KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yengqungquthela yeBRICS ezobanjelwa lapha eNingizimu Afrika ngesonto elizayo.
KUNAMABHIZINISI amaningi eNingizimu Afrika afisa ukukhiqiza izimpahla nokuhlinzeka ngemisebenzi. Abantu abafisi ukukhokhela loku imali emba eqolo.
KULULA ukudangala ngenxa yezokuthutha kanti baningi abaphelelwe yithemba. Kepha imizamo yosomabhizinisi, uhulumeni nabaningi eTransnet isiqala ukuthela izithelo. Kunezindaba eziningi ezinhle esizitholile ngoJulayi.
KULELI sonto ngithanda sibheke umthetho omusha osuthanda ukusabalala obizwa ngokuthi Umthetho wama-emoji, phecelezi, Emoji Law.
YINTO enhle ukuthi iNingizimu Afrika iyingxenye yeBRICS. Kufanele uhulumeni wethu ube nobudlelwano namazwe eBRICS (okuyiBrazil, iRussia, i-India neChina). I-India neChina ikakhulukazi ngamazwe amakhulu futhi akhula ngamandla, izinkampani zase zingahlomula okukhulu kuwo.
KULELI sonto ngithanda sibheke isehlakalo esenzeke eGoli ngesikhathi kuqhuma umgwaqo kwalimala abantu, izimoto nengqalasizinda.
UMENGAMELI uCyril Ramaphosa uthembise ukuthi bazochaza ongqongqoshe namaphini abo uma kungenamnyakazo abawenzile ukusukumela izinto eziseqhulwini. Uthe uzohlangana nabo kulezi zinyanga eziyisithupha ezizayo futhi ngeke “amukele zaba nancazelo”.
KULELI sonto ngithanda ukugqugquzela wena somabhizinisi ukuthi uhlanganyele nabanye osomabhizinisi bangakini, nihlangane noma kanye ngenyanga ukuzoxoxa ngezamabhizinisi.
UYAQHUBEKA umsangano womshwalense wezempilo ezweni lonke i-National Health Insurance (iNHI) yize ubheda unjalo. Into enginesiqiniseko sayo wukuthi ngeke uholele ekuphuculeni ezempilo eNingizimu Afrika. Empeleni kunengozi yokuthi kwenzeke okubheda kakhulu.
UNYAKA uhamba ngokushesha impela, akukholakali ukuthi sesiphakathi nawo njalo. Ngesikhathi uqala unyaka, sonke sasimatasa sihlanganisa izinhlelo nezinjongo zethu zezimali.
EZINSUKWINI ezintathu ezedlule kushiswe amaloli athutha izimpahla awu-15 ezifundazweni ezintathu.
NGESONTO elizayo kuzoqala uhlelo lokuthi iPhalamende laseMelika libuyekeze ukuthi yimaphi amazwe okufanele ahlomule kwi-African Growth and Opportunity Act (i-Agoa).
Izinto ezingasiza osomabhizinisi abamnyama
SIYAKUJABULELA ukwehla kokucinywa kukagesi kodwa akusho ukuthi kufanele sisonge izandla. Indlela ugesi wethu oyiyona awukwazi ukweseka umnotho wethu.
KUBALULEKILE ukuhlelela umhlalaphansi. Ucwaningo olusha luthole ukuthi bawu-36% kuphela abantu baseNingizimu Afrika abanesikhwama somhlalaphansi.
NAMHLANJE ngithanda sibheke indaba yama-business forum asegcwele izwe lonke adle ngokuphanga imisebenzi embonini yokwakha.
UKUPHASISWA komthethosivivinyo we-National Health Insurance (iNHI) ePhalamende wumdlalo nje ongeke usiyise ndawo uhulumeni aqonde ukuwudlala.
NGITHANDA sibheke indaba yesikhungo esisha umNyango wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane ophethwe wuNgqongqoshe uStella Ndabeni-Abrahams afuna ukusethula emva kokufaka isicelo ePhalamende.
