Uhulumeni awubuyekeze indlela oseka ngayo amabhizinisi asafufusa, kuloba uNtokozo Biyela
KULELI sonto ngithanda sibheke ukuthi iyiphi indlela engcono yokusiza osomabhizinisi abancane abasabalele kulo lonke likaMthaniya.
Uma ubheka amacebo amaningi uhulumeni anawo ukuxazulula izinkinga emiphakathini yethu nokufukula amabhizinisi amancane, uzobona ukuthi kusetshenziswa indlela eyodwa kuwo wonke umuntu. Iqiniso wukuthi kunesizathu amabhizinisi echuma ezindaweni ezithile, ngakho kufanele nohulumeni ubheke ukuthi ubaxhasa ngani osomabhizinisi abasafufusa ukuze kubonakale umehluko.
Uma ngenza isibonelo. Sonke siyazi ukuthi KwaZulu-Natali kunohlobo lwamabhizinisi achuma ezindaweni ezithile futhi kunezindawo ezimila izitshalo ezithile. Siyazi sonke ukuthi kunezindawo lapho umoba ukhula khona kahle kakhulu ngenxa yesimo sezulu, kukhona nezindawo lapho kukhula khona umbila, iklabishi, ama-orintshi, umango, uphayinaphu, uwatela, amazambane, utshani bokufulela, inkwali, uhlobo lwesihlabathi oluthile njalonjalo.
Zonke lezi zinto engizibalile zinezindawo lapho ziyindathane khona ngenxa yokuthi zivunda kakhulu lapho. Futhi kunezindawo lapho othola khona ukuthi kunezokumbiwa phansi njengokotini, idayimane, igesi nokunye okuningi. Yingakho-ke kufanele ukuthi uhulumeni wesifundazwe uthi uma usiza osomabhizinisi abasafufusa uqondanise nento echuma kuleyo ndawo.
Kwabanezihlahla eziningi kumele uhulumeni uxhase osomabhizinisi abancane ngemishini yokusika nokuhluba amagxolo ezihlahleni, wakhe izindawo lapho labo abafuna ukwakha ifenisha bezokwazi ukuvula amathuba emisebenzi ngokwakha ifenisha kulezo zindawo noma uma izihlahla zitshalelwe ukukhipha amapulangwe okwakha nokufulela izindlu kufanele abantu bendawo bathole lelo khono.
Abahlala ezindaweni ezinothe ngezitshalo ezifana nomango, ama-orintshi nophayinaphu bakhelwe izimboni lapho bezokwazi ukuguqula lezo zithelo zibe yijusi.
Abahlala ezindaweni okuchuma amazambane noma iklabishi basizwe bakhelwe izindawo ezizogaya le mikhiqizo isuke endaweni isilungele ukuya emakethe, phecelezi i-agri-processing. Loku kwenza ukuthi labo somabhizinisi abancane bakhulise ikhono lokukhiqiza abebengenalo.
Akusiwona wonke umuntu okufanele ukuthi enzelwe ibhizinisi lokuthunga, i-internet café, ukubhaka, ukupheka njalonjalo. Kumele sisabalalise umqondo sibe namabhizinisi ahambisana nalezo zindawo.
Kunezindawo ezifana ne-Isimangaliso Wetland Park okunabantu abaningi abanekhono lokubaza. Loku kusho ukuthi ngokomthetho kufanele ngabe leyo ndawo sekuvulwe isikhungo sokuqeqesha noma ukusiza abantu abanekhono lokubaza ukuthi bangalithuthukisa kanjani ibhizinisi labo, bangazitholi amandla abo esedliwa ngabantu.
Kunezindawo othola okunabantu abanekhono lokwakha ubuhlalu nezimbenge zesiZulu, nakhona lapho kufanele kwenziwe izimboni ezihambisana naloko ukuthi lelo khono lichume kakhulu kubantu bendawo namabhizinisi akhona asekwe kakhulu.
Ngikushiso yini loku na? Ngikushiso wukuthi uma uke wathola ithuba lokuvakashela eChina uthola ukuthi le nto iyawasebenzela kakhulu amaShayina nomnotho wawo.
Ngike ngavakashela eChina esifundazweni esikhulu esikhiqiza izinto eziningi iGhuanghzou. Uma ufika khona uyazibonela ukuthi amaShayina anobuchule nobuhlakani obungakanani. Yonke into yakhona imi ngomumo. Kunezindawo ezikhiqiza amathelevishini kuphela, ezinye izinto zasendlini encane, ezinye okhaphethi, ezinye izinto zasekhishini, ezinye amaselula, ezinye uhlobo oluthile lwezimpahla nokunye okuningi.
Kulesiya sifundazwe uzwa sengathi uvakashela amadolobha amaningi enza izinto ezihlukene. Uma ngingenza isibonelo ngeTheku, loku kusho ukuthi uma uya eMlaza uzofica benza uhlobo olulodwa lwento, uye KwaMashu ufice benza enye, uye eMhlanga ufice benza into eyodwa, uye ePinetown, ufike benza okuhlukile, phecelezi i-specialisation.
Ngale ndlela ngicabanga ukuthi baningi osomabhizinisi esingakwazi ukubakha futhi sibafukule uma senza izinto ngayo.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting