngesonto elizayo ukuthi uGodongwana uzowusikela umbengo ongakanani owemfundo, kuloba uJabulani Sikhakhane

UNGQONGQOSHE womNyango weziMali uMnu Enoch Godongwana uzokwethula uhlaka lwesabelomali ngesonto elizayo oluzoba ngolukuqala ngaphansi kukahulumeni ophethwe ngokubambisana ngamaqembu epolitiki aholwa yi-ANC.

Seluzoba ndawonye usizo lwamabhizinisi amancane kuhulumeni. USLINDILE KHANYILE uyabika

ZIZOHLANGANISWA izinhlaka zikahulumeni ezeseka amabhizinisi asafufusa. Lesi ngesinye sezinguquko esimenyezelwe kwiSabelomali esibheka iminyaka emithathu i-Medium Term Budget Policy Statement (iMTBPS) yango-2023.

Uhulumeni uzoluma aphephethe ngeSabelomali kule minyaka emithathu ezayo. USLINDILE KHANYILE uyabika

UHULUMENI uzonyusa isikweletu futhi kunezinhlelo azonciphisa kuzona ukubhekela izindleko zokukhuphula imiholo yezisebenzi nokwelula isibonelelo esisiza abantu abangasebenzi esethulwa ngesikhathi seCOVID-19 onyakeni wezimali wango-2023/24.

ISabelomali esijwayele ‘ukungashaywa ndiva’ singahle sithinte amanani okudla, uR350 nenkohlakalo kuhulumeni. USLINDILE KHANYILE uyabika

YIZE iSabelomali esizokwethulwa ngesonto elizayo singavamile ukuba nezimemezelo ezinqala kodwa abanye abahlaziyi bomnotho bathi sibhekwe ngabomvu ngenxa yesimo somnotho nezinkulumo ezihlongoza ukuthi uhulumeni uzonciphisa ezindaweni eziningi ukuzama ukubhalansisa izinto.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page