NGESONTO elidlule kuqale enye indlela entsha yokusebenzisana phakathi kosomabhizinisi nohulumeni. Emhlanganweni obuse-Union Building, izinhlangano zamabhizinisi nezikhulu eziphezulu zezinkampani ezinkulu eNingizimu Afrika zihlangane nomengameli nongqongqoshe abaningi ukubhunga ngecebo eliphuthumayo lokubhekana nezinkinga ezisixakile siyizwe.
INKULULEKO yezimali iyatholakala uma ufuna ukufunda ngayo. Kwabazimisele ukusebenza kanzima ukuyizuza kunezincazelo eziningi zokuthi isho ukuthini.
ISIFIKILE inyanga lapho izinhlelo eziningi ezenziwayo zigxila ikakhulukazi entsheni yezwe. Sonke siyazi ukuthi yiningi intsha engasebenzi, yiningi futhi intsha efundile kodwa ihleli emakhaya neziqu, imisebenzi ayikho.
OSOMABHIZINISI bakulangazalele ukubona wonke umuntu eNingizimu Afrika enomshwalense wezempilo kodwa kufanele kube yinto ezokwenziwa ngendlela esizokwazi ukumelana nayo futhi ezokwenza sikwazi ukusebenzisa izinsiza uhulumeni anazo.
NANSI indaba engithanda siyibhekisise kuleli sonto engibona sengathi osomabhizinisi abaningi abayinakile ukuthi inomphumela omkhulu ekutheni amabhizinisi abo angafinyeleli ezingeni abafisa afinyelele kulona.
IZWE lethu lidinga abantu abanamakhono bakwamanye amazwe ngokushesha kodwa uhlelo lokukhipha izimvume ezibavumela ukuzosebenza eNingizimu Afrika, phecelezi ama-visa, lwenza kube nzima ukubathola. Loku kwenza kube lukhuni ukuthi osomabhizinisi bakhulise izinkampani zabo.
KULE ngosi ngithanda sibheke udaba lwama“bhanoyi”, phecelezi ama-pyramid scheme.
CISHE asisafuniseli ukuthi nakanjani kulobu busika ugesi uzocinywa ngokwesigaba sesishiyagalombili. Ukushoda kukagesi owu-15GW kuzosibeka esigabeni sesihlanu kanti uma kuke kwakhona enye into efayo, sizokhuphukela ezigabeni ezilandelayo kusukela lapho.
UKUTHATHA imalimboleko entsha noma ikhadi lesikweletu esisha ukuze ukhokhele ezinye izikweletu zakho ezincane wukuhlanganisa izikweletu eziningi imalimboleko ibe yodwa.
KULELI sonto kunodaba olungihlabe umxhwele lwensizwa yakwaJacobs uNigel, engahlangana nayo ngonyaka odlule.
INHLOSO yeBusiness Leadership South Africa (iBLSA) wukusungula indawo enhle osomabhizinisi abangasebenzela kuyona.
NAMHLANJE ngifisa sibheke udaba lwezibalo ezintsha zabantu abangasebenzi ezweni ezikhishwe izolo.
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) isebenzela ukuqinisekisa ukuthi kunendawo efanele okusebenza kuyo osmabhizinisi. Loku kubalulekile ukuze kukhule umnotho, kutshalwe imali kube khona nemisebenzi.
NAMHLANJE kule ngosi sibheka indaba yesikweletu. Isikweletu yisimo sokuthola into manje kodwa uyikhokhele ngesinye isikhathi nenzalo ngaphezulu.
KULELI sonto ngithanda sibukisise futhi sicubungule kahle indaba yokuthi singabazali kumele sisukume sakhe ulwazi lwabantwana bethu ngamabhizinisi. Cha, loku akusho ukuthi wonke umntwana uzokhula abe wusomabhizinisi.
NGIVAMILE ukubhala ngemizamo yethu yokuphucula indawo amabhizinisi asebenzela kuyo; okungaba yizixazululo zenkinga kagesi noma ukubhekana nezinselelo esinazo ngezokuthutha.
NAMHLANJE ngithanda sibheke isasasa esilibone ezinsukwini ezedlule ngesiphuzo esisanganise abantu abaningi emhlabeni nesesinedumela naseNingizimu Afrika.
