Leli yithuba lokutshengisa ukuthi sizimisele ngempela ukulwa nenkohlakalo, kuloba uBusi Mavuso

EMINYE yemizamo esiyenzile ukulwa nenkohlakalo nokuphucula ukuziphatha kahle kosomabhizinisi wukuxhasa inyuvesi efundisa iziqu zamabhizinisi  iGordon Institute of Business Science (iGibs) ukuthi ihlanganise umqulu ozolandelwa yizinkampani zaseNingizimu Afrika ukulwa nenkohlakalo.

Ukulwa nobugebengu nenkohlakalo nokugqugquzela ukulandela umthetho ngenye yezinto eziseqhulwini kwiBusiness Leadership South Africa (iBLSA), ezidingekayo ukuphucula indawo okusebenzela osomabhizinisi kuyona.

Lo mqulu ushicilelwe ngesonto elidlule. Ususelwe kokwavela kwiKhomishini kaZondo ngonyaka odlule, uzama indlela ezosiza izinkampani zikwazi ukulwa nayo yonke inhlobo yenkohlakalo. Unika izinkampani amaqhinga okulwa nenkohlakalo. 

Lo mqingo ubuza umbuzo obalulekile: ngabe iKhomishini kaZondo izoletha ushintsho olubonakalayo endleleni okuliwa nenkohlakalo ngayo? Ngabe siyothi uma sibheka emuva eminyakeni ezayo sithi kwashintsha izinto noma kuyoba yinto nje esiyikhumbulayo njengomlando ongemuhle kuphelele lapho?

Akhona amazwe asekwazile ukushintsha izinto alwa nenkohlakalo njengeHong Kong neSingapore ngeminyaka yama-70. IRwanda ne-Indonesia yiwona mazwe asanda kuyinqoba le mpi. Sizokwazi yini ukukhuluma kanjalo ngeNingizimu Afrika?

Akubuzwa ukuthi likhulu iqhaza okufanele libanjwe yiNingizimu Afrika. Yize kuvame ukucatshangwa ukuthi inkohlakalo iqhamuka kuhulumeni, kwabalwa nosomabhizinisi abaziwayo emizamweni yokugwamanda amandla ombuso. 

Inkohlakalo ethinta izinkampani njengokwenzeka eSteinhoff, eTongaat Hulett nase-EOH yizibonelo zamabhizinisi inkohlakalo eyayijulile kuwona.

Osomabhizinisi kufanele basebenzisane ukulwa nayo. Ngeke kwenzeke uma ungekho umzamo wokukulungisa. Kepha futhi kudingeka nengalo yomthetho esebenzayo njengoba sibonile emazweni aseyinqobile inkohlakalo. 

Yingakho siyiBLSA seseka izinhlaka zomthetho ngophiko lwethu iBusiness Against Crime nangesivumelwano esinaso noPhiko lokuShushisa eZweni lonke esilulekelela ngezinsizakusebenza.

Umbiko weGibs ucaphune ezinhlakeni ezihlukene ezisetshenziswa kwamanye amazwe njenge-ISO ne-Anti bribery Convention ye-OECD ukuhlanganisa iziphakamiso izinkampani ezingayisebenzisa ukuhlanganisa imigomo elwa nenkohlakalo.

Kuneziphakamiso eziyisishiyagalombili okufanele zihlanganise umgomo wokulwa nenkohlakalo. Uma sithi qaphuqaphu ngokuthi zithini: 

  1. Umsebenzi webhodi: ukuqinisekisa ukuthi indlela okusetshenzwa ngayo ngefanele nokuvikela inkampani engcindezini eqhamuka ngaphandle ukulwa nenkohlakalo; 
  2. Ukushicilela umgomo olwa nenkohlakalo: kwenziwe lokho emphakathini okukhombisa ukuthi ayibekezelelwa inkohlakalo; 
  3. Ukuba nophiko oluzobhekana ngqo nokulwa nenkohlakalo: wuphiko lolu oluzozimela futhi luzobe lubika ngqo ebhodini; 
  4. Umgomo olwa nenkohlakalo kufanele ube nemithetho ngokukhankasa, iminikelo nemigomo ethinta indlela okukhishwa ngayo imisebenzi yemali enkulu, umsebenzi wabacwaningimabhuku bangaphakathi nokunye; 
  5. Kuvame ukubuyekeza izinto eziyingozi nendlela lezo zingozi ezishintsha ngayo indawo okusetshenzelwa kuyo nokubuyekeza ubungozi obuqhamuka nemisebenzi esuke yenziwa ngaleso sikhathi; 
  6. Iqhaza labaqhumbuza ithumbu ngenkohlakalo nendlela okufanele baphathwe ngayo okuhlanganisa nokubavikela; 
  7. Iqhaza lezinxephezelo: kufanele kube nendlela yokunquma izinxephezelo uma kukhona okonakalayo; 
  8. Izindlela ezifanele nezamukelekile zokukhankasa: uma kukhona inkampani ezokwenza okuthinta ezepolitiki kufanele kube nomgomo ocacile wokuthi ibhodi liyikhipha kanjani imvume. 

Umbiko unemininingwane ephelele ngale migomo futhi ngiyawakhuthaza amalungu ethu ukuthi awufunde futhi abheke ukuthi ingaphuculwa kanjani futhi isetshenziswe emabhizinisini awo.

Lo mbiko uthi akubanjiswane ukulwa nenkohlakalo. I-BLSA ibalulekile kulowo msebenzi futhi amalungu ethu asayina ezibophezela ekusebenzeni ngobuqotho ukulwa nenkohlakalo. 

Leso sibophezelo siyahambisana kakhulu neziphakamiso ezisembikweni weGibs. Imizamo yeBLSA yokweseka izinhlaka ezilwa nobugebengu nokuhlanganisa umqingo ongasetshenziswa ukulwa nenkohlakalo yinto eyesekwa yiwo wonke amalungu ethu.

Nokho lo mbiko unezinto ezithe xaxa othi azenziwe okuthinta ukuhlanganisa ukusungula izigcawu ezizosebenzisana ukulwa nenkohlakalo okuthinta nokubambisana ngemibiko yenkohlakalo. 

Sinamava okuhlanganisa imizamo yokulwa nobugebengu njengalona esiwenza nge-Eyes and Ears, lapho sisebenzisana khona namaphoyisa.

Sizoxoxisana ngeziphakamiso nokuthi yini esingayenza ndawonye singosomabhizinisi ukulwa nenkohlakalo.

Ngithi anginikhumbuze ukuthi iBLSA iyasebenzisana futhi yeseka uhlelo i-UN Global Compact Network South Africa 2024 Voluntary National Review (i-VNR). Kumqoka ukuthi osomabhizinisi baseNingizimu Afrika babambe iqhaza kwiVNR ukuqonda izinyathelo okufanele zilandelwe ukuze nama-Sustainable Development Goal ezoba yingxenye yendlela amabhizinisi asebenza ngayo. 

Asibambe iqhaza, kubalulekile. Ungafaka isandla ngokungena ku: https://forms.empanda.co.za/2024-vnr-participation-application-form-2/

#SAVNR2024 #SDGs #GlobalGoals #VNR

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page