Umnotho uzosimama uma siphuthumisa izinguquko, kuloba uBusi Mavuso
NGESONTO elidlule i-International Monetary Fund (i-IMF) ishicilele ekulindele emhlabeni, okube yisikhumbuzo esidabukisayo sokuthi sikude kangakanani ekubeni nomnotho osebenza ngendlela okufanele ngayo siyizwe.
I-IMF ilindele ukuthi iNingizimu Afrika ikhule ngo-0.9% kuphela kulo nyaka, inyukele ku-1.2% odabukisayo ngo-2025. Nokho okusitshengisa kahle ukuthi lezi zibalo zimbi kangakanani wukuziqhathanisa nokulindeleke emnothweni womhlaba njengoba i-IMF ibikezela u-3.2% kulo nyaka nangonyaka ozayo.
I-Sub-Saharan Africa izokwenza kangcono kakhulu njengoba kulindeleke ikhule ngo-3.8% kulo nyaka nango-4.0% ngonyaka ozayo. Uma ungayifaki iNingizimu Afrika neNigeria, amazwe amabili ezomnotho amakhulu, lesi sifunda sizokhula ngo -4.5% nango-5.1%.
Okuvezwe yi-IMF kutshengisa izinselelo eziningi ezibhekene nomnotho wethu njengoba inkinga yezokuthutha inqinda amandla ethu okuthutha izimpahla siziyise ezimakethe zomhlaba nokushoda kukagesi okuqhubekayo kanye nokwehluleka kwengqalasizinda. Ikhathazekile nangokuthi kuzokwenzekani njengoba kuza ukhetho, okungase kuphazamise umgqigqo wezinguquko.
Kepha futhi iyavuma ukuthi izinguquko zinomphumela omuhle, ikakhulukazi ekuxazululeni izinselelo zikagesi. Inkinga wukuthi igebe phakathi kwezinguquko nezinguquko endleleni okwenzeka ngayo lingaba likhulu – kuthatha isikhathi ukuthi ukukhiqiza kuhambisane namathuba avulwa yizinguquko.
KwiBusiness Leadership South Africa (iBLSA) siyazikhandla ukuseka umfutho wezinguquko ezizovula indlela entsha yokukhula komnotho. Izinselelo zethu eziningi kusukela kwezokuthutha, ugesi nokungahlinzekwa kahle kwezidingo komasipala, zincike kwingqalasizinda.
Siyaleseka ikomidi elengamele inkinga kagesi iNational Energy Crisis Committee nekomidi elengamele inkinga yezokuthutha iNational Logistics Crisis Committee, ezinye izindlela esingenelela ngazo wukuthola izinsizakusebenza nemali ukuqinisekisa impumelelo yazo. Nokho kunesidingo esikhulu futhi esiphuthumayo sokutshala imali kwingqalasizinda kagesi kuya ezikhungweni zokuhlanza amanzi nasemigwaqweni.
Isimo sezimali sikahulumeni sisho ukuthi awunamali kanti namabhizinisi kahulumeni anezinkinga zawo zemali, nokusho ukuthi awakwazi ukuphuma ayoboleka ukuze ezotshala.
Into engasiza kungaba wukuthi imboni ezimele ilekelele ukuthola abatshalimali. Ngakho-ke, kungijabulisile ukubona imizamo yomNyango weziMali ekuqaleni kwale nyanga yokuxoxisana nemboni ezimele ngezinguquko ezinqala ozenzayo ngokusebenzisana kukahulumeni nezinkampani ezizimele.
Izinguquko, osekunesikhathi eside kuxoxwa ngazo, zizokwenza imicikilisho yalobu budlelwano ibe lula. Zizokwenza kube lula futhi kuhulumeni ukubheka iziphakamiso zalobu budlelwane ezingacelwanga.
Loko kwenza ukuthi imboni ezimele ikwazi ukuthuthukisa iziphakamiso esingaziyisa kuhulumeni ukuze kube nezivumelwano ezizoxazulula ezinye zezinselelo esibhekene nazo.
Ngithanda kakhulu ukuthi loku kunika izixazululo ezibuka ngeso elibanzi, nokubalulekile ukuqinisekisa ukuthi sibhekana ngqo nezinselelo esibhekene nazo.
Nakuba kube nomkhankaso omkhulu wokwakha ingqalasizinda eminyakeni emihlanu edlule, kusungulwa i-Infrastructure South Africa neSikhwama Sengqalasizinda, loku akuholelanga ekutshaleni kwingqalasizinda ebesikulindele.
Okunye okuzosiza wukuhlukanisa izinto ukwenza amabhizinisi nohulumeni basekhaya basebenzisane ukuxazulula izinselelo zendawo. Izinguquko ekusebenzisaneni kukahulumeni nemboni ezimele zingakwenza loku kodwa zisazodinga abaphethe kwipolitiki bahambisane naloku futhi nohulumeni ezweni lonke ukuseke ukuze nezinye izinhlaka zikahulumeni zikwamukele njengesixazululo esibalulekile kwizinselelo zengqalasizinda esibhekene nazo.
Umbiko we-IMF ubalulekile uma sibheka lapho sikhona futhi uvulana amehlo. Enye yezinselelo zepolitiki ngezinguquko ukuthi imiphumela ingathatha iminyaka ngaphambi kokubonakala. Impela, izinguquko zikagesi zangonyaka odlule zizoholela ekupheleni kokucishwa kukagesi cishe eminyakeni emibili ezayo.
Ezokuthutha zizothatha isikhathi eside kakhulu ukuze kubonakale amachweba nezitimela zisebenza kahle njengoba kwethulwa izinguquko zomthetho futhi kugcine kube noshintsho endleleni ekwakhiwa futhi ekuphathwa ngayo ingqalasizinda. Ukusebenza esikubonayo kwamanye amazwe eSub-Saharan Africa kuwumphumela wezinguquko ezineminyaka zenziwe ezigcine zithele izithelo futhi kwanemiphumela ebonakalayo emnothweni.
Kudingeka wonke umuntu akhombise ukuvuthwa emqondweni futhi kucatshangelwe izwe , ukuzibophezela nokuqhuba izinguquko ezizothela izithelo emva kweminyaka embalwa. Kodwa kufanele senze lezo zinqumo manje futhi sigxilile ekusebenziseni uma sizozuza intuthuko enkulu ekusebenzeni komnotho esikhathini eside. Ngiyathemba ukuthi izinguquko eziningi esizenzayo zisungula leso sisekelo, kodwa azanele futhi singahamba ngokushesha. I-BLSA izibophezele ekwenzeni okudinga yona.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/08/24/iyancomeka-imizamo-yomnyango-wezezimali-ezweni-kuloba-ubusi-mavuso/