IMVAMISA kuthiwa iNingizimu Afrika inamaqhinga amahle kuphela, qha ihlulwa wukuwafeza. Yilokho okwenza singabi klamuklamu ukuloku sizwa ngamaqhinga. Nokho-ke ayadingeka.
YINI ukufunda ngezezimali kanti kungani kubalulekile ezinganeni zethu. Ulwazi lwezezimali lungachazwa njengokufunda amakhono okuphatha imali kahle futhi ukwazi ukuyihlelela kahle.
KULELI sonto ngithanda sibhekisise udaba lwe-Artificial Intelligence (i-AI) neChatGPT. Mhlawumbe abanye bayazibuza ukuthi yini kambe yini iChatGPT ngoba i-AI sake sakhuluma ngayo.
SIYAMBONGELA umengameli ngengqungquthela yabatshalimali ebe yimpumelelo ngesonto elidlule.
NGESONTO elidlule uMengameli uMnu uCyril Ramaphosa usayine ukuchibiyela umthetho okhuthaza ukuthi kunikwe bonke abantu amathuba uma kuqashwa i-Employment Equity Amendment Bill of 2020.
NJENGOBA siya eNgqungqutheleni yabaTshalimali kuleli sonto, ngikhumbula ukuthi ukuheha abatshalimali kucishe kufane nokudayisa.
KuKANGAKI uya esitolo uyothenga isinkwa kodwa ubuye uphethe inqwaba yezinto ongazidingi? Kukangaki uthi awazi wenzeni ngemali yakho, ungakwazi ukuphendula ngemali oyisebenzisile?
KULE ngosi ngithanda sixoxe ngokuhle okwenziwa ngamanyuvesi, ikakhulukazi iNyuvesi yakwaZulu-Natali.
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) isebenza ngokuzikhandla nohulumeni ukulungisa inkinga yokukhipha izimvume zabantu bakwamanye amazwe abazosebenza kuleli zwe.
BAFUNDI bale ngosi ngiyathemba nisagcinekile kuzo zonke lezi zivunguvungu esizibona zenzeka emnothweni, kwipolitiki nemvelo.
UKUKHETHA kwamabhizinisi amaningi ngoMsombuluko odlule ukuvala noma ukuthi izisebenzi zihlale emakhaya kukhombisa ukuthi ayekhathazeke kangakanani ngokuvalwa kwezwe okwakuhleliwe, okwakungaholela odlameni nasekuphazamisekeni.
KWENZA umkhuba ukubuyekeza isitatimende sakho sasebhange nyanga zonke.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yesimo esinokuzinza emiphakathini yethu. Ukuzinza kubaluleke kakhulu kabi emiphakathini yethu ngoba kwenza sihlalisane ngokuzwana.
BEKUYISIFISO ukuthi umbhikisho wangoMsombuluko ube nokuthula njengoba abantu baseNingizimu Afrika bebesebenzisa ilungelo labo. Benginethemba futhi lokuthi ngeke kube nodlame, kusatshiswe muntu futhi kucekelwe phansi izimpahla.
MFUNDI wale ngosi ngiyethemba uphephile emva kwesiteleka ebesingoMsombuluko. Kuyacaca ukuthi siyizwe sesifike esikhathini lapho singeke sisakwazi ukubekezelela ubunzima nengcindezi esiphila nako.
KUZOFANELE isukume inyakaze ikhabinethi entsha kaMengameli (uCyril Ramaphosa) uma kuwukuthi kukhona izinguquko ezoziletha.
UNAWO yini umcabango omuhle ngemali? Ukuvuselela indlela ocabanga ngayo ngemali nempilo yakho yonkana kuyinsika yempumelelo yakho kwezezimali.
KULE ngosi ngithanda sibheke umonakalo odalwe wukucinywa kukagesi okusihluphayo eNingizimu Afrika. Ngiyazi sesikhulume kakhulu ngakho.
NGESONTO elidlule ngivakashele izinkampani ezinkulu ezingamalungu ethu.
ISIMO esizithola kusona eNingizimu Afrika asisihle neze, isonto nesonto silwa izimpi ezihlukene.
