Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ugobe uphondo ngokubamba isabelo somasipala abangaphethe kahle izimali, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

UGodongwana ushaye ungqimphotho ukuze kungaphazamiseki ukusebenza komasipala, kuloba uJabulani Sikhakhane

UNGQONGQOSHE womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana useshaye ingwijikhwebu ngesinqumo sakhe sangenyanga edlule sokugodla imali yesabelo somasipala abawu-69.

Ukwenza loku nje ebe evuma ukuthi umnyango wakhe uzonika omasipala isabelo sabo nakuba besaqhubeka nokuphula umthetho olawula ukuphatha izimali.

Ingwijikhwebu kaGodongwana kungenzeka ukuthi ilandela ingcindezi yezepolitiki kuyena, ikakhulu evela eqenjini lakhe i-ANC, njengoba iNingizimu Afrika izobanokhetho lomasipala ngoNovemba.

Ayacikizela amathuba e-ANC okuwina ukuphatha omasipala abaningi njengoba sekuneminyaka le nhlangano ihluleka ukuthuthukisa lezi zindawo.

Isinqumo sikaGodongwana esisha kungenzeka futhi ukuthi sihambisana nokuvungama kwe-Financial and Fiscal Commission (iFFC) ngokubamba isikhashana ingxenye yesabelo somasipala.

Ukuvungama kweFFC kulandelwa wukuvela kuGodongwana nomqondisi-jikelele womGcinimafa phambi kwamakomiti amathathu ePhalamemende phakathi kwangoJulayi.

I-FFC, esungulwa ngokomThethosisekelo wezwe, ibonisa iphinde yenze izethulo ePhalemende nezishayamthetho zezifundazwe nomasipala ngesimo nokuphatha izimali zikahulumeni ezweni.

I-FFC yabeka ukuthi isabelo sezimali somasipala esikhishwa wumNyango weziMali, phecelezi i-equitable share transfer, siyisisekelo sohlelo lobudlelwano bezimali phakathi kwamazinga amathathu ohulumeni – ezweni, ezifundazweni nakomasipala.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/08/ukubamba-imali-yomasipala-ngaphambi-kokhetho-kujulile-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

Yathi ungqongqoshe womNyango weziMali akanalungelo ngokomThethosisekelo wezwe lokwenza izinguquko kwi-Division of Revenue Act engabonisananga neFFC, izifundazwe nososeshini womasipala iSouth African Local Government Association.  

Umthetho wokwaba imali i-Division 0f Revenue Act, eyathulwa nephasiswa yiPhalamende njalo ngonyaka, yiyona elawula ukwabiwa kwesabelo phakathi kukahulumeni wezwe, owezifundazwe nomasipala.

Ngalo nyaka wezimali (u-2026/27), uhulumeni wezwe uzothola u-48.2% wesabelo sezimali, ohulumeni bezifundazwe bahlomule ngo-42.3%, kuthi omasipala bathole u-9.5%. Omasipala bathola ingxenye yabo kathathu – ngoJulayi (ngo-2026), uDisemba (u-2026) nangoMashi (nango-2027).

I-FFC yaphawula ukuthi umGcinimafa awunalungelo lokwengeza eminye imigomo kwi-Division of Revenue Act ngemva kokuthi lo mthetho usuphasiswe yiPhalemende. Yathi loku kungabayisinyathelo esidlula igunya elinikwe umGcwinimafa imithetho elawula ukuphatha izimali zikahulumeni.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/20/sekuthela-izithelo-ukugodla-imali-yomasipala-ugodongwana/

I-FFC yagcina ngokucela iPhalamende ukuthi licubungule isinqumo sikaGodongwana njengoba ligunyazwe yisiGaba 216 (2) somThethosisekelo nesiGaba 38 no-39) somThetho wokuPhatha iziMali zikaMasipala.

Emva kwezinsukwana iFFC icele iPhalamende, uGodongwana wavela phambi kwamakomiti amathathu alo, i-Cooperative Governance and Traditional Affairs, i-Standing Committee on Appropriations ne-Standing Committee on Public Accounts.

Isitatimende esakhishwa yiPhalamende emva kwalo mhlangano saphawula ukuthi lama komiti akhathazekile ukuthi ukubamba isabelo sezimali somasipala abawu-69 kungenza imiphakathi eminingi ingatholi izinsiza zemihla.

Usihlalo wekomiti elisingethe izindaba zomNyango wokuBusa ngokuBambisana noHulumeni beNdawo  uDkt uZweli Mkhize, wagcizelela ukubaluleka kokuthi izinyathelo zomGcinimafa kufanele zihambisane nemithetho elawula ukuphatha izimali.

Kuleli sonto uGodongwana umemezele ukuthi isinqumo sakhe zokukhipha izimali ebezibanjiwe kwenziwe ukuze kungaphazamiseki imisebenzi yomasipala.

Uqhubeke wathi umCwaningimabhuku kufanele aqinisekise ukuhambisana phakathi komsebenzi wokuqikelela ukuthi izimali zisetshenziswa ngendlela nokuthi imiphakathi ayethweswa ubunzima bokungasizakali ngenxa yokuhluleka komasipala nezikhulu zabo.

Uxwayise omasipala ukuthi uma bengenzi izinguquko ezifanele ekuphatheni izimali, umGcinimafa usengaphinda abambe ingxenye yesabelo okufanele ikhokhwe ngoDisemba nangoMashi.

Nokho isexwayiso sikaGodongwana asinasisindo njengoba kuzobanokhetho lomasipala ngoNovemba. Lolu khetho lusho ukuthi omasipala bazobanemikhandlu emisha ngoDisemba.

Uma uGodongwana engabamba isabelo okufanele sikhokhwe ngoDisemba, isenzo sakhe singabukeka njengesingaphusile ngoba singathathwa njengesethwalisa imikhandlu ijoka okungakapheli ngisho inyanga ithathe izintambo.

NangoMashi wango-2027 ngeke kubukeke kahle ukubamba isabelo somasipala ngoba imikhandlu yabo ngabe isenezinyanga eziphansi kwezintathu iphethe izintambo.

Ngamanye amazwi akukho zinyathelo ezinqala ezingalindelwa kuGodongwana nomnyango wakhe ngaphambi kokuphela konyaka wezimali zomasipala ngoJune wango-2027. Nalapho i-ANC izobe isephezu kwamalungiselelo okhetho lobuholi bayo ekupheleni kwango-2027.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page