Umgomo wokuhweba kufanele ugxile ekuphuculeni indlela esincintisana ngayo namanye amazwe, kuloba uBusi Mavuso
KUNGABE yimiphi imigomo yezimboni uhulumeni wobumbano azoyiqhakambisa? Ngimangazwe wucwaningo lweBhange loMhlaba obelubheka indlela iNingizimu Afrika eqhuba ngayo ekuhwebeni namazwe aphesheya oluveze ukuthi isalele emuva ekukhuliseni umnotho.
Kusukela ngo-2010, izimpahla esizidayisela amanye amazwe ziloku zehla kancane. Izinkampani ezikhonyayo ekuhwebeni ezinkulu zokumbiwayo nezemikhiqizo yezolimo, kuthi ezezimpahla ezikhiqizwayo ziyaphoxa, ikakhulukazi imboni yezimoto.
Kubhimba uhlelo nasohlangothini lwemisebenzi ebizwa ngama-service njengoba ukukhula kwayo kusalele emuva kakhulu kwamanye amazwe.
I-Lekgotla ye-ANC (isigcawu) ngesonto elidlule ithe kufanele kube nomgomo womnotho ohlanganisa ezokuthutha, ezikagesi, ukuguqula umkhiqizo wokumbiwayo nokukhulisa izimboni. Kulolo hlu, kufanele kwengezwe ubudlelwano namanye amazwe, ikakhulukazi izivumelwano zokuhweba.
Kufanele loko kulethe imigomo yezimboni ezophucula indlela esincintisana ngayo namanye amazwe ezimbonini esikhiqiza kuzo izimpahla esizidayisela amanye amazwe, okufaka nokukhulisa amabhizinisi asafufusa okungabe adayisa umkhiqizo ongaphezu kwalona kwamanye amazwe, ikakhulukazi esingomakhelwane nawo.
Enye inkinga ngomkhiqizo esiwudayisela amanye amazwe wukuwa kwezokuthutha zethu. Ukungasebenzi kahle kwamachweba nezitimela kwethu kubhebhezela inkinga yokuqhelelana kwethu namakhasimende asemazweni aseMpumalanga naseNtshonalanga, nokwenza ezokuthutha zibize kakhulu.
Nokho iBhange loMhlaba liphinde laveza ukuthi umgomo wezimboni ogxile ekwenzeni okuningi lapha ekhaya ukulimazile ukudayisela kwethu amanye amazwe futhi unyuse izindleko emakhasimendeni.
Ukuphoqa ukuthi kubenezinto ezenziwa kuleli zwe, ukukhuthaza abantu ngokusebenzisa intela, amanani, amalayisensi okuthenga izimpahla zakwamanye amazwe nokuthi kufanele kubenosomabhizinisi basezweni uma kuthengwa kungabanesandla ekwenzeni izimboni zingaqhamuki nezinto ezintsha futhi zigcine zingasakwazi ukuncintisana ngokuhamba kwesikhathi.
Amanani nje, uma singenza isibonelo ngawo, anyusa izindleko zamakhasimende asezweni abalulekile ekuhlanganisweni kwezimpahla ezikhiqizwayo, nokugcina kwenze kubelukhuni ukuthi lezo zimpahla zincintisane nezakwamanye amazwe.
Ngakho, ngokuphoqa ukuthi kubenabantu basezweni abafaka isandla, sibulala amathuba ethu okuncintisana namanye amazwe, okunqinda ukukhula kwezimboni ezikwazi ukuncintisana ngoba kuvikelwa lezo ezingakwazi. Umphumela waloko ufana nokuthi sibulalala umnotho wethu. Umbiko weBhange loMhlaba uthi asibuyekeze leli qhinga lethu ngezimboni.
Uhulumeni wobumbano unethuba lokushintsha loku bese ugxila ekwenzeni amabhizinisi aseNingizimu Afrika akwazi ukudayisela amanye amazwe.
Ungqongqoshe omusha emNyangweni wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau, uphuthumile waxoxisana nezinhlaka ezihlukene emabhizinisini.
Ujabulise nabaningi ngokuhambela eMelika, engelinye lamazwe elimqoka kwesihwebelana nawo, ikakhulukazi uma sikhuluma ngezimpahla ezisuke sezilungele ukudayiswa, ukusiza ukuyovuselela ubudlelwano beNingizimu Afrika, wanxusa amalungu ephalamende akhona ukuthi aqhubeke asivumele sihlomule kwi-African Growth and Opportunity Act (i-Agoa).
Loko kubewuphawu oluhle lokuthi ungqongqoshe uzimisele ukuvikela nokukhuthaza ubudlelwano bethu bokuhwebelana namazwe omhlaba.
Le ndlela okuqalwe ngayo kufanele uhulumeni wobumbano wakhele phezu kwayo ukuhlanganisa umgomo wezimboni nokuhweba. Lo mgomo kufanele uhlanganise indlela uhulumeni enza ngayo njengokuqinisekisa ukuthi imingcele yethu, amachweba nezitimela zinabantu abenele ukuqikelela ukuthi izimpahla zithutheka kahle.
Kufanele kuhambisane nobudlelwano bethu namazwe omhlaba ukuze sihlomule ekusebenzisaneni namanye amazwe bese siphendlela izinkampani zaseNingizimu Afrika indlela yokufinyelela kulawo makhasimende.
Imigomo yokuhweba yasezweni kufanele igxile ekwenzeni ukuthi sikwazi ukuncintisana namanye amazwe, hhayi ukuzama ukuvikela abakhiqizi basezweni kubantu abancintisana nabo bakwamanye amazwe.
Ngamafuphi, uhulumeni wethu wonke kufanele ugxile ekwenzeni izinkampani zethu zikwazi ukudayisa imikhiqizo nemisebenzi yazo kuwona wonke umuntu emhlabeni. Ukusebenzisana okuhle nabamabhizinisi kuzobaluleka njengoba sizama ukuphucula loko kuncintisana.
Njengoba ngabhala ngenyanga edlule, iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) isivele yenze iziphakamiso ezimbalwa kungqongqoshe wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana, isicelo esiqhamuke kuyena, mayelana nokuthi ingaphuculwa kanjani indlela esincintisana ngayo.
Sizimisele futhi ukuxoxisana nabanye abalingani bakhe kwikhabhinethi. Kudingeka uhulumeni wonke ubambisane ukuze uhlanganise imigomo kahulumeni wobumbano.
Ngiyathemba nonke nibe nempelasonto enhle ende ebihambisana noSuku lwaBesifazane. Lena yinyanga yokugubha imisebenzi yabesifazane ezweni lonke, kusukela kulabo abalwa nobandlululo kuye kwabaphucula umnotho wethu futhi abaqhakambisa okungenziwa ngabesifazane ukufaka isandla.
Ngibe nenhlanhla ukuhambela imicimbi embalwa ngesonto elidlule ebigxile ekuqhakambiseni imibono yabesifazane nemisebenzi yabo, okubalwa kuyo neBloomberg New She Said.
Ngikhulume nongoti besifazane mayelana nesidingo sokuthi kutshalwe imali kwingqalasizinda yamanzi neqhaza elingabanjwa yimboni ezimele ngokusebenzisana nohulumeni.