MININGI imibuzo equbukayo engxoxweni esisuse umsindo ebiphakathi kukaMnu u-André de Ruyter’s noNks u-Annika Larsen we-e.tv, nathe kuyo kukhona ungqongqoshe owayazi ngezenzo zenkohlakalo.
LELI sonto lilandela lelo uNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk uNomusa Dube-Ncube ethule ngalo iNkulumo eBhekiswe esiFundazweni.
AKUKHATHALEKI ukuthi uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uzokwaba imali engakanani namhlanje ukulungisa inqwaba yezinkinga ezihlupha iNingizimu Afrika, uma uhulumeni engayiphuculi indlela okulandelwa ngayo umgomo futhi kusetshenziswe imali ngendlela efanele akukho lutho olutheni ezolwenza.
KUNEZINTO ezibalulekile okufanele uzazi ngokuphatha imali uma uqala ukusebenza.
Nazi ezintathu:
KULE ngosi ngifisa sibheke isimo esingesihle esizithola kuso eNingizimu Afrika. Minyaka yonke kunezinkampani eziningi ezidiliza izisebenzi.
ABEZINHLANGANO zamabhizinisi bazimisele ukulekelela uhulumeni kusebenzeke endaweni ezokhulisa umnotho.
NGESONTO elidlule uMengameli uCyril Ramaphosa wethule iNkulumo eBhekiswe esiZweni isizwe ebesiyibheke ngabomvu.
ISIPHAKAMISO se-ANC sokuthi kufanele kuthiwe kunenhlekelele ezweni ngenxa yenkinga kagesi simangaze abantu abaningi emaphakathini.
NGIYATHEMBA uliqale kahle mfundi walengosi isonto. Namhlanje ngithanda sibhekisise indaba yenhlalo nesimo sempilo yakho njengo somabhizinisi.
ZIYASHAQISA izibalo eziveza ukuthi iRichards Bay Coal Terminal (iRBCT) idayisele amazwe angaphandle amalahle awu-51 million tons, isikali esiphansi kunazo zonke eminyakeni ewu-30.
SEKUCACILE ukuthi inkinga kagesi ngeke ilunge maduze ngoba uhulumeni uthi kuzokwenzeka cishe emva kweminyaka emibili.
ASIKHO isibonelo esihle esitshengisa ukubambisana phakathi kukahulumeni nosomabhizinisi esidlula loku esikubona uma kuxoxiswana nosomabhizinisi bakwamanye amazwe. Imihlangano yeWorld Economic Forum (iWEF) ebingesonto elidlule iwubufakazi balokhu.
ENGOSINI edlule ngihlabe ikhwelo lokuthi sonke singosomabhizinisi kufanele sivulele uhulumeni nenkampani ephehla ugesi u-Eskom icala ngokusibulalela amabhizinisi, okuqeda imisebenzi ezweni lethu.
UMHLANGANO iWorld Economic Forum (iWEF) kuleli sonto uzohlanganisa inqwaba yosomabhizinisi nabaholi bepolitiki abazodayisa iNingizimu Afrika kubatshalimali abaqhamuka emazweni ahlukene.
ENGOSINI yanamhlanje ngifisa sikhulume kabanzi ngesimo osekuphele iminyaka ewu-15 sikusona siwosomabhizinisi – ukucishelwa ugesi mihla namalanga.
NGIYANIBINGELELA nonke bafundi bale ngosi onyakeni omusha u-2023. Kuyintokozo enkulu ukuthi nakulo nyaka sizoqhubeka nokucobelelana ngolwazi lapho sigcine khona ngonyaka odlule ngamabhizinisi.
ISIKHATHI sobumnande ekade silindelwe ngabomvu sifikile. Abantu abaningi bazothatha isikhathi baphumule bakhokhe umoya ngaphambi kokuqala konyaka omusha. Kuyishwa ukuthi lesi sikhathi sonyaka sidume ngezinhlekelele ezifana nezingozi zomgwaqo nobugebengu njengoba abantu behamba, bevakasha futhi bejabula ezweni naphasheya nabangani nemindeni.
YINI umsebenzi weBusiness Leadership South Africa (iBLSA) eNingizimu Afrika?
SESISONDELE isikhathi sokuphithizela ngaphambi kokuthi sihlukanise unyaka singene onyakeni omusha u-2023. Lona kube wunyaka ongemuhle neze kosomabhizinisi abaningi. Khumbula ukuthi siqale lo nyaka siphuma eminyakeni emibili ebimibi, neshiye osomabhizinisi abaningi beshayekile.
UKUTHOLA ibhonasi yinto ejabulisa kakhu kanti yisikhathi sokuthakasela umvozo wokuzikhandla kwakho unyaka wonke. Ibhonasi futhi yithuba lokuthi sikwazi ukwenza ebesifisa ukukwenza okudinga imali. Uma sicabanga ukusebenzisa imali kumele sicabangisise.
IZINHLANGANO zamabhizinisi ahlelekile ziphokophele ukubona iNingizimu Afrika isebenza kahle. Uhulumeni uneqhaza elikhulu ekufezeni loko.
KULELI sonto ngithanda sibheke izindlela abantu abanganciphisa ngayo ukumosha imali ngoKhisimuzi noNcibijane.
NGENKATHI abantu nezinkampani bekhombisa ukukhathalela imvelo, ukusebenzisa ubuchwepheshe obuvikela imvelo kuya ngokuya kuba yinto ebalulekile kunakuqala. Empeleni imakethe yobuchwepheshe obuvikela imvelo inani lale makethe belingaphezu kuka$10 billion ngo-2020 kanti kulinganiswa ukuthi lizofika ku-$74bn ngo-2030. Ukonga ugesi ngenye yezinto zokuqala lapho ubuchwepheshe bunganciphisa khona umphumela wabo olimaza imvelo.
UBUGEBENGU obuhleliwe buya ngokuya buba yingozi enkulu emnothweni wethu. Benza umonakalo omkhulu ngaphezu kwemigomo emibi noma ukwehluleka ukuhlinzeka abantu ngezidingo.
SESIYA emaphethelweni onyaka. Impela u-2022 awubanga muhle neze emabhizinisini amaningi abantu abamnyama. Ziningi izinto ezingahambanga kahle.
EMBANGWENI yemiholo, izinyunyana zifuna kugxilwe kuphela ezingxoxweni eziphakathi kwezisebenzi nabaqashi. Azifuni ezinye izinhlaka ezinjengomphakathi nosomabhizinisi zingenelele odabeni oluthinta amaholo.
NGEMPELASONTO edlule kuqale iNdebe yoMhlaba yebhola. Kimina kuvuke isasasa elalikhona ngenkathi lemidlalo izodlalelwa eNingizimu Afrika. Ngizibuze ukuthi ngabe mangaki amathuba ebhizinisi iQatar ewavulele osomabhizinisi bakhona, njengoba inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFIFA ithe ilindele ukwenza inzuzo ewu-$3 billion emva kwale midlalo.
NJENGOBA umhlaba wonke ugubha i-International Fraud Awareness Week, eqale mhla ka-13 kuya mhla ka-19 Novemba, kuhle ukukhumbula ukuthi amaqola angakuthola noma nini noma kuphi. Yazi okufanele ukuqaphele uma usebenzisa ubuchwepheshe.
IMBONI yethu yezezimali yiyona ehamba phambili eNingizimu Afrika. Asivamile ukukhuluma ngezinhlekelele esizigwemile uma siqhathanisa nendlela esigxila ngayo emigodini esiphonseke kuyona.
NGESONTO elidlule ngikhulume ngendaba yokwenza isiqiniseko sokuthi sibandakanya intsha kuyo yonke into esiyenzayo. Kuleli sonto ngithanda sibheke izindlela eziningi zokwakha amathuba emisebenzi ezindaweni zakithi singabantu abamnyama.
UDISEMBA ususemnyango. Uyisikhathi lapho abantu benza khona izinto ezingenamqondo ngemali abayisebenzele kanzima unyaka wonke. Yisikhathi lesi imindeni emningi esuke inemali eningi kunejwayelekile ngenxa yamabhonasi nezitok’fela.
INGQUNGQUTHELA iCOP27 eqale kuleli sonto eSharm el-Sheikh, eGhibhithe, ibalulekile kwiNingizimu Afrika.
KULELI sonto ngithanda sibheke ukuthi yimiphi imizamo esingayenza ukusiza intsha yethu ingasweli imisebenzi uma isiqede uMatikuletsheni nasezikhungweni zemfundo ephakeme.
UKUNGASEBENZI kahle kwezinhlaka zikahulumeni kuyazwela kakhulu kosomabhizinisi. Maningi kakhulu amafemu nezinkampani okuvalayo noma esezizovala unomphelo ngenxa yokungasebenzi kahle kwezinto komasipala, ngaphezu kwemiphumela emibi lokhu okuvele kunayo empilweni yabantu.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yokuxhumana okungcono eNingizimu afrika ngobuchwepheshe. Emhlabeni wonke amazwe athuthukayo kwezomnotho axhumana kangcono.
NAKUBA abatshalimali bebona iNingizimu Afrika iyindawo enhle yokutshala imali kodwa abaneme ngezinguquko ezishaya ngonyawo lonwabu. Lo myalezo ucacile esidlweni sakusihlwa iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ebisihlelele i-2020 Investment Association esisanda kubakhona.
KADE ngilalele omengameli abadala baseNingizimu Afrika besina bededelana ngezinkulumo bechaza ukuthi yini eyenza izwe lingasebenzi ngendlela okufanele ngabe lisebenza ngayo. Ngamunye ubeke uvo lwakhe ngakholwa wukuthi kuyimbangela yesimo esikuso manje.
OSOMABHIZINISI badinga imithetho eqinile elwa nokushushumbisa imali nokugadwa. Kubalulekile esithunzini sezwe nasendaweni osomabhizinisi abasebenzela kuyona ukuqinisekisa ukuthi kuyathenjwana futhi abantu baziphatha kahle.
ESIKHATHINI esiphila kusona manje, yonke into ixhumene futhi isebenza ngobuchwepheshe, yingakho ukuzivikela ngendlela efanele kwezobuchwepheshe, phecelezi i-cybersecurity, kubalulekile njengokutshala imali, ukuba namakhono ahlukene, ukuqhamuka nezinto ezintsha nokuba nabaphathi abafanele ukuze ibhizinisi liphumelele.
INKINGA ebhekene nomnotho wethu esiloku sizama ukuyilungisa nesiyenze ukuthi kuphele iminyaka intsha iswele imisebenzi futhi kwehla nemali engenayo iminyaka eyisishiyagalombili idinga ukuthi sibambisane sonke.
KULELI sonto ngithanda sibuke izinguquko ezenziwa yizinkampani emva kwesikhathi eside zihweba kunoma ngabe iyiphi imboni ezikuyona.
MNINGI umsebenzi owenziwayo ukunciphisa amathuba okuthi inhlangano elwa nokukhwabanisa imali nokunika amaphekulazikhuni imali emhlaben iFinancial Action Task Force (iFATF) iklelise iNingizimu Afrika njengezwe elingenzi kahle ukuhlonipha lo mthetho, phecelezi i-grey listing.
KULELI sonto ngithanda ukuthi sibheke indaba yokuqala ibhizinisi usukhulakhulile. Ngike ngafunda olunye udaba kwi-Forbes Magazine obelukhuluma ngocwaningo oluveze ukuthi abantu abaqala ibhizinisi sebekhulile bayaphumelela kunabaqala besebancane.
KUBE kuhle ukubona kuphothulwa izivumelwano ezintathu zomsebenzi wokukhiqiza ugesi ovuselelwayo. Ngalezi zivumelwano kuzokwengezwa ugesi ongu-420MW ozophehlwa ngomoya. Loku kuyingxenye encane yokulungisa inkinga kagesi kodwa kusho lukhulu.
<p>Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.</p>
To provide the best experiences, we use technologies like cookies to store and/or access device information. Consenting to these technologies will allow us to process data such as browsing behavior or unique IDs on this site. Not consenting or withdrawing consent, may adversely affect certain features and functions.
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes.
The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage consent